zulu.1780.preg
Izidingo zengane
Bonke omama okhulumisana nabo ngalolu daba bakutshela ngezidingo zabo zezingane ezehlukene. Kudingeka futhi ubheke ukuthi lokhu okubonayo ezitolo ngabe yikho okudingwa yingane yakho. Ungakhathazeki uBONA uzokusiza ngomhlahlandlela wohlaka longakulindela
UKUGWEMA ukulokhu ubamba uyeka ekugcineni - uma uzizwa unokukhathala - qala uqoqe lezi zinto lapho uqala ukhulelwa. Lokhu futhi kuzokwenza ungakuzweli ukubiza kwazo ngoba uzoba nezinyanga eziningi uzithenga kancane kancane
Izingubo
Izingane ezizelwe zikhula ngokushesha, ngakhoke qaphela ekuthengeni izingubo eziningi zonyaka owodwa ngoba zingagcina zingasebenzanga.
Abenzi bezimpahla zezingane bayaqinisekisa ukuthi ingane yakho izizwa inethezekile ezimpahleni ezintofontofo - kodwa kungaba wumqondo ukuba nawe uzihlole ubone ukuthi ziyilungele yini ingane.
Ingaphakathi akufanele liqine noma lihhaye njengelezimpahla zabadala.
Nakhu ozokudinga:
■ 6 amavesti: 3 okungenamikhono nokungu-3 okunemikhono;
■ 2-4 ama-receiving blankets;
■ 1-2 ama-sweaters;
■ 1-2 i-shawl noma ubhulankethi kakotini;
■ 4-6 amapheya amasokisi
■ 4-6 ama-rompers
■ 5 ama-leggings nama-top asemini;
■ 2-4 ama-bib awashekayo;
■ 4 izingubo zengane zokulala noma ama-gown asebusuku.
Amanabukeni
Kukuwena ukuzikhethela:
Amanabukeni endwangu
■ 12 amanabukeni endwangu;
■ 1 iphakethe lama-wipes alahlwayo;
■ 2 izipeleti;
■ 1 iphakethe lama-liners awashekayo (ngokuthanda kwakho);
■ 5 ama-waterproof
■ Uvaselina noma ukhilimu wezinqe
■ i-pad ye-waterproof ozoyisebenzisa uma ushintsha ingane.
Amanabukeni alahlwayo
■ 2 amaphakethe amanabukeni;
■ 1 iphakethe lama-baby wipes;
■ i-waterproof pad ozoyisebenzisa uma usula umntwana.
Isikhathi sokugeza
Uzodinga:
■ ubhavu wengane wokugeza;
■ i-baby shampoo ne-lotion,
■ i-surgical spirits ne-cotton wool (yokugeza inkaba);
■ ibhrashi lengane nekamu;
■ insipho yengane;
■ 2-4 amathawula engane
■ umshini wengane wezinzipho.
Isikhathi sokudla
Uzodinga:
■ 6-8 amabhodlela: amancane (125ml) kuqala, amakhulu (250ml) ezinyangeni ezingu-3 (uzokudinga lokhu ngisho ngabe umncelisa ibele);
■ ibhakede elincane elinesivalo ongalisebenzisa lapho ugeza amabhodlela;
■ i-formula uma ungamncelisi ibele
■ i-bottle warmer noma ujeke wepulasitiki;
■ iphampu yamabele;
■ ibhrashi lamabhodlela. [z]
Indaba: Smangele Zuma
INGANE YAKHO
UNGAKHOHLWA
Kubalulekile ukuwasha izingubo zengane yakho ngaphambi kokuba izigqoke. Lokhu kuzothambisa indwangu yazo kuzenze zibe ntofontofo.
OKUDINGA UKUPHATHWA OMAMA UMA BEYA ESIBHEDLELA
Njengabaningi bethu, nawe mhlawumbe kungenzeka ubelethele esibhedlela sikahulumeni - nokuyilapho kufanele uye khona uzilungiselele. Nakhu okufanele kube sesikhwameni sengane yakho:
Okwengane
■ 6-8 amanabukeni alahlwayo (nokuyinto encika empilweni yengane yakho ngoba kungenzeka ukhishwe ngalo lelo langa obelethe ngalo; uma udinga amanabukeni amaningi umndeni wakho ukulethele lapho uzokubona).
■ 1 indwangu yengane yokugeza (wenzele ukumsula - ukumgeza ungamgeza kahle ekhaya);
■ ama-baby wipes (ngokuthanda kwakho);
■ uvaselina
■ izingubo zokuphindela ekhaya (nezinye ozozigcina uma kwenzeka lezi ezinye zingcola);
■ i-bathing oil nekamu.
■ 1 i-receiving blanket.
Okwakho
■ 1 i-gown nozokugqoka usulala;
■ ama-slippers;
■ indwangu yokugeza nethawula;
■ insipho;
■ izingubo zokuphindela ekhaya;
■ ama-sanitary towels;
■ ama-breast pads.
