zulu.1755.project dec
Amakhasi
ephrojekthi kaBona
BONA ZULU - December 2006
Hlukana nabantu abakubukela phansi. Abantu bangempela abakwenzi lokho, kunokuthi bakubukele phansi, benza ukuba kukukhanyele ukuthi ungaba wutho. - Mark Twain
Imisebenzi eyenziwa manje isithuthuke kakhulu kunaleyo eyayenziwa abazali bakho ngesikhathi beqeda esikoleni kanti isazothuthuka. Kuzodingeka ukuba ufunde ukuzimela, uzethembe, uqikelele ukudlula izizukulwane
ezingaphambi kwakho. Ubuchwepheshe ongabusebenzisa buzokuhlomisa ukuze uzuze okuningi
kunobukucabanga.
Kulolu shicilelo sibheka imisebenzi nokumele ukubheke uma ukhetha umsebenzi.
Lolu lwazi lucashunwe ochungeni lweLife Orientation TODAY olushicilelwa ngabakwaMaskew Miller Longman.
Uchunge lweTODAY luthinta konke kusukela kuGrade 7 kuya kuGrade 9.
Izifundo Zempilo
Yini esiyaziyo-
Engiyoba yiko kusasa
Sifuna ukufunda
ngalokhu:
Ngezinto engizithandayo nengikwazi ukuzenza.
Ngemisebenzi ehlukahlukene nangamathuba
okufunda.
Ukuxhumana kwezinto engizithandayo nengikwazi ukuzenza nemisebenzi kanye nezifundo.
Okudingeka emisebenzini nasezifundweni
ezihlukahlukene.
Iyini inhloso yokusebenza-
Ngisebenzelani-
Kuzongisiza ngani ukusebenza-
Umsebenzi engiwenzayo uzoba namthelela muni empilweni yami-
Ngiwukhetha kanjani umsebenzi engingawenza-
Yini engiyithandayo-
Yini engikwazi ukuyenza-
Yiziphi izifundo namamaki okumele ngiwathole ukuze ngenze umsebenzi engifuna ukuwenza-
Kulungele izingane zeminyaka engu-
8-14
Njengoba sinamakhono ahlukahlukene kanjalo nezinto ezihlukahlukene esizithandayo nesikwazi ukuzenza, imisebenzi esizoyithanda ngeke ifane. Cubungula amathuba ahlukahlukene uthole nolwazi olwanele ukuze ubone ukuthi WENA ungathanda ukwenzani. Omunye wabadumile kulabo abacwaninga ngemisebenzi nguJohn Holland. Usinike incazelo ngalolu hlobo lwabantu abayisithupha abalandelayo nangemisebenzi.
Izinhlobo zabantu bakaJohn Holland
Abantu ABABEKA IZINTO NJENGOBA ZINJALO bathanda ukuncintisana nemidlalo. Bakhuluma ngezenzo. Bazwana nempilo yangaphandle
nokusebenza ngemishini, amathuluzi, izitshalo
nezilwane.
Abantu abathanda UKUPHENYA bazwana
nokucabanga, ukuhlela nokuqonda. Banekhono lokuxazulula izinkinga kanti banolwazi ngezinombolo. Bathanda ukusebenza bodwa kanti banamahloni.
Abantu ABANGAMACIKO bathanda ukuziqhakambisa ngobuciko babo obuhlukahlukene. Abazwani
nemithetho, bathanda ukwenza izinto ngendlela yabo.
Bayakwazi ukuzwakalisa ukuphatheka kwabo
kunabanye abantu.
Umlimi - Umuntu othatha izinto njengoba zinjalo
Siphisana ngamakhophi amasha amahlanu eLife Orientation
Today Career Guide!
Thumela imininingwane yakho kuleli kheli:
Life Orientation Today Career Guide Giveaway
Maskew Miller Longman
PO Box 396
Cape Town
8000
Ungakhohlwa wukufaka igama lakho, ikheli, inombolo yocingo negama lesikole sakho.
Ukuthwebula Izithombe
- Umsebenzi wobuciko
Ukufundisa - Umsebenzi
wabathanda ukuba nabanye
Abantu ABATHANDA UKUBA NABANYE bathokoziswa ukufundisa basize abanye. Bazwana nokwakha
ubudlelwane kanti abazwani nokufunda
nokunyakazisa umzimba ngaphandle uma kungukuthi lokho kubandakanya ukufundisa.
Abantu BABANTU abanandaba nemithetho. Bazwana nokuhlela izinto ngendlela efanele kanti abathandi ukubhekana nomuntu ngqo. Bazwana nodumo.
Abantu abathanda UKUTHOKOZISA abanye banolimi oluhle kanti bathanda ukuncenga kunokusiza abanye. Bazwana nodumo nokuzakhela isithunzi futhi
banezinjongo ezinqala.
BONA ZULU - December 2006
Ukunakekela Izingane
- Umsebenzi wabathanda ukuba nabanye
Umtitilizo!
Yini
OKWAZI
ukuyenza-
