zulu.1781.summer music
ININGI lezihlabani zethu kwezomculo likhiphe izingoma ezithinta ezocansi. UTshedi weMalaika no-Unathi Nkayi oshayela uhlelo lweTV bakhiphe izingoma ezintsha zothando – kodwa uZola yena ubeke elaseSouth Africa ezingeni lamazwe omhlaba ngezingoma zakhe akhala kuzona ngokudlwengula, ukuthandana kwezihlobo nokuhlukunyezwa kwezingane.
“Ngikhulele ebuphofini kanti kuyinhloso yami ukulwa nabo. Ngifuna abantu bangawuvali umlomo uma belalela izingoma zami. Iqiniso alimnandi kodwa kumele silwe nobugebengu ukuze buphele,” kusho uZola.
Abaculi bethu baba matasa kakhulu ehlobo. Bakhipha amaCD amasha babuye babe namakhonsathi.
Abanasikhathi. UZola unamaSMS angu-1 400 kwi-cellphone yakhe kanti akakaphenduli ngisho neyodwa ngokusho kwenkampani yakhe yokurekhoda. AbakwaBONA, bathola ithuba lokuxoxisana naye.
I-albhamu yakhe entsha ethi Ibutho, inemicu engu-20 nokuyisibalo esikhulu kakhulu leso uma uyiqhathanisa ne-albhamu yakhe yokuqala iGhetto Fabulous ayikhipha ngo-2002.
“Kungithathe izinyanga eziyisishiyagalombili ukubhala imicu ekule-albhamu kulo nyaka. Ngibe nesineke. YiCD yami yesithathu lena kanti ngiyenze emqondweni nginesithombe sabantu baseSoweto abangu-4 million, lapho ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu nokuhlukunyezwa kwezingane kuyisitha somuntu.
“Abavotelanga leyo mpilo abantu, kanti izwi lami lilekelela awabo.
Engomeni ethi Mbodlomane (Pokemon), ngicula ngowesilisa osemdala othanda amantombazane amancane. Engxenyeni yesibili yaleyo ngoma le ndoda izwakala izivikela ngokuthi amantombazane azicelela leyo mpatho.
“Ukhuluma ngokubonakala kwawo emakilabhini egqoke izimpahla eziheha abesilisa bagcine sebewanike imali.
“Akaboni ukuthi naye uyimbangela yale nkinga – ungomunye wabesilisa abacekela phansi izingane bese bekhala ngokuxegelwa kwazo yizimilo kube kuyibona abanomthelela kulokho.”
UZola uyagcizelela ukuthi lokhu kuhlukunyezwa kwezingane kuqala ekhaya kanti lokho kumele kuphele.
Enye ingoma yakhe ethi uNosonka, ikhuluma ngamantombazane athengisa ngomzimba. “Intombazane engicula ngayo ayizikhethelanga le mpilo ngoba iyithanda. Ubaba wayo wayeya nayo ocansini kanti ayisayiboni indlela engaphila ngayo ngaphandle kwaleyo ekhuliswe ngayo. Wucansi kuphela abesilisa abalufuna kuyona. Bayayixhaphaza emva kwalokho baye emakhaya emakhosikazini abo. Abesilisa abagila nayo le mikhuba okumele bathweswe icala,” kusho uZola.
KWESOKUDLA: KwiMalaika kukhona, (kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla), uTshedi, Bongani noJabu.
BONA ZULU – December 2005
Isipesheli sikaBONA Somculo Wasehlobo
Ezishisayo kuleli hlobo!
Okwenziwa abaculi abangosaziwayo kuleli hlobo
indaba nguDOUG GORDON
“Lezi zingoma ngizibhale engqondweni nginesithombe sabantu baseSoweto abangu-4 million abangasebenzi, abahlushwa wubugebengu nokuhlukunyezwa kwezingane,” kusho uZola.
Isusa uhlevane
I-CD yabo entsha esihloko sithi Vuthelani yadayiswa amakhophi angu-100 000 kungakabi amaholidi kaDecember.
Umucu wokuqala odlalwa yiziteshi zemisakazo eziningi ezweni yilowo othi Muntuza ohlanyisa abalandeli baleli qembu emakhonsathini akuleli nasemazweni angomakhelwane njengakoZambia njengoba kwakwenzeka nasesihlabanini esingasekho emhlabeni esinguBrenda Fassie.
Kodwa uTshedi Mholo oyisihlabani seMalaika uphila impilo ehluke kakhulu kweyayiphilwa nguBrenda.
Wayenguthisha efundisa eSoweto kanti uzwana nokuzichithela isikhathi ekhaya eGoli kanye nendodakazi yakhe enonyaka owodwa uKamogelo. Uma kuyiwa ngasohlangothini lomculo, uTshedi uthi ugqozi lokucula waluthola kuBrenda.
