zulu.1096.bec events
Ukuqala ibhizinisi ngenhloso yokulungiselela u-2010, ukongela izitokifela nokuphekela imishado.
Nini: UMgqibelo February 2, 2008
Kuphi: E-Pyramid,
96 Eloff Street Ext, Village Deep, Johannesburg.
Isikhathi: Fikani ngo-9.30am ukuze siqale ngo-10am
Imali yokungena: R50 umuntu (kukhokhwa emnyango – isihlangene neyelantshi, itiye noma ikhofi)
Umuntu uyozikhokhela ngokwakhe e-bar.
UKUZE UBHUKE:
Shayela uPuleng kule nombolo
011-883-8829 noma 011-883-8830 ngezikhathi zomsebenzi (8.30am-5pm phakathi nesonto)
Uhlelo
l Oyosithokozisa ngomculo nguKHETI
l Force Khashane – uMhleli oMkhulu kaBONA
l UMaud Motanyane – uyosicobelela ulwazi ngokutshalwa kwezimali, amasheya, ukongela izitokifela
l Imiklomelo yeMageu Number 1 Business Start-up Awards 2007
l UChina – Uyobe eseluleka ngeziphaqulo nangokugqoka uma unomzimba omkhulu
l Imishado yakwa-Aranda
l Ilantshi nokusebenzisana
l I-Bake & Cook For Profit Workshop nabeSasko Flour
l Ukuziqalela indawo yokudla kwesintu - uphakele nemishado nemingcwabo.
Izeluleko zeSasko Flour zokuziphilisa ngokudla
I-SASKO Flour ingabanye babaxhasi abakhulu bama-workshop eBONA Bake & Cook For Profit ku-2008.
Inhloso yabo wukufaka abezamabhizinisi nabaziphilisa ngokwenza ukudla, bebafaka endleleni eyiyo. Ingxenye yalawa ma-demonstration iyobandakanya ama-skopas, ama-menu asezitolo nawasema-restaurant nawasema-coffee shop, izinkulumo ezizokwethulwa abanini bama-restaurant nolwazi olunzulu ngokuphekela imishado nemingcwabo.
Amacebo ngokuthenga izinto eziningi ngesikhathi esisodwa, ukubhakela abantu abaningi.
USasko Flour uzobe ekukhombisa ukuthi lingakuphilisa kanjani ibhizinisi lokudla - ikakhulu ukubhaka.
NgeSasko Flour kulula ukwenza okubhakayo kunambitheke kamnandi.
Ibhizinisi leMageu Number 1 - yi -“Taste Of Africa”
LESI siphuzo esisakudla esinika amandla, ngalo nyaka ka-2008 sizokuba nguphathini wakho kwezamabhizinisi.
Kanjani? Emicimbini yethu kaFebruary 2008, abayofinyelela kumafayineli ngenxa yokuqokwa ngokuzisungulela amabhizinisi abo bayohlukaniselana imiklomelo ka-R50 000. I-Mageu Number 1 iyathandeka njengesiphuzo ikakhulu emicimbini yesintu, emibuthanweni yemiphakathi, emingcwabeni nakweminye imicimbi yokuhalalisela impumelelo kanjalo nasemishadweni.
Uma ungumuntu oziphilisa ngokudla, ibhajethi yakho izohamba indlela ende kakhulu ngeMageu Number 1. Ukwenza isibonelo, ungayisebenzisa iMageu Number 1 njengesiphuzo sokwamukela abantu, uyisebenzise ekubhakeni, ekwenzeni o-pudding kanjalo nasekuthokoziseni izihambeli zakho ngokumnandi okucolisekile.
Nge-strawberry liqueur ne-strawberry esifreshi nesimsulwa ungenza emnandi i-cocktail.
Enye indlela yesithathu iMageu Number 1 ezoba nguphathini wakho ngayo kwezamabhizinisi ku-2008 wukuba ikusize uziphathele ibhizinisi lakho. IMageu Number 1 ayinamafutha kanti ayinakolweni ekubeni ayinamikhiqizo yasemadeleni futhi ingumkhiqizo onezinga eliphansi le-GI. Lokho kuchaza ukuthi ikunika umdlandla kokwenzayo ukwazi futhi nokubambelela endleleni odla ngayo.
Wow…Taste Mageu Number 1, Taste The Soul of Africa! [z]
Okwaka-Aranda kwemishado
IMISHADO, imingcwabo nezitokifela, yizona zindawo lapho ungathola khona obhulankethi abantofontofo bakwa-Aranda. I-Belfiore, Touch Me, Double Suede, Finesse noma uchunge lwe-Aranda Babies – kuningi ongakhetha kukhona uma ufuna imibala yakho, amaphethini nosayizi.
Abakwa-Aranda bakhiqiza obhulankethi ababonisa okuningi okubalulekile emasikweni ahlukene. Ngakhoke uma uthengela ukulobola, umabo, umembeso noma izingubo zemicimbi yemishado yesintu, kufanele uye kwabakwa-Aranda.
Abakwa-Aranda bafakela umphakathi obhulankethi besintu nabomshado emakhosini akwelaseNingizimu ye-Africa, nasezindlovukazini kanjalo nabantu abadumile. Akukho ngisho noyedwa oyisikhulu esiphezulu, isihlabani seTV noma umculi - ubhulankethi wakhe ongakhiqizwanga ngabe-Aranda.
Uma usebhizinisini elizokungenisela imali, ungathengisa obhulankethi bakwa-Aranda. Amalungu eBONA Empowerment Club angazithengela obhulankethi bakwa-Aranda babe baningi bese ayabadayisa azitholele inzuzo.
Ukuze uthole kabanzi, shayela abakwa-Aranda eRandfontein kule nombolo 011-693-3721.
66 BONA ZULU – February 2008
IZOKWETHULWA ngomhlaka 2 February 2008 eThe Pyramid eGoli, iBONA Empowerment Club esiyenziwe kangcono ku-2008 nokungunyaka wayo wesine. Kulo nyaka ama-workshop azokwenziwa ngemiGqibelo ahambisane nesidlo selantshi nama-demonstration okufakwa kweziphaqulo nokugqokela impumelelo nolwazi ngezinhlangano zomphakathi nezitokifela ngezindlela zokwenza imali.
Inhloso yeBONA Empowerment Club wukuhlomisa abafundi bakwazi ukuzisungulela amabhizinisi angamaSMME noma bandise ulwazi lwabo ngokuxhumana nabanye.
Kuzokuba khona futhi nezindodla zemiklomelo kanjalo nezinhlelo zemisebenzi kulo nyaka.
BONA ZULU – February 2008 67
