zulu.1094.stars2
IZINKANYEZI ZAKHO
UKUPHATHELENI UNYAKA OZAYO
usuku lwakho lokuzalwa lusho lukhulu ikakhulu ngezezimali, ukuxhumana nabantu, okuphathelene nomndeni, uthando, impilo nomsebenzi. Uzozednzela imali eningi, kodwa futhi uzoyisebenzisa kakhulu.
Uzokhuthazeka ngezinhlelo ezintsha zamabhizinisi ukwazi futhi ukuzithuthukisa ngokuba uxhumane nabantu abalusizo.
Umndeni wakho njengakweminye ejwayelekile, uzobhekana nesimo sobunzima kanjalo nesihle. Intokozo yothando izokuba yingxenye yempilo yakho.
Ukusebenza kwakho kuzokuba nembuyiselo nakuba kuzokube kugqilaza. Nakuba empilweni ungazizwa uphile ngokwanele, kodwa kokwenzayo uzoziphoqelela empumelelweni.
BONA ZULU July 2008
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Sukuma ngokushesha uma amathuba omsebenzi nawezomcebo ekuvelela. Lokhu kuzokwenza ukuba uphumelele ezinhloswedni zakho.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Uzokuba nezinhlanhla ngenxa yobungani. Uma umqondo uwusebenzisa ngokuhluzekile , lesi kuzoba yisikhathisempumelelo.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Isibindi nokuzethemba kuzokwenza uphumelele. nAbambe ngazo zombili amathuba akuvelelayo nazokwenza uphumelele.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Yisikhathi sokuba ukwazi ukuzakhela inzuzo ukwazi nokonga imali yakho. Vula amehlo uzuze usebenzise imali ngokonga.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Yisikhathi sokuthola izindaba ezimnandi. Ukuxhumana kwakho nabantu kuzokwenza uzakashe kakhulu.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Chitha isikhathi esiningi uzihlalele ekhaya lakho kamnandi. Kungakuthokozisa ukuzihlalela nabathandiweyo bakho. Ungazichithekla isizungu ngezincwadi, ezobuciko nomculo.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Bheka okusha ongakwenza ukuzichithela isizungu. Yisikhathi sezinhlanhla nokuyilapho uzozuza lukhulu ngenxa yokutshala izimalik.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Umsebenzi uyakhula uyakuphoqa kanti futhi kukhona okusha okufanele ukwenze. Uzophumelela kunezimbangi zakho.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Yiba nesineke uma ubambiswano. Ungavuselela uthando oludala futhi ujike uthokozele isikhathi nabangani bakudala.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Manje yisikhathi sokubeka ukwesaba eceleni, uhlele izinto ezintsha wenze nezinguquko. Qhubekela phambili ngokubambelela kokuhlelile.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Ulwazi ozoluthola luzokusiza uphumelele ezinhlelweni zakho. Uzophumelela kuzona singakafiki isikhathi sazo. Uzoqhanyukelwa amathuba amahle okuphumela.[z]
EPHRAIM MATSILELE “JOMO” SONO
13 July 1955
CANCER
(June 22 – July 22)
