zulu.1771.slave
Kudayiswa
NGABE uyafuna ukuthenga amadodana ethu? Lo mbuzo wawubhekiswe entathelini yaseBritain eyayiphenya ngokushushumbiswa kwezingane eNigeria. Abazali ababethinteka kulolu daba babefuna imali elinganiselwa ku-R5 000 ingane ngayinye kwezazineminyaka emithathu nemihlanu.
UKola Woniye uneminyaka engu-32 kanti akasebenzi. USeyi unkosikazi wakhe oneminyaka engu-27 wayehleli endlini yabo eyayine-poster eyayibhalwe ukuthi "God will provide" odongeni.
"Siyahlupheka kanti sibona kuyilokhu okuzositakula," kusho uSeyi ekhala.
"Ngabuza ukuthi ngingababona yini abafana, bababiza. Izingane zazinamahloni zingakhombisi ukuba nomdlandla futhi zingazi ukuthi kwenzekani," kubhala uDavid Harrison weSunday Telegraph.
Omunye oshushumbisa izingane amthola eLagos wathi uthenga izingane ezingu-500 ngonyaka.
Ukuxhashazwa
NgoJune 16 ngonyaka odlule esitatimendeni esakhishwa kuhlonishwa usuku lwe-African Child, i-United Nations Children And Education Fund (UNICEF) yaqwashisa ngalo mkhuba yaphawula ngabashushumbisi "abaxhaphaza abantu abahluphekayo bekwenza lokho ngaphandle kokuba sengozini yokuboshwa."
Amazwe athinteka kakhulu ngokwe-International Labour Organisation (ILO) ye-UN yiBenin, Burkina Faso, Cameroon, Côte d'Ivoire, Gabon, Ghana, Mali, Nigeria neTogo.
Izingane zamantombazane zivame ukusetshenziswa njengabasizi basezindlini noma zidayise ezitaladini. Abafana basebenza emasimini, ezakhiweni noma ezimayini.
Ngokwe-UNICEF, le nkinga isisabalalele nangaphandle kweNtshonalanga ye-Africa.
Abalelwa ezinkulungwaneni amantombazane ase-Ethiopia ashushumbiswa njalo ngonyaka aye eMiddle East ayosebenza njengabasizi basezindlini kanti avame ukuhlukunyezwa ngokocansi ashaywe. Angu-15 000 aneminyaka engu-12 no-18 asetshenziselwa ukuya ocansini nabavakashi eKenya.
Nakuba elaseSouth Africa lingelinye lamazwe ambalwa e-Africa akwazile ukushaya imithetho elwa nokushushumbiswa kwezingane, libalwa kulawo mazwe ayintandokazi okufakwa kuwona izingane ezishushumbisiwe zisuka kwamanye amazwe ase-Africa.
NgoJanuary, amaphoyisa avimba iloli esifundazweni saseManica eMozambique elalithwele abafana abangu-40 beminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-13. Lalilibangise eSouth Africa...
Izindlela
INkosi uLeon Gakoun waseTokoli eBenin uthi uzazi kahle izindlela abashushumbisa izingane abazisebenzisayo.
Ezweni lakhe kukhona izingane azaziyo ezathathwa ukuze zisebenze eCôte d'Ivoire.
Uma abashushumbisi benza lo mkhuba bacasha ngesiko lakudala laseNtshonalanga ye-Africa elaziwa eBenin ngokuthi yi-vidomegon lapho kuthathwa khona izingane zisebenzele imindeni esemadolobheni edla izambane likapondo abazali bazo bakhohliswe ngokuthi zizofundiswa ziqeqeshelwe imisebenzi.
"Abazali bazifisela okuhle izingane zabo," kusho unkosikazi kaGakoun u-Eugeneu Zounlogbe.
Emva kokuba abazali bethenjiswe ukuthi izingane zizofundiswa zitholelwe imisebenzi emihle, abashushumbisi banikeza abazali imali elinganiselwa ku-R300 ngaleyo naleyo ngane.
U-Zounlogbe uthi imindeni iyazi ukuthi izifaka engozini yokulahlekelwa amadodana namadodakazi ayo uma isebenzisana nabashushumbisi kodwa ayikwazi ukukubalekela lokho.
Emva kokushona kwabazali bakaZounlogbe, izihlobo zasala nomthwalo wokondla abafowabo nodadewabo - omunye udadewabo wagcina ethunyelwe e-Abidjan, eCôte d'Ivoire.
Ukukhiyelwa
Ekufikeni kwakhe khona wenza umsebenzi wokudayisa izimpahla zowesimame owayemshaya njalo. Udadewabo kaZounlogbe wagcina ephindele eBenin engenamali.
