zulu.1796.yourlifeguide_hiv
Dear Criselda
Unombuzo nge-HIV noma i-AIDS? Udidekile? Unokwesaba? Ungakhathazeki uCriselda Kananda wodumo lomsakazo neTV uphendula imibuzo yakho
Angikwazi ukuqhubeka
Ekugcineni sengithathe isinqumo sokukubhalela. Ngineminyaka engu-32, angiqashiwe, futhi ngingumama wamadodakazi amabili amahle. Kwatholakala ukuthi ngi-HIV-positive eminyakeni emithathu eyedlule. Kulapho futhi ngaqala khona ukuphuza.
Ngesinye isikhathi ngithi lapho ngibuka izingane zami ngifise ukufa ngoba ngibona ukuthi zingaphila kangcono ngaphandle kwami. Ngezinye izikhathi ngiye ngizibuke ngibone ukuthi ziyizipho ezibalulekile eziVela kuMdali.
Ngikhathele yile mpilo, ngenzenjani ukuzikhipha kulolu bishi.
Ngake ngaba ngumsizi womhlengikazi, ngazitshela ukuthi ngazi konke nge-HIV, kodwa angizange ngibone ukuthi kunzima kangakanani uma isihlasele wena.
MN, Soweto
UCriselda uphendula uthi:
Ngiyabonga! Ukubona ukuthi unenkinga, yisinyathelo sokuqala esiholela ekwelulameni.
Ngiyakubonga futhi ngokukhombisa ukuzinakekela izingane zakho.
Ungayilawula i-AIDS ngoba ingenye yezinselelo ezidinga ukuba uzinakekele.
Isinyathelo sakho sesibili esibange ekwelulameni wukuba uzitshele ukuthi ungumntwana omuhle okhaliphile noyisidalwa sikaNKULUNKULU.
UThando Lwakhe Lusho ukuthi asikho isidingo sokuba uzibone ungelutho.
Manje masikhulume ngenkinga yokuphuza kwakho. Kufanele uxhumane nabe-Alcoholics Anonymous ujoyine elinye lamaqembu abo - lifanele libe khona eliseduze kwakho.
Ukusebenzisa budedengu utshwala kuzobulala isibindi sakho ekubeni siyadingeka ekwakhekeni kwezinhlayiya ezimhlophe zegazi umzimba ozivikela ngazo ezifweni eziningi ezidala amagciwane.
Uma sekuziwa ngasemndenini wakho, bhalisa izingane zakho uzibhalisele uxhaso lukahulumeni, ulungise iCV yakho ngoba nge-profession onayo kukhona ongakwenza.
Zincome ngokuhle okwenzile!
Ngiqala kuphi?
Dear Criselda: Uma kuziwa ngasekwelapheni, angazi ngizoqala kuphi. Bengicabanga ukuthola ngisho ilabatheka njengoba sengike ngezwa iyasiza empilweni yakho uma uHIV-positive. Yini engingayenza?
ZB, Cape Town
UCriselda uphendula uthi:
Vakashela umtholampilo wangakini uthole ukwelulekwa mahhala wenziwe nokunye ukuhlolwa. Lokhu kuzokusiza ekutheni ubone ukuthi yini odinga ukuyenza ekulawuleni iHIV.
Ngolunye ulwazi, kunoMnyango wezeMpilo nobambisene nabo ochitha izigidi ngezigidi uthuthukisa izinto ezifundwayo ngezilimi ezehlukene ukuze usifundise sonke nge-HIV. Ngolunye ulwazi, shayela kule nombolo: 0800-012-322.
Ungakhohlwa - ulwazi lungamandla!
Ukuthola usizo
Dear Criselda: Uphathini wami ngoDecember kwatholakala ukuthi u-HIV positive. Akazange aluthole usizo lokwelulekwa nokwathi emva kokubonisana naye ngendlela yami, wavuma ukuba aye emtholampilo oseduze.
Esabhekana nakho lapho kwaba nzima kakhulu. Satshelwa ukuthi bamatasa abanaso isikhathi sosizo lwangasese.
Enye inkinga enginayo ngeyabe-AIDS helpline. Bafaka abantu abangenasipiliyoni ezingcingweni zabo. Ukwenza isibonelo - omunye kulolu cingo losizo wangitshela ukuthi asikho isidingo sokuphinde uhlolwe nokwaba yinto eyangethusa. Ngabe lokhu yiqiniso?
LJ, Durban
UCreselda uphendula uthi:
Umenza kanjani uphathini wakho ukuba ayokwelulekwa uma yena ezitshela ukuthi angamelana nesimo abhekene naso, kuthi okufanele bamsize bangazi lutho?
Engedlule kukhona kungifundise ukuba ngamukele isimo sabanye abantu.
I-HIV ingadida kubenzima ukuvuma uma ungenalwazi lwamaqiniso.
Siza uphathini wakho ngokuthola izincwadi nanoma yini ebhaliwe eningayifunda ndawonye mayelana nalesi simo.
Qhubeka nokumthanda lowo muntu ngaphandle kokucasuka.
