zulu.1775.parenting
Umhlahlandlela wabazali ekwenzeni izinto kahle
Ukuvakashela emtholampilo
UKUVAKASHELA njalo emtholampilo iyona ndlela yokwazi ukuthi kwenzekani empilweni yengane yakho wazi nangezinto ezingaba yingozi kinina nobabili nomntwana.
Ngelanga udokotela akuqinisekisa ngalo ukuthi ukhulelwe, uzokwenzela i-appointment yokuyoxukuzwa. Izikhathi ovakashela khona ngazo zincika emlandweni wakho wokwelashwa nasezinkingeni ohlangabezana nazo ukhulelwe.
Omama abaphilile, asebake baba nezinkinga bekhulelwe bathathwa njengabangekho engcupheni bese kudingeke ukuba bayoxukuzwa izikhathi ezimbalwa.
Uma usuwake waba nezinkinga zokukhulelwa phambilini - njenge-blood pressure - kufanele uvakashele udokotela njalo.
Esimweni esijwayelekile, uzovakasha izikhathi ezimbili emtholampilo esigabeni sokuqala bese uya kanye emasontweni amane kuye kufike esontweni lika-36, kulandele ukuya kanye njalo esontweni lesibili ingane ize izalwe.
Udokotela wakho uzoxoxisana nawe ngokukhulelwa, akubuze ngempilo yakho, ikheli nokunye okungaba yizinkinga okungenzeka ube nazo.
Uzohlola ukuqhubeka kwesimo sokukhulelwa nokukhula kombungu. Lokhu kubandakanya ukukalwa kwakho nokukalwa kobukhulu besisu ukuze kubonakale ukukhula komntwana, kuhlolwe ne-blood pressure yakho nomchamo.
Uzohlola nosayizi wengane ukuze akunike nosuku angacabangela ukuthi ungabeletha ngalo. Ekuhambeni kwesikhathi sokukhulelwa, uzobheka indlela ingane ehleli ngayo ngaphakathi ngoba mhlawumbe kungadingeka ubelethe ngokusikwa.
Okunakekelayo uzokubhukela ukuba uzohlolwa futhi uma ebona izinkinga eziningi. Uma konke kuhamba kahle, uzokutshela ukuthi yini okumele uyilindele kusukela lapho akubhukele okunye ukuhlolwa okulandelayo.
BONA ZULU - July 2006
Ukunakekela impilo yakho kungaqiniseka ukubeletha okuphephile, nokuyisizathu odokotela nababelethisayo beluleka abazobeletha ukuba baye koxukuzwa...
Okomama nobaba....
Khuluma ngezinkinga zakho
Uma kukhona okukukhathazayo - ngesikhathi uyoxukuzwa, kulapho ungazethula khona izinkinga zakho. Udokotela noma obelethisayo bazoyiphendula imibuzo yakho ngentokozo ngokukhulelwa kwakho baphinde babheke noma yiziphi izimpawu zokukhathazeka ukuze bakhulule umqondo wakho...
nguNONHLANHLA KHUMALO
Izeluleko zokonga isikhathi kubazali abamatasa
Hlela kusekude. Bhala ipulani ozothenga ngayo. Esikhundleni sokuya ezitolo njalo, khetha usuku olulodwa esontweni, noma enyangeni lapho uzothengela zonke izidingo zakho. Enza uhlu ukuze kungabikho okushiyayo.
Funda ukuthi cha. Ungavumi noma yini ngaphandle kokuba unesikhathi sokwenza leyo nto. Uma umakhelwane noma umngani efuna ukuba umsize, kodwa ungenaso isikhathi, ithi cha kukhona omatasa ngakho. Ukuvuma izinto ongenasikhathi sazo kungakudalela i-stress.
Cela izingane zikusize. Nika izingane zakho imisebenzi yasendlini. Izingane ezincane zihlale zizimisele ngokusiza, ngakhoke ezindala zingawasha izitsha emva kokudla zihlanze nezindlu zazo zokulala.
Zama indlela ezolandelwa. Ungadla isidlo sasebusuku ngesikhathi esithile, lapho kungakahlwi kakhulu ukuze kube khona isikhathi sokuhlanza indlu nesokwenza i-homework, kanti nezingane zingasheshe zilale ukuze nawe ube nesikhathi sakho.
UTHI UBUWAZI?
Ukunika ingane encane ushukela, kungayidalela ukuba ithande okunoshukela, kanti ukufaka usawoti ekudleni kwayo kungadala umonakalo ezinsweni zayo ezingakakulungeli ukugaya usawoti!
BONA ZULU - July 2006
Ulikhetha kanjani igama eliyilo lomntwana...