Izinkinga zibikwa ngisho noma intsha izithathele ngokwayo isinqumo sokushiya amakhaya. U-Bruno Toure oneminyaka engu-17 wahamba nabafana abathathu bangakubo eMali beyofuna umsebenzi emasimini ekhofi eCôte d'Ivoire.
Babephoqwa ukuba basebenze amahora angu-14 ngosuku benganikwa izinsuku zokuphumula, benikwa ukudla okuncane benganikwa nekhefu elanele. Babelala egumbini elikhulu nezinye izingane ezingu-60 ezazisebenza emasimini endawo. Isicabha sasikhiywa njalo kusihlwa ukuze bangabaleki ekubeni babengaholi.
"Izinduna zazikushaya uma umsebenzi ungawenzi kahle," kusho uBruno. "Uma ugula wawunganakwa. Babevele bathi 'Yifa uma ufa. Thina sifuna usebenze kuphela."
Emva konyaka, uSouliman Toure ubaba kaBruno wezwa ngomfana oweqa wabaleka ngenkinga ababebhekene nayo. Umphakathi wadayisa imfuyo yawo wakhokhela izindleko zokugibelisa uSouliman ukuze aye lapho kwakusebenza khona izingane. Ngosizo lwamaphoyisa endawo, wakwazi ukuzikhulula zonke izingane.
U-Bruno uthi usazoweqa umngcele ayozama inhlanhla futhi.
"Akenzi lutho. Asinawo amandla okumondla. Kungcono ukuba azame ukuziphilisa. Mhlawumbe kulokhu uzoba nenhlanhla," kusho uSouliman
Indlala
Ngabe yindlala eyimbangela yalo mkhuba? Abazali bangazidayisa kanjani izingane zabo?
U-Jonathan Cohen, ocwaninga ngokushushumbiswa kwezingane kwiHuman Rights Watch eTogo uyavuma ukuthi yindlala.
"Ubuphofu budlangile emazweni adume ngokuthumela izingane kwamanye amazwe," kusho yena exoxisana nabeChristian Science Monitor.
"Akubona ubuphofu bodwa obuyimbangela yale nkinga ngoba kukhona amazwe ampofu ngendlela emangalisayo angazishushumbisi izingane.
"Sinenkinga enkulu yokusetshenziswa kwezingane nokushushumbiswa kwazo," kusho kuvuma uLavender Degre we-UNICEF.
"Ukuze sinqande lo mkhuba kufanele sifundise izingane sivule namathuba emisebenzi. Kuningi esikudingayo okufuna imali,"
Ngesikhathi ohulumeni besifunda besazama ukuthola ikhambi lokulwa nenkinga yokusetshenziswa nokushushumbiswa kwezingane, isimo siya ngokuya sishuba ngenxa yokukhuphuka kwesibalo sababulawa yi-AIDS.
"Kukhona izingane ezibuya zingasenamindeni ezizobuyela kuyona emakhaya emva kokubaleka," kusho omunye osemkhankasweni wokusiza izingane.
"Ubani ozozinakekela uma seziphindele emakhaya?" [z]
Zibalelwa ezigidini izingane okukhona phakathi kwazo ezineminyaka eyisikhombisa ezishushumbiswa minyaka yonke ngokungemthetho zisetshenziswe ngaphandle kokuthola inzuzo
BONA ZULU - April 2008
izingane zase-Africa
UPHENYOLUKA-BONA
INDABA NGU-ISAAC KWELA
Uphenyo olwenziwa amaphoyisa ngo-2004 lwagxila kokwenzeka ezinganeni zase-Africa ezifika eBritain zisuka eHeathrow Airport.
"Kokunye izingane uzithola zime ulayini eHeathrow zilenga amaphepha emqaleni," kusho omunye umthombo ojwayele ukwenza uphenyo kwabeBBC.
"Lawo maphepha asuke ebhalwe abazali abasuke bethi mazidluliselwe kwababizwa ngo 'malume' bazo abasemazweni aphesheya."
Izingane ezishushumbiswa ngale ndlela ziphoqwa ukuba zisebenze amahora angu-18 ngosuku, zisiza emakhaya abaqashi bazo zipheke. Kokunye zisebenza lapho kudayiswa khona izidlo eziphekiwe nasezitolo ngokukaDebbie Ariyo we-Africans Unite Against Child Abuse eLondon.
Uma izingane sezikhulile ziyaxoshwa zibe ngondingasithebeni zigcine sezisebenzisa izidakamizwa, ziphile ngobugebengu zidayise ngomzimba ngokuka-Ariyo.
"Iningi labazali lithumela izingane eBritain ngethemba lokuthi zizothola imfundo engcono. Kodwa iqiniso wukuthi lokho akwenzeki," kusho omunye olwela amalungelo ezingane.
