zulu.1799.tapestry
BONA ZULU – December 2007
Bagubha iSouth Africa
NGEZANSI: U-Edward ungomunye wochwepheshe bezobuciko bemiphakathi engu-20 ezindaweni zasemaphandleni KwaZulu Natal naseNorth West abenza imidwebo ephanyekwa odongweni exoxa indaba ngempilo noguquko.
Izindaba zezwe lethu
U-EDWARD SETLHARE oliqhamukisa eNorth West yinsizwa engaqashiwe eneminyaka engu-21 ekhuthazwa yisibhakabhaka esiqhakazayo sikhombise impilo ebusuku nezinkanyezi ezibenyezelayo - konke lokhu kusho lukhulu osikweni lakhe lwesiTswana.
Ngesikhathi umphakathi waseTlhakgameng, phakathi kwaseVryburg nomngcele waseBotswana uqoka u-Edward nabanye ochwepheshe bezobuciko abathathu ukuba bahlobise indwangu ngobuhlalu (benze i-tapestry) nokuyinto ababefuna ukuthi ixoxe indaba yoshintsho lwaseTlhakgameng - u-Edward wenza isiqiniseko sokuthi isibhakabhaka sibakhona kule-tapestry njengophawu lwamathemba namaphupho omphakathi wendawo yangakubo.
U-Edward ungomunye wochwepheshe bezobuciko abangu 80 abaliqhamukisa emiphakathini engu-20 ezindaweni zasemaphandleni Kwazulu Natal naseNorth West ama-tapestry aphanyekwa odongweni.
Siyagubha
Ukwakhiwa kwale misebenzi eyisipesheli yezobuciko kuyingxenye yohlelo olwasungulwa eNetherlands ngokubambisana nabeMedia In Education Trust (MiET) Africa nabeminyango yezeMfundo KwaZulu-Natal naseNorth West ukugubha ukubambisana kwabo “ekuthuthukisweni komphakathi wasemaphandleni.”
Ngalokhu kubambisana, cishe izikhungo ezingu-200 zezemfundo ziyasungulwa ezindaweni ezisemaphandleni kulezi zifunda zombili, kanti nezikole ziphendulwa izikhungo zokunakekela nokuxhasa izingane nemindeni ekhungethwe wububha, i-HIV ne-AIDS.
Inhloso yokugubha intuthuko yasemaphandleni wukunika imiphakathi yasemaphandleni amathuba okuxoxa izindaba zawo ngendlela yama-tapestry enziwe ngobuhlalu.
“Sifuna ukunika abantu baseSA ithuba lokukhombisa ukuthi bangaphumelela ngokwabo ngenxa yesibindi nokuzinikela,” kusho uLynn van der Elst oyisikhulu esiphezulu kwabe-MiET Africa.
Inqubo kuzo zonke lezi zindawo zemiphakathi engu-20, wukuqalwa ngama-workshop eNorth West naKwaZulu Natal. Lawa ma-workshop anika umphakathi ithuba lokuba unike isithombe sempilo yawo yakudala, eyamanje neyesikhathi esizayo.
Umbukiso ezindaweni ezehlukene
I-tapestry ngayinye ixoxa indaba ngezithombe zalapho yenziwa khona, ababeyenza nokuthi imeleni.
Izindaba ezalungiswa yimiphakathi kulama-workshop, imiqingo eyayigcinwa amalungu amaqembu, izithombe ezazithwetshulwa ngamakhamera asetshenziswa kanye alahlwe nezindaba ezazixoxwa yizingane.
Lawa ma-tapestry aqala ukubukiswa kwiNational Cultural History Museum’s “African Window Museum” kuVisagie Street, ePitoli kusuka ngomhlaka 17 October. Emva kwezinyanga ezimbili, azoyiswa kwezinye izingxenye zezwe njengombukiso ozungezayo.
“Sikholwa wukuthi abantu abayohambela lo mbukiso bazokhuthazeka kakhulu ngabazokubona. Lena iyona ndlela yethu yokugubha intuthuko ezindaweni zasemaphandleni nesibambisene nabo kule ntuthuko,” kusho uCornelius Hacking wenxusa laseNetherlands.[z]
indaba nguMICHELLE GOVENDER
izithombe nguROY REED
KWESOBUNXELE: Lawa ma-tapestries aqala ukuba sembukisweni kwiNational Cultural History Museum’s “African Window Museum” kuVisagie Street ePitoli ngomhlaka 17 October. Emva kwezinyanga ezimbili, azohambe eboniswa nakwezinye izingxenye zezwe.
Maningi ama-tapestries akhombisa ushintsho nentuthuko eSouth Africa…
EZINGOLWENI
Njengo-Edward, uNonhlanhla Ngcongo naye nozakwabo endaweni yaseZingolweni eqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-1 000 endaweni yaseTlhakgameng - le ntokazi nethimba layo benza i-tapestry exoxa indaba kusukela odlameni nokuphalala kwegazi okwenzeka kule ndawo eminyakeni elishumi eyedlule kuza kufika esikhathini sethemba nokuthobeka kwamanxeba nokuyinto ehambisana nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi endaweni.
BONA ZULU – December 2007
