zulu.1803.lettersept
WINA
AMAHAMPA EZINTO ZOKUBHALA
Ewine ihampa ka-R2 500
izincwadi
Kwenzekani entsheni yethu?
ENTSHENI yaseSouth Africa ngithanda ukubuza ukuthi: Kwenzekani? Zisha ngani? Kungani kugobhoza igazi nezinyembezi kangaka? Kungani sibona ubugebengu nodlame nokufa kwabantu abasha?
Washonaphi umoya wobuntu? Kungani sidicilela phansi esakuzuza ngesikhathi sizabalazela inkululeko?
Ngezenzo zenu nangokudlala ngamathuba, nihlekisa ngamaqhawe omzabalazo.
Ngabe senilibele oSteve Biko? Ngabe senilahle ithemba lomfanyana uNkosi Johnson?
Ngabe sesilahlekelwe yilokho kubambana ngezandla? Kungani singabahloniphi abazali bethu?
Bantu abasha bezwe lethu, lwelani ikusasa eliqhakazile! Yilwani nobugebengu nezidakamizwa.
Zivikeleni kulolu bhubhane lwesifo se-HIV/AIDS. Yibani yisibonelo esihle ekuphatheni kahle abantu besimame nezingane.
Masivukeni sibambane ngezandla. Uma singakwenzi lokhu, siyobe sidicilela phansi ikusasa lezwe lethu.
Amelia Ntsube, Sebokeng
Bhala...
I-PaperMate yithuluzi elibalulekile esikhathini sanamuhla kanti ngumkhiqizo ofanele abantu beminyaka yonke.
I-PaperMate iyaqhubeka futhi ukusiza ivuselele izimpilo zabantu bakuleli ngohlelo lwayo lokufundisa - i-PaperMate Literacy Project nokuyilapho amaphesenti amathathu okuthengiswa komkhiqizo wabo enikelelwa emnyangweni wezemfundo ukuze kusizakale abantu bakwazi ukufunda nokubhala.
Abe-JEL yibo abasabalalisa
umsebenzi wabe-PaperMate.
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Zwakalisa uvo lwakho: • bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa • i-fax: 031-912-2720
• i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
BONA ZULU – September 2007
Ewine ihampa
ka-R1 500
Singenzani ukonga imali ngophethiloli?
NJENGOBA imali kaphethiloli iphezulu kangaka, omunye umbhali usanda kusibhalela ebuza ngezeluleko zokonga imali ngokwehlisa ubungako bukaphethiloli esiwusebenzisayo.
Sibone kungcono ukuba lo mbuzo siwubhekise kwabanye abafundi.
Ngakhoke, zwakalisa uvo lwakho! Sithumelele imibono yakho ngokongiwa kwemali ngophethiloli!
Izincwadi mazithunyelwe kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa.
NGICABANGA ukuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba uhulumeni ashintshe eminye imithetho ngoba sidinga kakhulu ukuvikeleka ezigebengwini.
Kubukeka sengathi bambalwa abantu abawahloniphayo amaphoyisa, nomthetho-sisekelo nohulumeni.
Ake nicabange ngemidlwembe nemigulukudu yezigebengu ehlukumeza umphakathi wethu, engasabi ukutshela eyabahlukumeza yaboshwa ukuthi izobuya izoziphindiselela - lokhu ikusho phambi kwamaphoyisa.
Kufanele kube nemithetho eyisipesheli eqinile ebhekiswe kulabo ababulala amaphoyisa.
Okuxakayo wukuthi abantu bahlale bekhala ngamaphoyisa njalo kodwa akukho noyedwa okhuluma ngobugebengu.
Ngineqiniso ukuthi asilwelanga inkululeko ukuze izimpilo zethu zidicilelwe phansi - amasela nababulali.
N Zifo, Kuilsrivier
Yisikhathi semithetho ezosebenza
u
t
Musani ukusikhohlwa!
izincwadi
Yiphuzu elihle!
KUNGANI kudingeke ukuba iziguli zime ngaphandle zilinde ukuvulwa komtholampilo? Lokhu kusanda kwenzeka kimina. Ngisho nasekuseni ngezikhathi zasehlobo, kuyenzeka kubande - cabangake ukuthi kunzima kangakanani ebusika! Abantu balinda kusukela ekuseni ngovivi - abantu abadala nomama nezingane ezigulayo…
Ngeke yini abahlengikazi basemtholampilo bahlele nonogada ukuba avule amasango ukuze abagulayo bazokuma ngaphakathi lapho kungconywana khona ukubanda?
Enye into engicabanga ukuthi kufanele ilungiswe, yilantshi nesikhathi setiye. Siyazi ukuthi nabahlengikazi bayadinga ukubamba umoya ngalezi zikhathi, kodwa kungani bonke baye kanyekanye ngesikhathi esisodwa bashiye iziguli zilindile?
ZM, Illovo
ABANTU abangama-MPs basikhumbula kuphela uma kuza ukhetho - emva kwalokho banyamalale baze baqhamuke futhi ngolunye ukhetho olulandelayo. Uma befuna amavoti ethu akukho lapho bengafiki khona ezindaweni zethu - baze bahambe nangama-4x4s ukuze bafinyelele kalula ezindaweni ezingenamigwaqo.
Benza izethembiso ngezinto abazozenza ukuthuthukisa izimpilo zethu - kodwa emva kwalokho ayikho into abayenzayo.
Minyaka yonke sihlale sizwa ungqongqoshe wezezimali, emsakazweni nakumabonakude ethi: uhulumeni uzochitha izigidi ngezigidi ukuze uthuthukise izimpilo zabantu.
Pho iyaphi yonke leyo mali njengoba singakabi namigwaqo, singenamanzi ahlanzekile nogesi ezindaweni ezisemaphandleni. Abantu abahleli ephalamende akufanele bakhohlwe abantu ababavotela bababeka kulezo zikhundla abakuzo.
Sizofika isikhathi lapho abantu bezohlakanipha khona bayeke ukunivotela.
Isakhamuzi sasemaphandleni eSouth Africa [z]
BONA ZULU – September 2007
Phansi ngocansi, phambili ngemfundo!
NGIKHATHAZWA ukukhula kwesibalo sabafundi abakhulelwayo ezikoleni abakhombisa ukukhuthalela ukuthola izingane kunokuthola imfundo.
Bafana namantombazane: musani ukuzikhohlisa nidlale ngekusasa lenu. Yisikhathi sokuba nithi ‘CHA’ ngokuya ocansini nokusebenzisa izidakamizwa. Yisikhathi sokuba nithi ‘YEBO’ emfundweni.
Masai Mpojane, Maseru
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Ntombikhona Kwebulana
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Ellen Gumede
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Teddy Gomba
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-6270 Fax: 021-531-3795
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
RNA
12 Nobel Street, Industria, 2093
Box 101, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 011-474-3575
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076 E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
