ZULU.1797.beauty
Zivikele kahle elangeni
Ngabe kubaluleke kangakanani okokuzivikela elangeni- Kufanele sikusebenziseleni, nini- Lo mhlahlandlela uzokusiza...
nguCHRISTINE HAMMANN
BANINGI abantu abadidekayo uma kukhulunywa ngokuzivikela elangeni ikakhulu kwabanebala elinsundu. Khumbula ukuthi ukonakala kwesikhumba kunomthelela ekushwabaneni kwaso kanti nomdlavuza wesikhumba uyanda njengoba amazinga okushisa eya ngokuya ekhuphuka. Kusemqoka kakhulu esikhathini samanje ukunakekela isikhumba.
Imisebe yelanga
I-SPF (Sun Protection Factor) efakwa kokokuvikela isikhumba elangeni ikuvikela emisebeni yelanga ebizwa ngokuthi yi-UVA ne-UVB.
Imisebe yelanga eyande kakhulu eye-UVA kanti ingangena onqenqemeni olumboze amafu nasentweni eyingilazi. Le misebe iba khona usuku lonke kanti iba mandla ngisho nasebusika.
Imisebe ye-UVB ihlobene nokusha kwesikhumba, iba mandla entwasahlobo, ehlobo nasekwindla kanti ishisa kakhulu ekuseni nantambama.
Ikhambi
Sebenzisa okokuzivikela elangeni okungenani okuneSPF ka-15 evikela isikhumba kulezi zinhlobo zombili zemisebe yelanga. Ushaye phansi uma ucabanga ukuthi isikhumba sakho esinsundu singavikeleka lapho ufake iSPF kancane noma ungayifakile nhlobo! Nakuba isikhumba esinsundu sine-melanin eningi esivikela ekushisweni yilanga, lokho akusho ukuthi imisebe ngeke isilimaze.
Isikhumba esinsundu naso siyaba nomdlavuza kanti utholakala usudale umonakalo omkhulu.
Kuliqiniso ukuthi imisebe yelanga ihlala ikhona uma ilanga liphumile kanti kufanele usivikele isikhumba.
Ongakukhetha
Ungayisebenzisi iSPF engaphansi kuka-15. Ikuvikela ku-93% kuphela wemisebe yelanga ye-UVB. Okunye, asikho isidingo sokuba uthenge okuneSPF ka-30 (ekuvikela ku-96%). I-SPF enesibalo esithe xaxa inamakhemikhali amaningi angasizi kanti ibiza kakhulu.
Khumbula ukuthi imisebe yelanga iyangena kwezinye izindwangu kanti kungenzeka kudingeke ukuba okukuvikela elangeni ukugcobe nangaphansi ezimpahleni zokubhukuda.
Kusemqoka nokuvikela izinwele elangeni ngoba nazo zonakala njengesikhumba. Ziyaphuka zome ngokwemvelo kanti ilanga lizomisa kakhulu.
Ubuso bunakekele ngendlela onakekela ngayo umzimba wakho. Owesimame ubonakala ngezandla, umqala nesifuba ukuthi uneminyaka emingaki kanti lezi zinto azibukeki kahle uma zishiswe yilanga!
Umthetho okufanele uwugcine - phatha iSPF yakho uma uhamba uyisebenzise njalo! [z]