Ukukhetha igama lomntwana kungenzeka kungabi lula. Nakhu okungakusiza...
P Cabanga ukubizeka kwalo. Limemeze kakhulu ubone ukuthi liyahambisana yini nesibongo.
Isibongo eside singahambisana kahle kakhulu negama elifishane noma kube yigama elide nesibongo esifishane.
P Thola ukuthi lisho ukuthini. Uma uthanda igama lolimi ongalazi noma ongalukhulumi, kungcono ubonisane nomuntu owazi lolo limi.
Thola ukuthi lisho ukuthini. Ngisho ngabe igama lingelolimi lwakho, thola ukuthi lisho ukuthini ngezinye izilimi ngaphambi kokuliqamba umntwana.
P Cabanga ama-initials (iziqalo zamagama). Qiniseka ukuthi awapeleki ngendlela ezophoxa umntwana azithole sebemhleka esikoleni. Bhala phansi igama, igama eliphakathi nesibongo ubone ukuthi akufundeki ngendlela engezwani.
P Gwema amagama ezihlabani. Ukuqamba ingane yakho ngesihlabani kungaba yinkinga ekuhambeni kwesikhathi, uma leso sihlabani sesingasadumile.
P Ungazami ukuthokozisa abanye abantu. Uma wena nophathini wakho nilithokozela igama elithile, hambisanani nalo.
u
t
Ngabe ingane yami isikulungele ukudla okuqinile?
Ukuziphatha kwengane yakho makukulawule...
SONKE siyazi ukuthi empilweni yengane kuye kufike isikhathi lapho ubisi lulodwa lunganele. Kodwa njengokuba umzali omusha, ngesinye isikhathi kunzima ukubona ukuthi ingane yakho isikulungele yini ukudla okuqinile. Isikhathi esihle salokhu esezinyanga eziyisithupha, kodwa akusho ukuthi zonke izingane ziyefana.
Qaphela ukuziphatha komntwana wakho. Uzokwazi ukuthi usekulungele uma...
lEsekwazi ukumisa ikhanda lakhe: Ukumnika okuqinile ngaphambi kokuba enze lokhu, kungamenza axheleke kalula.
lEhlale elambile: Uma ibhodlela lilodwa lingamenelisi. Lokhu uzokubona ngokuba alokhu efuna umnike ukudla njalo ngezikhathi zasemini noma mhlawumbe aze avuke phakathi kobusuku efuna ukudla.
lEkhombisa ukukuthanda ukudla: Kuthi lapho eseqala ukubamba ukudla kuwena nakunoma ubani okhona, kungenzeka usekulungele ukudla kwakhe. Gwema ukumnika okudlayo ngoba lokho kungamdalela ukuba kube khona okumalayo, kungcono umnike ukudla kwezingane (baby food).
Izingane akulula ziyeke amabhodlela azo. Ngakhoke, nakuba ingane yakho isifuna ukudla, kodwa isalifuna ibhodlela layo futhi. Lokhu kulungile, ngaphandle kokuba ingane yakho isindala, isingaphezu konyaka ingakufuni ukudla ngenxa yebhodlela.
Uma unenkinga yokuyekisa ingane yakho ibhodlela, inike ubisi ngenkomishi - lokhu kuzosiza ekutheni iyeke umkhuba wayo. Enza nokudla kwayo kubukeke kuthokozisa.
BONA ZULU - July 2006
Okomama nobaba....
Kuze kufinyelele ezinyangeni eziyisithupha, izidingo zokudla zomntwana wakho zibhekelwa wubisi lwebele. Ukunika ingane yakho ukudla kwezingane ngalesi sikhathi, kungadala ukuba kube nokudla engakuthandi, noma okungezwani nayo, kuyenze ilunywe ihlale ikhala njalo.
Kukhona nokunye ukudla, ngisho nasemva kwale minyaka, okungayenza kube khona engakuthandi. Lokhu kungenxa yokuthi umgudu wokudla wengane yakho awukaqini ngokwanele ukumelana nokunye. Kodwa lokhu kudla ungayinika kona lapho isikhule ngokwanele.
lUbisi lwenkomo: Izingane eziningi ezincane zi-lactose intolerant, okusho ukuthi azikwazi ukuthola oshukela abasobisini.
lAmakinati: Noma yikuphi ukudla okuqukethe amakinati, kufanele izingane zinikwe kona emva kweminyaka emithathu uma umndeni wakho unomlando wokudla okuthile ongezwani nakho. Noma yiluphi uhlobo lwamakinati, kufanele lunikwe izingane esezineminyaka engaphezu kweyisikhombisa ngoba zingabambeka emphinjeni.
lUju: Lunezimbotshana ezingadala ukukhwingxeka ezinganeni, zibe nezinkinga ekuphefumuleni kuze kudingeke ukuba zelashwe.
