zulu.1805.prez
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
WATHINTA abafazi wathinta imbokodo! Lesi siqubulo ngeminyaka yobandlululo sasigcizelela ukubaluleka kwegalelo labesimame ngesikhathi somzabalazo. Abesimame babewumgogodla wesizwe sonkana.
Nakuba sesinombuso wentando yeningi, kodwa yibo abesimame abasaqhubeka behlupheka. Izibalo eziphezulu zokudlwengulwa, amacala amaningi okuhlukumezeka emakhaya, konke kungubufakazi balokho.
Lokhu akwenzeki ezweni lethu kuphela, kodwa kulo lonke elase-Africa. Yibo abezwa usizi lwendlala, yibo okufanele babekezelele ukwehlukana namadodana abo nabayeni ngenxa yezimpi nobugebengu. Kokunye kudingeka ukuba babhekane nokuhlukumezeka emakhaya…
Ukugcotshwa kwakamumva kuka-Ellen Johnson-Sirleaf njengowesimame wokuqala ukuqokelwa esikhundleni sokuba ngumongameli - yisona sizathu sokuba abantu baseLiberia bajabule - kodwa futhi bacabange kaningi.
UBANI owake wacabanga ukuthi uguquko olunjena lungenzeka eLiberia? ILiberia yasungulwa yizigqila ezase zikhululekile zaseMelika ngo-1820 entshonalanga yakwelase-Africa phakathi kweSierra Leone, Ivory Coast neGuinea kanti ingelinye lamazwe ahlupheka kakhulu kunawo wonke emhlabeni. Ukhetho luka-October 2005 okwawina kulo uJohnson-Sirleaf kwaba ngukhetho lokuqala lwaseLiberia olwalukhululekile lungavuni muntu emva kweminyaka engu-14 yezimpi zombango. Bangaphezu kuka-200 000 ababulawa ezimpini.
Into eyayithandwa amasosha wukuba aphoqe ongubaba ukuba alale nendodakazi yakhe phambi kwawo.
Awekho amanzi ahlanzekile eMonrovia noma kuyiphi indawo eLiberia. Awukho nogesi ngaphandle kwalowo otholakala kuma-generator, azikho izingcingo zasemakhaya kanjalo nezinhlaka zokuthuthwa kwendle.
Ezweni laseLiberia uhlelo lokuvuselelwa kwe-Africa nokuzigqaja ngokuba ngumAfrica yinto okwakungelula ukuba yenzeke.
Ngeshwa elikhulu, akekho owayazi ukuthi izwe laseLiberia yilo elalizoba yisibonelo esihle kwelase-Africa empini yokulwela ukulingana ngokobulili.
Empeleni uJohnson-Sirleaf akasiye umafikizolo kwezepolitiki yaseLiberia eyingozi. Wazalwa ngo-October 1938, wafundela ukulondolozwa kwemali eMelika ngeminyaka yo1960, wazuza iziqu ze-masters kwezokuphathwa komphakathi (public administration) eHarvard University ngo-1973.
Ngesikhathi ebuyela eLiberia, waphatha isikhundla sokuba yiphini likangqongqoshe wezezimali nokwathi lapho ekhankasela esobugele (senator) ngo-1985 eLiberia, wakhuluma wagxeka umbuso wezempi wagwetshwa iminyaka eyishumi ejele. Wakhishwa emva kwesikhashana, wahamba waya ekudingisweni eKenya. Wabuyela eLiberia ngo-1997 njengochwepheshe wezomnotho esebenzela iWorld Bank.
U-Ellen waqale weseka uCharles Taylor kodwa wabuye wangahambisana naye okhethweni lobumongameli ngo-1997.
U-Ellen wathola amavoti angu-10 percent, uTaylor wathola angu-75 percent. UTaylor wabeka u-Ellen icala lokuzama ukuqumba phansi umbuso.
U-Ellen wadlala enkulu indima kuhulumeni wesikhashana sekulungiselelwa ukhetho luka-2005. Emva kokuhamba kukaTaylor, u-Ellen wathatha izintambo zokuhola i-Unity Party yaseLiberia.
NGOKHETHO luka-October wayebhekene noGeorge Weah owayeyisihlabani sebhola nosanda kuzibandakanya kwezombusazwe ngethemba lokuthi udumo lwakhe njengosaziwayo luzomsiza okhethweni.
Abantu besimame eLiberia base bekhathele udlame nokuchitheka kwegazi njengoba lokhu bakukhombisa ngokuphuma ngobuningi babo babhalisela ukuvota ngaphezu kwabesilisa.
Abesimame baseLiberia bakhombisa ukuthi bazimisele ngoguquko nokuyinto abazoyithola. “U-Ellen nguyena mholi wethu”, lawa yiwona mazwi ayebhekiswe kulona wesimame oneminyaka engu-66 ongumama wabantwana abane nongugogo wabazukulu abayisithupha.
Unabo nabalandeli besilisa. “Akubalulekile ukuthi owesilisa noma owesimame ophethe - okubalulekile wukuphatha kwabantu abanothando lwezwe labo,” kusho omunye wabalandeli bakhe. “Ngivotela u-Ellen ngoba umele ubulungiswa nokuhola uhulumeni ngokwethembeka.”
