zulu.1802.Fun And Funds
Zitholele imali
ngokudla
UBONA nabeFood For Fun And Funds bakukhombisa ukuthi ungazenzela kanjani imali ngokudla
UYAZI ukuthi ungaphumelela. Unalo ikhono - uzimisele. Okudingayo wulwazi oluncane oluzokusiza uzisungulele ibhizinisi ekhishini lakho.
UBONA nabeGolden Cloud noNestlé bakulethela iFood For Fun And Funds nokuyilapho ochwepheshe bezokukhombisa ukuthi ungazakhela kanjani imali ngokupheka.
KUZOKWENZEKA KANJANI
Kulezi zinyanga ezingu-12 ezilandelayo ephephabhukwini lakho uBONA sizobe sinicobelela amaresiphi azonisiza ukuba nizenzele okumnandi eningazidayisela kona. Lawa maresiphi aseke ahlolwa ngochwepheshe bethu kanti futhi enziwe ngokwekhwalithi ephambili ngomqondo wokwenzela abantu abaningi.
Akwanele ukuba ngumpheki onohlonze nje kuphela. Uma ufuna ukuthengisa imikhiqizo yakho, kufanele ube nolwazi lwebhizinisi futhi ukuthi ungalisungula kanjani. Uchwepheshe uLluwellyn Diedricks uzonisiza nikwazi ukudweba i-business plan, nasukusunguleni ibhizinisi kusukela ekuqaleni kuze kube uzenzela inzuzo ngokulimaketha.
Ungalisika lolu lwazi ebhukwini uzigcinele lona.
AMA-WORKSHOP
Ekuhambveni konyaka, kuzokuba nama-workshop ayisithupha azobanjelwa eGold Reef City eGoli. Lapha abapheki abangochwepheshe bayonikhombisa ungayenza kanjani imikhiqizo yokudla ongazidayisela yona. Niyophinde nithole amakhophi amaresiphi enizobe niwakhonjisiwe nezinhlobonhlobo zemikhiqizo yeGolden Cloud neyakwaNestlé.
►
Isimanga sama-muffin
Kusukela kwanoshukela kuya kwayisincinti, ama-muffins kula ukuwenza nokuwafaka ezitsheni
CARROT AND RAISIN MUFFINS
Lawa ma-muffin avukumele nokuchaza ukuthi akahle
Isikhathi sokukulungisa: 20 imizuzu
Isikhathi sokukubhaka: 20 imizuzu
Kuphuma: 12 ama-muffins
□ 1 inkomishi (250ml) ufulawa
□ 1/2 inkomishi (125ml) ufulawa we-wholewheat
□ 1 isipuni (15ml) i-baking powder
□ 1/2 i-teaspoon (2,5ml) i-cinnamon emahhadla
□ ibinzana likasawoti
□ 2 amaqanda
□ 1/2 inkomishi (125ml) ushukela onsundu
□ 3/4 inkomishi (185ml) i-Ideal Milk noma ubisi
□ 1/4 inkomishi (60ml) ibhotela elincibilikisiwe noma uwoyela
□ 1 inkomishi (250ml) ukherothi ogreythiwe
□ 1/2 inkomishi (125ml) ama-raisins angenazinhlamvu
□ 1/2 inkomishi (125ml) amakinati agxotshiwe noma i-sunflower seeds
1. Gcoba ithini lama-muffin, naphezulu ukuze ama-muffin angabambeleli lapho ekhukhumala. Shisisa uhhavini ngo-180ºC.
2. Endishini sefa ufulawa, i-baking powder, i-cinnamon nosawoti.
3. Kwenye indishi shaya amaqanda noshukela.
4. Faka i-Ideal Milk nebhotela.
5. Bondela phakathi ukherothi, ama-raisins namakinati.
6. Kuthele engxubeni kafulawa (Qaphela kungahlangani kweqe.)
7. Kufake ngesipuni kwi-muffin tin ukubhake imizuzu engu-20-25.
8. Kuyeke kuphole ethinini. Kuxegise ukuphendulele kwi-wire rack.
Kungabiza: R36
I-muffin iyinye: R3
CHEESE MUFFINS
Nika amakhasimende okwehlukile ngokufaka ushizi
Isikhathi sokukulungisa: 15 imizuzu
Isikhathi sokukubhaka: 25 imizuzu
Kuphuma: 12 ama-muffins
□ 2 izinkomishi (500ml) ushizi ogreythiwe iCheddar
□ 1 inkomishi (250ml) ufulawa
□ 2 no-1/2 ama-teaspoon (12,5ml) i-baking powder
□ 1/2 i-teaspoon (2,5ml) i-dry mustard
□ 1 iqanda
□ ubisi noma i-Ideal Milk
1. Gcoba ithini lama-muffin ngemajarini, ungakhohlwa wukugcoba nangenhla ukuze ama-muffin angabambeleli uma ekhukhumala. Shisisa uhhavini ngezinga elingu-200°C.
2. Endishini hlanganisa izithako ezomile ngokuba uzigovuze. Phakathi nendawo vula isikhala.
3. Enkomishini shaya iqanda, ufake ubisi kugcwale inkomishi. Faka ingxube yeqanda ezithakweni ezomile ukuhlanganise kahle.
4. Faka ngesipuni ethinini lama-muffin, ukubhake imizuzu engu-10. Yehlisa umlilo ube ngu-180°C ukubhake eminye imizuzu engu-10-12 noma kuze kube nsunjwana kuqine.