Ukudla okungezwani negazi lakho
u
t
Ukumelana nolaka
NGESIKHATHI izingane zifunda ngokwenzeka emhlabeni, ziyakudinga ukukhalinywa umama nobaba ezintweni ezimbi nezinhle, eziphephile neziyingozi. Uzothola ukuthi ingane kungenzeka ingathokozi lapho uthi ayiyeke ukwenza okuthile. Ngaleyo ndlela ikhombisa ukudinwa - ikhale, imemeze ize ikhahlele.
Uma ufaka izingane zakho endleleni, kufanele uqiniseke ukuthi lokho akuziphathi kabi emoyeni noma akuzilimazi emzimbeni. Kukhona nezinye izindlela zokubhekana nalezi zinkinga ngaphandle kokuthethisa ingane yakho noma uyishaye.
Njengomzali kufanele ubone izinto ngeso ingane yakho ezibuka ngalo. Lokhu kuzokusiza wazi ukuthi yini okuyidalela ulaka.
Ukudinwa, nokwesaba nokuyinqabela kwakho ezintweni eziningi kungayenza ibe nolaka.
Esikhundleni sokuyithethisa uyesabise ngokuyithembisa induku, zama ukukhuluma nayo kahle. Kungenzeka ikutshele ukuthi yini eyicasulayo. Uma ikutshela kufanele uyiphendule ngokuba uyixoxele indaba ngowakwenza ngesikhathi nawe usemncane lapho usesimweni esifana nesayo.
Ngesinye isikhathi ukukhuluma ngeke kuze kudingeke, ikakhulu uma ingane yakho ikhala imemeza ijikijela nezinto.
Kungabuhlungu ukuzwa ukukhala kwayo, kodwa ukuyiphendula ngokuyithethisa ngeke kusize. Iqaphele ukuze uqiniseke ukuthi ayizilimazi ngesikhathi yenza konke lokhu. Esikhathini esingangomzuzu konke lokhu kuzokwehla iqale ikhale bese nawe uyayiphatha uyehlise ulaka.
Enza izinto engathandi ukuzenza zithokozeleke. Uma ingathandi ukugeza ebusuku, kwenze lokho kube yinto ethokozelekayo ngokusebenzisa i-bubble bath (uketshezi lokugeza olunamagwebu) namathoyizi okugeza. Uma ingathandi ukuxubha amazinyo ayo, dlalani umdlalo wokuxubhana.
Okomama nobaba....
t
t
UBUSIKA bubukeka buya bubanda ngokwedlulele, kanti njengoba sizifudumeza, ziningi izingozi ezingadaleka. Ngisho ngabe uhlala endlini noma efulethini, ukufundisa izingane zakho ngezingozi zomlilo kungasindisa izimpilo zenu. Kufanele uzifundise ngokuzivikela uma kwenzeka kuqubuka umlilo.
Njalo qiniseka ukuthi i-heater yakho nesitofu kucishiwe uma umndeni wakho uyolala. Ungazivumeli izingane zakho zisebenzise isitofu zizodwa ngoba kungenzeka zishe.
Uma usebenzisa amakhandlela, qiniseka ukuthi alikho olishiya livutha uma uyolala. Gcina izinombolo zezindawo zosizo oluphuthumayo kanye neyakho eduze kocingo ukuze izingane zazi ukuthi zingashayela bani uma kukhona inkinga.
BONA ZULU - July 2006
Isimanga sobisi!
NGABE izingane zakho zicabanga ukuthi ubisi lubi? Lukhona usizo lweSipahh yakwaStrawtech.
ISipahh inika ubisi ukunambitheka koqobo. Kulula nokuyivula ngoba uvele ususe i-wrapper ufake i-straw bese uphuza, uzwe kuthi ''Ahh!" ngoba iSipahh yisiphuzo esimnandi ngempela esishintsha ukunambitheka kobisi.
Yini enye ngoba lokho kunambitheka kunoshukela ongaphansi kwe-teaspoon elilodwa. Lesi siphuzo sinezinhlobo ezine zokunambitheka kwemvelo - i-chocolate, strawberry, caramel ne-banana - kanti asigqunyiswanga futhi asifakwanga okokushintsha umbala. ISipahh ilungele kakhulu izingane ezingezwani nokusashukela njengoba ungayisebenzisa ngokuyishintshanisa nobisi neziphuzo zama-soy nobisi lwembuzi.
Pho usalindeni? Vula uziphuzele.[z]
Okomama nobaba....
Gcina umndeni wakho uphephile ngalobu busika
