zulu.1763.yourfamily_parent
INGOZI
YE-TV...
Iminyaka emibili yokuqala empilweni yengane yakho yisikhathi esinzima kakhulu lapho ikhula ngokomqondo, ifunda okuningi ngoba ibukela kubazali.
I-TV kungaba yindlela elula yokuzithokozisa emakhaya, kodwa ukuyibuka kakhulu kungakhubaza ukukhula komntwana wakho. Ngakhoke ivale, uyifundele izincwadi, uyiculele, nidlale ama-games nizithokozise nengane yakho.
UCristine Scolari sekuphele iminyaka engu-10 enguchwepheshe wezokwelashwa, usichazela ukuthi kungani ukubuka kakhulu iTV nama-games adlala ngosizo lukagesi kungakhubaza ukukhula kwengane yakho.
Ngabe amaTV games nama-video games awazilungele izingane?
Akuzona zonke izinto ezibukwa kuTV ezingazilungele izingane, kodwa njengomzali kufanele uzicubungulisise kahle. Ezinye izinhlelo zeTV ziyafundisa futhi ziyathokozisa kanti izingane kuningi ezingakufunda kuzona. Nakhu okufanele ukuqaphele:
Ubude besikhathi obuthathwa yingane ibuka iTV idlala nama-games. Ukwenza isibonelo, ingane ingachitha isikhathi cishe amahora amathathu okuthile okufundisayo kodwa futhi kungayilimaza ngoba kuma endleleni yesikhathi ngabe isisebenzisela ukwenza umsebenzi othile, i-homework noma ihlanganyele nezinye izingane. Izingane zivame ukudla uma zibukela iTV nokungaba nomthelela wokukhuluphala.
Yini ebukwa yingane yakho. Ubungako beminyaka bunikezelwa ngesizathu nokuyinto okufanele uyihloniphe. Ngale ndlela uzokuba nokuthula emqondweni ngokwazi ukuthi ingane yakho ibuka okuyifanele.
Izingane akufanele zibe namaTV emakamelweni azo. Okokuqala, lokhu kuzenza zizibandlulule kwabanye bomndeni kuzenze zingajwayeli ukuphilisana nabanye abantu emphakathini. Ngaphezu kwalokho ngeke ukwazi ukulawula ezikubukayo nesikhathi ekubeni mhlawumbe ngabe kufanele sezilele.
Kufanele sikhumbule ukuthi ukubukela iTV isikhathi eside wukuchitha isikhathi ngendlela yokuvilapha nokungaba nomphumela ongenabuhle ofana:
Amakhono okuxhumana: Ukuxhumana yinto ebandakanya abantu abangaphezu kwababili. Izingane eziyibuka kakhulu iTV zigcina zingasakwazi ukuzwa kahle nokuxoxisana nabanye. Zigcina sezifana nabantu abahlale beyizibukeli kowazo umhlaba omncane. Izingane ziyayikopela into eziyibona yenziwa abantu kwiTV. Lokhu akukuhle neze, ikakhulu uma kubandakanya udlame.
Ukukhula ngokomzimba: Izingane ezibukela iTV kakhulu uthola ukuthi ziyavilapha. Zidinga ukunyakazisa igazi. Ukungakwenzi lokhu kungenza ukuba zikhushukelwe yisisindo somzimba nokungaletha izifo eziningi, ukungazethembi nokuba zigconwe ngezinye.
Ukuphilisana nomphakathi: Izingane zidinga ukudlala nabomndeni nabangani ukuze zifunde amakhono okuxhumana. Zidinga ukuhlanganye nabanyek, zicobelelane zidlale ndawonye. Ukuhlale zibukana neTV akuziniki ithuba lokukwenza konke lokhu, ziyabandlululeka. Azikwazi futhi ukukhombisa imizwa yazo efana nokuthokoza, ukudinwa noma ukukhathazeka.
Ukugxila entweni ngokunzulu: Izingane zazi ukuthi kufanele zizithokozise ngokubuka iTV zidlale nama-games nokuyinto ezenza zibe amavila. Uma izingane zibuka iTV kakhulu ziyashesha ukukhathala ekilasini. Azikwazi ukugxilisa imiqondo yazo kokufundwayo.
Amakhono okuxhumana: Ukubuka iTV njalo kwenza izingane zingakwazi ukuxhumana nabanye. Ukudlala ibhola nakho kubalulekile ekutheni kwenze izicubu zomzimba zisebenzisane kahle - njengesandla namehlo njengokukwazi ukulandela ibhola eliphonswe kuwena ulibambe. Izingane ezincane zidinga futhi ukuchitha isikhathi esiningi zidweba, zibhala nokusika ukuze zithuthukise amakhono azo.
Ukubuka: Izingane ziyadinga ukunyakazisa amehlo azo. Ukubuka iTV kubandakanya ukubheka endaweni eyodwa. Kudingeka zidlale nama-board games ame ngenye indlela kuneTV kanti kuhambisana nokunyakazisa izinto ozibonayo.
Ukubukela okugunyaziwe
Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-3 akufanele zibuke iTV. Ezindala maziyibuke ihora zibuke into efanele. Izingane zesikole maziyibuke uma sezenze i-homework futhi zibuke into eyakhayo.
Ama-games eTV awabukwe kuphela ngezimpelasonto abukwe amahora amabili kuphela.[z]
Nihlanganiselwe nguKamogelo Sebola
Ngabe ingane yakho ichitha isikhathi esiningi ibukela iTV? Ngabe amaTV games athatha isikhathi somndeni ngezimpelasonto? Yisikhathi sokuba uyiyekise uyilawule
UKUBA NGUMZALI OMUHLE
Izingane zidinga ukuzivo-cavoca ukuze zikhule
AMASU AMAHLE EZINGANE
Nazi ezinye izinto ingane yakho engazithokozela esikhundleni sokubuka iTV. Awudingi jukuchitha imali eningi ngamathoyizi noma ngama-games, kanti lawa masu angazisiza izingane zihlale zithokozile.
Izincwadi zinhle kanti nezingane ezincane ziyakuthanda ukufundelwa. Ukufundela ingane encane kuzoyikhuthaza nayo ukuthi ikuthande ukufunda lapho isikhulile nokuyinto ebalulekile ekufundeni esikoleni. Emtapweni wezincwadi kulapho ungathola khona izincwadi nokuyinto emahhala.
Cabanga ngemidlalo owawuyidlala useyingane. Khumbula ukuthi wawukuthokozela kanjani ukugxuma ushaye ingqathu nidlala nomacashelana.
Amathoyizi ajwayelekile njengo-teddy, onodoli, izitimela noma amaloli kwenza izingane zihlale zithokozile isikhathi eside.
Ukudweba nokupenda kuzosiza ingane yakho ikwazi ukuzisungulela izinto njengokunitha nokuthunga. Izinto ezitholakala endlini ezifana namabhokisi amaqanda, amabhodlela kapulasitiki angenalutho, yizinto ezingabizi ezingahlotshiswa zenziwe into engasebenza.
Ezemidlalo ngezinye zezinto ezingasiza nokuyilapho ungadingi izinto ezisezingeni eliphezulu. Noma yimuphi usayizi webhola ungenza izingane zihlale zigijima.
Khumbula ukuthi izingane kufanele ziqhamuke nawazo amasu ukuze zihlale kukhona into eziyenzayo. Zidinga ukufunda ukuzenzela izinto noma nabangani.
