ZULU.1769.lettersnov
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Lawo matekisi
Abaphehla udlame ematekisini kumele bathole izigwebo ezinzima ngoba ngenxa yabo kulimala abantu abangenacala.
Laba bantu abanandaba nabagibeli. Bavele badubule umshayeli kufe abagibeli noma balimale.
Uma lolu dlame lungapheli, uhulumeni akawavale amatekisi abagibeli bahambe ngamabhasi nezitimela.
ZP, Mount Frere
Dear Mr Mbeki, konakelephi"
Sesiphumile ebumnyameni bobandlululo. Sikwazile ukuzikhipha emaketangeni ayesibophile ngoba sasibumbene salwa nabacindezeli.
Pho konakelephi" Asilwi ngani pho ne-AIDS nendlala"
Uthini ngobugebengu"
Namuhla sengiyesaba ukuhamba ebusuku - angesabi izipoki! Abantu engibasabayo!
Buyephi ubuntu kule South Africa "ekhululekile""
Lunga Mnwana, Khayelitsha
Masihloniphe abazali bethu
Masihloniphe abazali bethu abasebenze kanzima besikhulisa.
Masihloniphe bonke abantu abadala. Ngaleyo ndlela nathi siyohlonishwa ngelinye ilanga.
Uma ubheka isimo esikhathini samanje ugcina usuzibuza ukuthi ngabe iyona nkululeko esayivotela yini lena.
Asihlukane nophuzo kuqala sizakhele ikusasa eliqhakazile.
Uhulumeni wethu usesivulele iminyango ebesingakwazi ukuyivula esikhathini esidlule kanti kusemahlombe ethu ukusebenzisa amathuba esiwatholayo. Abazali bethu basibonisile indlela. Asihambe ezinyathelweni zabo.
Amos Mdlalose, Eshowe
Imixhaso kahulumeni
Kuningi esesikuzwile kusukela uhulumeni wethu aqala uhlelo lwesondlo sezingane. Angazi ukuthi umsindo ongaka udalwa yini ngoba ngaphambi kokuba umthetho uphasiswe, amalungu ephalamende ayawuvotela. Lo msindo awuzwakalanga ngani ngaleso sikhathi"
Inkinga ngale mali wukuthi abantu baganga ngayo. Mina ngithi uhulumeni akakhe izimboni aqashe labo abathembele kule mali ngoba ngibona sengathi izosheshe iphele indaba yayo.
Lungile Ntshangase, Estcourt
Sinakho konke
Ukubekezela nokuzinikela yikona okwenza uphumelele. Zisebenzise lezi zinto empilweni ukuze unqobe!
Lokhu ngikusho ngoba sivame ukuzwa ngokubulawa kwabantu, abanye bayantshontshelwa, badlwengulwe, abanye bathengisa ngemizimba kanti kukhona namaqembu ezigelekeqe. Umuntu ongakalilahli ithemba ngempilo uzonqoba ngisho noma ngabe lezi zinto zingasicekela phansi kangakanani!
Kuningi esinakho okungasisiza ukuze sisimame.
Michael Makola, Midrand
Esingakuqondi kahle
Kukhona okuncane abantu abangakakuqondi kahle. Sifuna ukuba amazwe eG8 ayizikhondlakhondla kwezomnotho asize izwe lethu - kodwa ngabe thina siyafuna ukusiza abanye" Ngabe sisasiza emakhaya nasesizweni sisonke. Abantu bathwele kanzima eSouth Africa kanti bambalwa ababasizayo. Uma singabasizi, silucela kanjani pho usizo lwabanye" Asibambisane ezinkingeni zethu sifunde ukunakekelana.
Andrew Mothatsi, Potchefstroom
Ewine u-R100
Umlayezo oya kubazali
ININGI labazali alikafuni namanje ukukhuluma nabantwana ngezocansi - kanti ngenxa yalokho, kwanda ukungafundiseki nokudumala.
Abazali bethu abalukhohlwa usuku mhla ingane iqala ukuqhumisa nangamhla iqala ukungena esikoleni kodwa ngeke ubezwe bekutshela ngosuku mhla ingane iqala ukuya ocansini.
Baningi abasha abakhula bedidekile ngenxa yalokhu. Abazi ukuthi yini okumele bayilindele nokuthi banganqaba kanjani.
Asikunqande lokhu, ikakhulu njengoba ukuya ocansini kungasho isigwebo sentambo.
Bazali, xoxisanani nezingane zenu ngocansi. Ukuzikhohlisa nishaye sengathi lezi zinto azenzeki ngeke kwasiza ngalutho.
Bantwana, thobelani abazali benu. Ningenzi okubhedayo.
Petunia Senong, Marble Hall
Izincwadi
Ziqhenye
Umlayezo obalulekile...
ZIQHENYE ngobuwena nalokho uNkulunkulu akuphe kona. UNkulunkulu wasidala ngendlela efanayo kanti wayenolwazi lokuthi ikusasa lisiphatheleni. Akazondi muntu njengoba ngike ngizwe abanye besho lokho. Abantu bathi abantu abafana nami abayiziphiwo bayisiqalekiso basibize ngamagama angezwakali kahle. Asiyeke ukucwasana! Nathi singabantu njengani.
Kubafowethu nodadewethu ngithanda ukuthi asiziqhenye ngesiyikho. UNkulunkulu wayengeke asidale ukuba wayengasithandi. Asikhumbule ukuthi empilweni kukhona okuhle nokubi. Indlela eya entokozweni ayilula.
SM, Newcastle
BONA ZULU - November 2005
Viva BONA Empowerment!
Viva BONA Empowerment! Sibonga kakhulu ngale phrojekthi ehlomisa abafundi. Sengathi ningafika naseWestern Cape ngoba sikude nezindawo ezinjengeTheku neGoli. Siyafuna ukuthola ulwazi ngokubhaka nokupheka sisizwa ama-workshop anjena.
MP, Paarl
u
Izincwadi
t
BONA ZULU - November 2005
Imililo yamadlelo
Abantu abayeke ukushisa amadlelo ngoba umlilo ubulala konke okukuwona.
Le nkinga imandla kakhulu emaphandleni. Kuningi okucekelwa phansi yile mililo kubandakanya nemizi, izihlahla, izigxobo zikagesi nezilwane zasendle.
Le mililo ibuye ibe yingozi kwabasebenzisa imigwaqo ngoba intuthu iyabaxhopha.
Bikela amaphoyisa uma kukhona ombona eshisa!
TT, Queenstown
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo yokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
AYIKHO into engiyikhonze njengokufunda leli phephabhuku. Olunye udaba engaluthanda kakhulu yilolo lwentombazane yase-Ethiopia eyaphephiswa amabhubesi (August 2005). Lwangihlaba umxhwele lolo daba phezu kokuba lungakholakali.
AD, Bloemfontein
KWANGIKHUTHAZA ukufunda ngokucatshangwa nguSimphiwe Dana ngokuba ngumama (July 2005). Kuhle ukubona ukuthi ezinye izihlabani zethu ziyakubona okubalulekile empilweni!
PC, Butterworth
NGIYAYITHANDA ingosi yezokupheka. Amaresiphi ayaheha, kulula ukuwenza kanti akabizi. Ake nisikhiphele incwadi enamaresiphi kaBONA"
DF, Durban
SIYABONGA ngokusibhalela ngoMakobo Caroline Modjadji VI (August 2005). Ngalolu daba, sakuthola esizomkhumbula ngako.
AK, Tzaneen [z]