Ngesipiliyoni sakho ngabe-AIDS helpline: baningi abantu abenza umsebenzi omangalisayo kwabe-helpline. Ungagxeki bonke abantu ngabantu abambalwa. Kungcono ubike labo abangasebenzi kahle kulezi zingcingo kubaphathi babo.
Ngokomhlahlandlela wezoMnyango wezeMpilo kukhona leso sikhathi lapho iHIV ingena emzimbeni wakho kodwa mhlawumbe kuthathe amasonto ambalwa kuya ezinyangeni eziyisithupha ukubonakala kokuba khona kwayo.[z]
HIV Q&A
Ngabe unombuzo?
Bhalela uCriselda kuleli kheli: HIV Q&A, Box 473014, Parklands,
2121.
Ukungadalulwa kwakho siyakuqinisekisa
PHILA NGETHEMBA
Iqala kule nyanga! UCriselda Kananda usisiza ekutheni siqonde kabanzi ngeHIV/AIDS futhi usikhombisa nokuthi singaqhubeka kanjani nempilo!
UKUPHILA neHIV kungifundise ukulibonga usuku nosuku. Okwafana nesigwebo sentambo kungesikhathi ngithola ukuthi ngiHIV-positive nokuyinto esinginike ithuba lokuzifundisa izindlela zokuphila, ukukhula nokubhekana nanoma yiziphi izingqinamba.
I"Positive Living" yaqhamuka ngesikhathi ngibona ukuthi abantu abaningi emhlabeni bayaqhubeka nokufa bebulawa yisimo esingalawuleka.
Ngabe kusho ukuthini ukuthi AIDS? Zimeleni lezi zinhlamvu zamagama?
Zimele ukuthi: Am I Doing Something?
Ngisho ngabe u-HIV-positive noma cha, nakhu okufanele sonke sizibuze kona: "Am I Doing Something (Ngabe Kukhona Engikwenzayo) ngempilo yami noma ukushintsha isimo salabo abangenalutho abangakukhetha?"
Nyanga zonke kuBONA, wena nami sizosebenza ndawonye ukubuyisa isithunzi esesintshontshwe yileli gciwane eseliwise izinkunzi.
Sizosebenza ngokubambisana ukuqeda lesi sibhicongo sabantu ngokucobelelana ulwazi.
Nakuba singekho isixazululo esisheshayo sokulungisa
lokhu, kodwake ngeke sililahle ithemba ngoba izimpi ezinkulu esibhekene nazo yilezo esizilwa ngaphakathi kithina.
ESA izigidi zabantu zi-HIV-positive - amadodana, amadodakazi, abayeni namakhosikazi - kafushane nje, abantu abafana nami nawe.
I-HIV ayishayi uhlobo oluthile lomuntu kodwa kusekhona esiye sibezwe bethi: "Ngeke kwenzeke kimina."
Lokhu wukungabi nalwazi osekwenze i-AIDS yaba yilesi silwane eyiso namuhla.
Ukwenza isibonelo: iningi labantu licabanga ukuthi i-AIDS yisifo - akusona.
I-AIDS yigama elanikezelwa ngabe Centers For Disease Control eMelika eqoqweni lezifo ezingu-29 kubandakanya i-pneumonia, TB nezinhlobo ezithile zomdlavuza.
Lezi zifo ziba yi-AIDS lapho umuntu enegciwane le-HIV.
Ngokushesha sidinga ukuyishintsha le nto esesiyiphendule yaba yi-AIDS.
Ngokuzayo kuBONA sizocaciselana ngezinto ezithinta i-HIV ne-AIDS.
Sizofunda ngama-3 Rs, okuyilawa:
Respect for self - ukuzihlonipha
Respect for others - ukuhlonipha abanye
Taking responsibility for own choices - ukuba nezibopho zezinqumo zakho.
Lena iyona ndlela yokuzinakekela kuze kuqhamuke ikhambi! Masiphileni!
WINA I-CD ka-CRISELDA
UCriselda Kananda ngumama oyisishoshovu ngokwezempilo nongumethuli wohlelo kwiMetro-FM onothando lokuletha ithemba kulabo asebe-HIV-positive ngokucobelelana nathi ngasedlule kukona yena uqobo.
UneCD ebizwa ngokuthi Positive Talk, ezokukhuthaza uphile kahle ngokuzethemba.
KuleCD ukhuluma ngokuthi kungani kubalulekile ukwazi isimo sakho, usichazela futhi namatemu ezokwelapha ahambisana ne-HIV/AIDS asibonise nezindlela zokubhekana nalesi simo. LeCD iphinde ibandakanye ingoma ethi Beautiful Woman, ekhuthaza ituse ubuhle bangaphakathi.
NgePositive Talk ungalalela umlayezo wethemba kaCriselda noma yingasiphi isikhathi.
Sibhalele usitshele indaba ekhuthazayo yokuthi uphila kanjani neHIV futhi ungaziwinela eyodwa yalawa maCD.
Ikheli lithi: Positive Stories/BONA, Box 473014,
Parklands, 2121
Le CD iyatholakala ezitolo zakwaReliable ezweni lonkana.
Ngeminye imininingwane xhumana noCriselda kwethi: info@positivetalk.co.za; fax: 086-617-5480; noma uvakashele kwiWebsite ethi: positivetalkservices.co.za.
