zulu.1792.feedback
"Ukuthi ngingakwenza,
Ukuthi ngingakwenza..."
UYAYIKHUMBULA indaba esasiyitshelwa sisakhula yesitimela esazabalaza ekukhuphukeni intaba ngenxa yomthwalo osindayo" Uma ukhuluma noSajeeda Abdool, ayikho indaba ekhuthazayo engakufikeli emqondweni. Le ntokazi ekhaliphile enomdlandla omangalisayo iliqhamukisa eMgungundlovu kanti idume kwabaningi ngokuthi uSaj.
Ngisho ngabe isimo sezulu sinjani, uSaj ugqoka izicathulo zakhe zokugijima ashaye umgwaqo njengoba neComrades Marathon isisemnyango. Akayingenelanga kanye noma kabili, kodwa izikhathi ezingu-11. Uyilungu leComrades Elite Club kanti usayiwina kathathu indondo ye-bronze eyaziwa ngokuthi yi-Bill Rowan Medal.
Nsukuzonke le ntokazi ihlale igijima njalo ngamaSonto kanti inomlandeli omkhulu engafuni nakancane ukumphoxa - umama wayo! Esikoleni samabanga aphakeme, wayekuthanda ukugijima, kodwa waxakwa wukuba yingxenye yeqembu lesikole. "Ngangehluleka wukubekezelela iqembu lami lapho izinto zingahambi kahle. Lokho kwehluleka kwami yikho engakwenza amandla empumelelo - ngaleyo ndlela ngaqala ngagijima ngoba lokhu kulele ekuzimiseleni kwami. Ngangifuna ukuphumelela ngokwami." USaj usengenele imijaho eminingi efana ne-City To City ne-Two Oceans. Uthi ukuzibekela imigomo kumsiza ngisho egijima.
Le ntokazi eyi-sales consultant yakwaSavellsFairdeal nasemsebenzini wayo ibuswa yilo mqondo.
UBONA umbuzile ngeseluleko angaba naso kumalungu e-Empowerment Club azimisele ngokuzisungulela amabhizinisi awo noma azimisele ukwenza okuthile ukushintsha impilo yawo ibe ngengcono.
"Asikho isidingo sokwesaba. Zethembe kunoma yini oyenzayo uzitshele ukuthi, ukuthi ngingakwenza. Wonke amabhizinisi anokuhle kanti ngesinye isikhathi kubuye kungahambi kahle.
"Amalungu e-Empowerment Club kufanele abe nendawo aphokophele ukufinyelela kuyona, azimisele ngalokho futhi aphumelele," kusho uSaj.
Yini okufanele siyifunde kulokhu ngamabhizinisi ethu" Bambelela ugxile ezinhlosweni zakho wenze okulindelekile ukuze ufinyelele kuzona.
Ukugijima sekwamkhanyisela ngisho nangokomqondo uSaj ezintweni eziningi. Uyakuthokozela ukuhambela izindawo okuhambisana nokugijima nokuyinto emnika ithuba lokuxhumana nokubonana nabantu abanezinhloso ezifana nezakhe.
Iningi lamabhizinisi aliphumeleli ngoba asibambeleli sigxile ezinhlosweni zethu. Izeluleko ezimbi noma ukungathembeki kobambisene naye ebhizinisini yikho okusiqeda umdlandla. Kungakhoke sine-BONA Empowerment Club - amalungu ayo angaxhumana nabanye abantu abanezinhloso ezifanayo. Lolu siko lwezamabhizinisi yilo elikhuthazwa wuSavellsFairdeal ngosizo lwe-Empowerment Club. [z]
BONA ZULU - April 2007
Thumela imingenelo kuleli kheli: BONA/SavellsFairdeal Community Builder, Box 1300, Rivonia, 2128.
NGABE uyilungu lekilabhu" Ngabe kukhona omaziyo okukhuthazayo kanye nomphakathi wakho" Uma impendulo yakho kungu-yebo kuyona yomibili le mibuzo, sithumelele isithombe salowo muntu othuthukisa umphakathi wangakini. Sitshele kabanzi ngaye nokuthi uwenzelani umphakathi.
Khumbula ukufaka imininingwane yenu nobabili esinganithinta kuyona (wena nalowo muntu othuthukisa umphakathi wangakini). Wena nalowo muntu nizibeka ethubeni lokuwina imiklomelo emangalisayo yakwaSavellsFairdeal.