“Abesilisa bazosebenza nathi, bazosisiza ukuqopha umlando,” kusho uJohnson-Sirleaf etshela izintatheli embuthanweni owawandulela ukhetho.
Wathi isizathu sokufuna ukuba umongameli “wukubuyisa uzwelo nemizwa yomama esihlalweni sokwenga-mela” njengendlela yokupholisa amanxeba ezimpi.
Ekugcotshweni kwakhe wathi uzimisele ukusebenzela ukubuyisana ngokuba kuhulumeni wobumbano asebenzisane nalabo ababeyizimbangi zakhe.
E ZINYE zezinto okufanele azibeke phambili - osopolitiki bethu abangafunda kuzona - yimpi ebhekiswe kubadlwenguli. Emva kosuku ebekwe esihlalweni, u-Ellen wabeka imithetho enqala emisha ukunqanda ukudlwengulwa kwabesimame eLiberia.
Ayisabalwa eyokudlwengulwa kwabeminyaka engaphansi kwengu-18. Isigwebo sokudlwengula kwabantu bebaningi, sihambisana nodilika-jele.
Uma izethembiso zikaJohnson-Sirleaf zifezekile, imiphumela yazo izoba mihle kakhulu e-Africa yonkana.
Ngaphandle kokuqeda inhlupheko yabantu abangu-3 million bakuleli lizwe, ukuthula ezweni laseLiberia kuzokwenza kube khona ukuzinza okuhle kuyoyonke indawo yengabadi njengoba ukulwa kwaseLiberia kwasabalala emazweni afana noSierra Leone, Ivory Coast naseGuinea.
“Uma ukuthula kwelaseLiberia kuqhubeka, amazwe amaningi asentshonalanga ye-Africa azothola ukuphumula,” kusho omunye wezingqapheli.
Umbuzo omkhulu njengamanje ngothi ngabe uJohnson-Sirleaf uzokwazi ukufeza izethembiso zakhe? Uma enikwe ithuba, impendulo kufanele kube ngu-Yebo. Ngoba ungowesimame - sonke siyazi ukuthi abesimame bayakwazi ukwenza izinto zenzeke - ikakhulu ngaphansi kwezimo ezinzima… [z]
Lapho kuphethe khona abesimame…
Njengokusho kwenye yezintatheli, izwe lase-Africa ledlula amazwe afana noMelika kwezepolitiki ngasekulinganeni kwabobulili obehlukene - njengokuphatha kuka-Ellen Johnson-Sirleaf - ongumongameli wokuqala wesimame okhethwe ngokwentando yeningi e-Africa.
Akayena owesimame wokuqala ukuphatha izwe ngoba uRuth Sando Perry naye waseLiberia waqokwa ukuba ahole leli lizwe ngesikhathi libheke embusweni wentando yeningi.
Abesimame e-Africa basezikhundleni eziphezulu - sinoPhumzile Mlambo-Ngcuka eSA oyiphini likamongameli, eZimbabwe futhi iphini likamongameli ngowesimame uJoyce Mujuru.
Ngesikhathi umongameli Abdoulaye Wade ethatha izintambo zombuso, wakhetha uMame Boye njengongqongqoshe wokuqala wesimame eSenegal. Izwe lase-Uganda nalo lalinephini likamongameli lesimame uDkt Wandira Kagibwe.
Ngo-1980 - 1991 u-Alda Neves da Graca do Espirito Santo wayeyiphini likamongameli futhi engumongameli wesishaya-mthetho saseSao Tome nasePrincipe.
Namuhla iphini likamongameli waseGambia ngu-Aisatou N’Jie Saidy, ekubeni ungqongqoshe wesimame wokuqala waseMozambique nguLuisa Diogo, kanti nguye futhi obhekwe ukuba abe ngumongameli wezwe olandelayo.
ERwanda amaphesenti abesimame endlini yezigele angu-50 nokuyisibalo esikhulu emhlabeni.
“Akukho esikubonile kwabesilisa abebengomongameli. Into esiyibonile yizimpi, yinhlupheko nokungaqashwa kwabantu. Kufanele sizame owesimame sibone ukuthi uzosenzelani,” kusho omunye wabalandeli ba-Ellen wesilisa etshela izintatheli.
Kuningi okufanele kwenziwe ngaphambi kokuba omama bethu nogogo, amakhosikazi ethu namadodakazi, odadewethu nezintombi zethu baphephe.
Nokuphatha isikhundla esiphezulu kuhulumeni ngeke kuqiniseke ukuphepha kwakho ekuhlukumezekeni. UDkt Kagibwe oyiphini likamongameli lowesimame e-Uganda, kwadingeka ukuba ashiye isikhundla sakhe ngoba umyeni wakhe wayemshaya uma esefika ephuma emihlanganweni efuna ukwazi ukuthi ubekuphi …!
BONA ZULU – April 2006
Abesimame bahlahla indlela
Kungani izigidi zabantu baseLiberia zithi “u-Ellen nguyena mholi wethu!”…
Umongameli wesimame wokuqala
e-Afrika
KWESOBUNXELE: U-Ellen Johnson-Sirleaf ebingelela abalandeli. Wathembisa ukuletha imizwa yobumama embusweni waseLiberia.
BONA ZULU – April 2006
u
t
NGENHLA: Efungiswa njengomongameli waseLiberia.
Usethule imithetho elwisana nokudlwengula