Wake wacula elekelela uMa Brr, wabuye wacula nasekhwayeni esafunda.
“U-Brenda akafile emculweni waseSouth Africa,” kusho uTshedi. “Wasiphendlela indlela okumele sihambe ngayo.”
I-Malaika iqale ukucula ekhwayeni yesonto, kanti ingcwenga eshaywa nguBongani noJabu beholwa yiphimbo likaTshedi izokwenza bashiye kukhalwa.
Kulo nyaka bebecula eBritain okokuqala kanti baningi abathandi bomculo abatheleka eLondon bezobabuka beshaya iDestiny.
I-Malaika yazakhela udumo ngaleyo ngoma ekhaya.
Bazoba matasa kakhulu ngo-2006. NgoFebruary, bazobe beseLondon ngeValentine’s Day – lelo khonsathi bazolisebenzisela ukuzakhela igama e-Europe.
Ezingomeni zabo kukhona ethi Fever – nokuyingoma uTshedi athi idinga ukudanselwa ngendlela okungelula ukuba ayidansele ngayo esteji.
Kuyona kunamagama athi I really love what I’m feeling, baby – and I can’t control the fever.
“Nami ngiyaba kuleso simo,” kusho uTshedi ehleka. I-Fever sayibhala sisobathathu.
“Amagama asezingomeni zethu asuselwe ezigamekweni zangempela – siyakulalela okushiwo abantu sikuhlaziye.
“Uma abesimame bezixoxela ubezwa bethi, ‘Uma ngimbheka umzimba wami uvukwa wuhlevane – siyazi ukuthi basuke beqondeni ngalokho.”
BONA ZULU – December 2005
u
t
Isipesheli sikaBONA
Somculo Wasehlobo
BONA ZULU – December 2005
Ngabe uyaqala?
I-MY FIRST TIME ka-Unathi Nkayi ingelinye lamaqoqo ezingoma zakhe ezintsha ezizojabulisa abalandeli bakhe. Le ntokazi enguDJ weYfm ebesibuye siyibone nakwiTV yakhombisa ukuthi ingakwazi ukukhipha ingoma ehlanyisa abantu ngo-2004, ngesikhathi siyizwa icula kuSana Lwam noZola.
Emva kwalokho wathola umntwana wanyamalala emculweni.
“O-DJ engisebenza nabo babengigqugquzela bethi angikhiphe iCD yami kodwa kwaba wukuthi ngangisathuswe yimpumelelo nodumo engaluthola,” kusho yena.
“Kwakungasahambi ngendlela engangiyihlosile. Ngangifuna ukuziqhelanisa nomculo ngingawuhlanganisi nempilo yami. Ukuzalwa kwendodana yami uSinako kwenza ngahoxa kuwona.”
Umndeni usemqoka empilweni ka-Unathi; iphepha elibhalwe izingoma zakhe elingaphakathi kwiCD yakhe linezithombe zakhe esemncane ekhula e-Eastern Cape.
“Leyo naleyo ngoma yami ichaza ngendlela engiyakha ngayo impilo yami ukuze kusizakale ingane yami,” kusho yena.
Ufike eGoli eminyakeni emine edlule eneziqu zobuntatheli azithola enyuvesi yaseRhodes.
Wayethula iCastle Loud kuSABC 1, wasakaza uhlelo lwasemini kwiYfm ekanye noRudeboy Paul, wethula iSA Music awards kabili wabuye wethula uhlelo lokuvunjululwa kwamakhono kumaPop Stars kuSABC 3 ngo-2004.
Kulo nyaka ubehlabe ikhefu kwiTV ekhulisa ingane yakhe noThomas “Bad Boy T” Msengana weYfm abuye abhale nezingoma.
Uma ufunda amagama asezingomeni zakhe, uyathola ukuthi wayephatheke kahle ngesikhathi ezibhala ezizwa ephelele njengomama.
Ngesikhathi ethola ukuthi bazoba nomntwana, wabhala ingoma ethi U Make Me Happy – ayicula noHip Hop Pantsula: You kissed my soul, when your lips touched my collar bone. How did you know, that it would make my being moan.
Akagcinanga ngalowo mucu kulezo ezikhuluma ngocansi ngoba kukhona nethi Sextraordinary – eyenza zingaliboni elidlalayo izingoma ze-kwaito esesivame ukuzizwa: I’m feeling naughty, come on and hold me, won’t you touch me there? Oh, I like it, when you do that, it makes me wanna scream. [z]
“Leyo naleyo ngoma yami ichaza indlela engiyakha ngayo impilo yami ukuze kusizakale ingane yami,” kusho u-Unathi.