U-Victoria Climbie oneminyaka eyisishiyagalombili oliqhamukisa eCôte d'Ivoire owathunyelwa abazali bakhe eLondon ngo-1998 ukuze ayohlala no-anti wakhe uMarie-Therese Kouao ubalwa kulezo zigane ezathola ukuhlukumezeka phesheya.
U-Victoria washona ngo-2000 emva kokuhlukunyezwa kanti uKouao nesoka lakhe bagwetshwa ukudilikelwa yijele ngecala lokubulawa kukaVictoria.
Isihluku phesheya
Ngisho nezingane eziphelela emazweni aphesheya ziphathwa kabi njengalezo eziphelela e-Africa.
BONA ZULU - April 2008
t
t
Ukusebenza kwalo mkhuba
BONA ZULU - April 2008
Inkinga yokushushumbiswa kwezingane ibhekene nomhlaba wonke, ikhona e-Asia, eNtshonalanga ye-Africa naseMpumalanga ye-Europe. Indlela okwenziwa ngayo ayihlukile kangako ngokwamazwe ngokukaSteven Galster umsunguli weGlobal Survivor Network, inhlangano elwela amalungelo abantu eyenze uphenyo ngasese mayelana nalo mkhuba...
"Abashushumbisi bashushumbisa izingane beqhoshe ngokuthi labo bantu abathatha izingane zabo akulula ukuthi bathole ukuthi ziphathwa kanjani kulawo mazwe eziphelela kuwona," kusho uGlaster.
Nabesilisa bayashushumbiswa kodwa abesimame nezingane abajahwa kakhulu ngoba bona kulula ukubashayela umthetho.
Abazali bona bakhohliswa ngokuthi izingane zabo zizothola ithuba lempilo engcono.
Njengoba abazali bezingane bengabi nawo amandla okukhokha leyo mali efunwa abashushumbisi, izingane kuyaye kudingeke ukuba zisebenze zingaholelwa ukuze kubuye imali ezikhokhelwe yona.
Abashushumbisiwe bangeniswa emazweni abaya kuwona ngokungemthetho. Lokho kunika abashushumbisi amandla okwenza abakuthandayo ngabo. Abashushumbisi babuye bathathe ama-passport abo bathi bazowagcina kuze kuphele isikweleti.
Phezu kwalokho, njengoba abashushumbisiwe beliqhamukisa emazweni aphethwe ohulumeni abakhohlakele nahlushwa wudlame, abashushumbiswayo bagcina besaba amaphoyisa ngaphezulu kwabashushumbisi.
"Abathembi muntu kodwa babona kungcono ukuthobela imithetho yomshushumbisi ukuze angabalahli," kuchaza uGlaster.
"Bayabona ukuthi uma bephumela obala ngemisebenzi abayenzayo bangaphindiselwa emuva lapho besuka khona.
"Nakuba ukuphindela kwabo emakhaya kungaba yindlela abathola ngayo ithuba lokubalekela impilo abayiphilayo, kungenzeka kuholele ekujezisweni kwabo yithimba labashushumbisi."
Ziningi izingane ezifika emakhaya zingasenamindeni ngenxa ye-AIDS uma zikwazile ukubaleka
Indaba kaCynthia
Okwehlela uCynthia kuyafana nokwehlela iningi lezingane - kodwa okuhle wukuthi waphunyuka wakwazi ukuxoxa ngokwamehlela...
Wayeneminyaka engu-12 ngesikhathi kufika abashushumbisi ekhaya lakubo elisentshonalanga yeNigeria.
Izigebengu zakhohlisa abazali bakhe ngokuthi indodakazi yabo kufanele iye eLondon ukuze ifunde iphile "kahle". Abazali bakhe bavuma ngoba babempofu.
Esefikile uCynthia eNgilandi, wahlaliswa nomndeni waseNigeria owamphoqa ukuba asebenze amahora angu-16 ngosuku ngaphandle kokumholela.
Wayeshaywa uma kukhona iphutha alenzile.
Ukhumbula usuku umama wekhaya ayehlala kulona amshaya ngalo ekhanda ephindelela ngenhlanzi eqandisiwe emva kwephutha ayelenzile.
"Babengayisweli into ababengangijezisela yona," kusho yena kuDavid Harrison weSunday Telegraph emva kokuphephiswa kwakhe yiziphathimandla.
"Ngangiyisigqila ngingenawo namaphepha achaza ngami. Ngangihlala ngikhala."
Amantombazane ashushumbiswayo avame ukwenza umsebenzi wokudayisa ezitaladini njengoba sibona kulesi sithombe, noma asize ezindlini. Abafana basebenza emasimini, ezakhiweni noma ezimayini.