Kubiza: R36
I-muffin ngayinye ibiza: R3
ALL-BRAN MUFFINS
Okuconsisa amathe kwamakhasimende athanda okunempilo
Isikhathi sokukulungisa: 20 imizuzu
Isikhathi sokukubhaka: 20 imizuzu
Kuphuma: 12 ama-muffins
□ 2 izinkomishi (500ml) i-All-Bran cereal
□ 1 inkomishi (250ml) ufulawa we-wholewheat
□ 1 inkomishi (250ml) i-granola cereal
□ 1 i-teaspoon (5ml) usawoti
□ 4 ama-teaspoon (20ml) i-baking powder
□ 1 no-1/2 izinkomishi (375ml) i-Ideal Milk
□ 1/2 inkomishi (125ml) imajarini encibilikisiwe
□ 2 amaqanda ashayiwe
1. Gcoba ithini lama-muffin phansi nangenhla. Shisisa ngo-200ºC.
2. Endishini hlanganisa izithako ezomile.
3. Kwenye indishi hlanganisa i-Ideal Milk, imajarini namaqanda.
4. Faka izithako ezomile engxubeni yobisi, ukuhlanganisise.
5. Ngesipuni faka le ngxube ethinini lama-muffin ukubhake imizuzu engu-20-25.
6.Kupholise ukuxegise ukukhiphele kwi-wire rack. Kuyeke kuphole.
Kubiza: R36
I-muffin ngayinye: R3
AGCINE EFRESHI
Ukugcina ukudla kufreshi, kufake ezitsheni ezivaleka ngci ezingawufaki umoya, ezingangenisi amanzi, umhwamuko, amafutha namaphunga.
Zintathu izitsha ongakhetha kuzona, nokuyinto encika kukudla ofuna ukukugcina:
Izikhwama
Lezi zilula ukusetshenziswa kanti zifanele ngisho ngabe izinto ezime kanjani. Kufanele ukhishwe wonke umoya esikhwameni ngaphambi kokusivala. Ungalokothi usebenzise izikhwama zikapulasitiki wase-supermarket - zilula kakhulu, azihlanzekile kanti kokunye zenziwa ngezinto ezingubuthi.
I-Tin foil ne-clingfilm
Lokhu ungakusebenzisa ekusongeni ukudla bese uvala nge-tape enamathelayo.
Izitsha zepulasitiki
Cishe yilona hlobo lwezitsha ezikahle. Zinkulu, ukuze ukwazi ukusebenzisa enye indawo ekhabetheni lakho, efrijini noma kwi-freezer, sebenzisa lezo eziyizikwele.
Uma ufaka ukudla, okunephunga elinamandla, ndlala i-foil kuqala. Lokhu kwenza iphunga lingabambeleli nesitsha sigezeke kalula.
Velela kulo nyaka ka-2009!
Lolu wuchunge lokuqala lwezindaba esihlose ngazo ukusiza abafundi bakaBONA bakwazi ukuzisungulela amabhizinisi abo noma bathuthukise lawo osekuvele banawo.
Masiqale ngokubheka izinto ezintathu eziwumgogodla ezidingwa yinoma iliphi ibhizinisi ukuze lisimame.
Abantu abaningi baye babone ukuphatha ibhizinisi elincane nokubheka izimali nokuqhamuka nezindlela zokulimaketha kuyinto ebenza besabe.
Kodwa lokho akudingeki kube njalo. Cabanga ngethoshi. Lihlukanise ukuze ubone ukuthi linezingxenye ezintathu: amabhethri, ithoshi uqobo (ishubhu ngamanye amazwi), nokukhanya kwelambu.
Manje cabanga ngebhizinisi:
AMABHETHRI
Ithoshi lidinga amabhethri ukuze lisebenze, ngakhoke ibhizinisi elinempumelelo lidinga umthombo onamandla ekuphatheni. Ekuhambeni kwesikhathi sizodingida ukuthi ungaba kanjani nalawo mandla nokuthi ungawasebenzisa kanjani ngendlela enobuhlakani nokuba angapheleli ezintweni ezingenamsebenzi.
ITHOSHI
Ngalokhu sichaza into ehlanganisa zonke izinto. Ithoshi liyinsimbi noma ishubhu eliyipulasitiki, uma sikhuluma ngebhizinisi, sikhuluma ngendlela owenza ngayo izinto. Sizobe futhi sidingida izindlela ezinhle zokuphatha, ukugcina amarekhodi ezindleko zakho nokuthi uyimaketha kanjani imikhiqizo yakho.
UKUKHANYA KWALO
Okokugcina yilambu elikhipha ukukhanya. Esinye sezisho zami engisithandayo wukuthi: “Ibhizinisi alinandaba nebhizinisi”. Kufanele ssazi ukuthi ibhizinisi yinto ozoziphilisa ngayo.
Ngabe lokhu kusho ukuthini empeleni? Cabanga ngokukhanya kwelambu lethoshi. Alizikhanyiseli ngokwalo, kodwa likhanyisela bonke abanye abantu abaseduze.
Osomabhizinisi banethuba lokuba banciphise ububha nendlala ezweni lethu. Ngikholwa wukuthi akusilo ilungelo lethu njengosomabhizinisi ukuba sigqame, kodwa yisibopho sethu. Kufanele sibe yisibani esikhanyisela labo abaseduze kwethu. Ngizimisele ngokunibona nivelela ku-2009.
Lluwellyn Diedericks
