zulu.1798.yourworld_celebminis
Mahle mafishane
MARIAH CAREY
Wabona esehlile kwi-limo uMariah Carey ongumculi ukuthi i-mini yakhe yayimpintsha engakwazi nokuhamba kahle… Asimncome ngoba wafihla imilenze yakhe evame ukushiswa yilanga kakhulu. Ngabe akukho okunye anako kwi-wardrobe yakhe ngaphandle kwama-mini?
IZIHLABANI ZAPHESHEYA
EVA MARCILLE
U-Eva Pigford, okuyigama ayedume ngalo, ungambuka umfanise nomahosha kodwa njengoba awina umklomelo we-America’s Next Top Model uyakwazi ukugqoka noma yini anganakeki. Iseluleko sakhe: gqoka okungahlotshisiwe kakhulu! Asikho isidingo sokuhlobisa ingubo –lokho kwenza ibukeke kabi.
SOLANGE
Zinhle izicathulo zakhe nebhande kanti udadewabo kaBeyoncé unemilenze emihle efanelwa yisiketi se-mini. Ngabe yini emenze wafaka le bathmat e-purple? Ngabe iyiphi le sizini ayigqokele?
OGQOKE KABI
ASHANTI
Unephimbo elihle nemilenze emihle! Lo mculi uchitha isikhathi sakhe esiningi esiyenga ngomculo wakhe, kodwa asikholwa wukuthi yiwona owaheha isoka lakhe uNelly. Sisola ukuthi lahehwa yile milenze yakhe – nawe uyazibonela ukuthi mihle kanjani!
Sibabaza ubuhle
bama-mini
KERRI HILSON
Siyambongela umlisa onenhlanhla yokukubuka ukhumula. Kuqala lezi zingubo zazibizwa ngoMadonna – kodwa sinesiqiniseko sokuthi uMadonna yayingamfaneli njengalo mculi le ngubo.
Mhlawumbe kufanele siyibize ngoKerri...
OGQOKE KAHLE
CIARA
Akulula ukususa amehlo emilenzeni emihle njengalena! Kuyacaca ukuthi lo mculi obuye abe ngumdansi uyazi ukuthi unemilenze emihle kanti akanamahloni ngayo.
Nathi asinayo nencane inkinga ngayo kanti singathanda ukumupha isicoco sikaMiss Bona Sexiest Legs Ever. Sinesiqiniseko sokuthi uzoziqhenya ngalesi lesi sicoco.
GABRIELLE UNION
Le ngubo ingakuqhatha nabashayeli bamatekisi. Kungcono ngoba lesi sihlabani saseHollywood sinemali eningi ngakhoke akulula ukuthi sizithole sisenkingeni ngoba sihamba ngemoto yaso. Nathi asifuni ukubona le milenze emihle ihlukumezeka!
