zulu.1750.hearing
IZINGANE EZININGI zizwa ziphinde zilalele kusukela zizelwe. Zifunda ukukhuluma ngokulingisa imisindo eseduze kwazo namazwi abazali nawalabo abazinakekelayo. Kodwa lokhu akusilo iqiniso kuzo zonke izingane. Ezinye zizalwa zingezwa noma zinobunzima bokuzwa. Eziningi zilahlekelwa wukuzwa ngokuhamba kwesikhathi lapho zikhula.
Kunini lapho ingane yami kufanele ixilongelwe ukuzwa"
Ingane yakho kufanele ihlolwe ukuthi iyezwa yini ngenyanga yokuqala izelwe. Uma kusolakala ukuthi ilahlekelwe wukuzwa, qiniseka ukuthi oyi-specialist kulo mkhakha (audiologist) uxilonga ingane yakho ngemishini ngaphambi kokuba ibe nezinyanga ezintathu. Uma kuqinisekiswe ukuthi ukuzwa kwayo kuyilahlekele, kubalulekile ukuthola iseluleko, ucabange nendaba yokusebenzisa izinsiza zokuzwa noma ezinye izindlela zingakapheli izinyanga eziyisithupha.
Kungani kubalulekile ukuba umntwana wami ayohlolelwa ukuzwa zisasuka"
Isikhathi esibalulekile enganeni ukufunda ukukhuluma siseminyakeni yokuqala emithathu empilweni yayo. Ucwaningo lukhomba ukuthi labo abanobunzima ekuzweni bathola usizo, bakhuluma kangcono kakhulu kunalabo abangalutholi.
Ingahlolelwa kuphi ukuthi iyezwa yini ingane yami"
Izibhedlela eziningi zihlola zonke izingane ezizelwe ukuze kubonakale ukuthi ziyezwa yini. Ezinye zihlola kuphela lezo ezisengcupheni enkulu, njengezingane ezizalwa zinesisindo esincane somzimba noma ezinye izimo zokugula okudinga ukwelashwa.
Thola ukuthi isibhedlela sakho senzani. Uma wena nengane yakho senisekhaya ungenasiqiniseko sokuthi ukuzwa kwayo kwahlolwa yini, buza esibhedlela noma emtholampilo lapho yazalelwa khona. Uma ukuzwa kwakhe kungahlolwanga, hlela ukuba ubonane nabo ngaphambi kokuba ingane yakho ibe nenyanga eyodwa.
Uma ukuhlolwa kukhomba ukuthi ukuzwa akunankinga"
Uma ama-test ekhomba ukuthi ingane yakho kungenzeka ibe nobunzima ekuzweni, okulandelayo okufanele ukwenze, wukuhlelela ukubonana nodokotela onguchwepheshe kwezokuzwa (audiologist) okunguye ozosho ukuthi yini eyonakele nokuthi umonakalo mkhulu kangakanani. Uma ukwenza lokhu ingane yakho isencane kakhulu, kuzoqinisa ukuthi ithola lonke usizo oluzoyenza ikwazi ukukhuluma nokuxhumana nabanye.
Ngabe ngingakubona ukulahlekelwa wukuzwa ingane isencane"
Izimpawu zokulahlekelwa wukuzwa ezinganeni ezincane kakhulu ngeke kube lula ukuziqaphela. Izingane ezingezwa kahle zivame ukulawulwa okwenzeka eduze kwazo ngokusebenzisa izinzwa zokubona nokuthinta nokuyinto engafihla izinkinga zokuzwa.
Izinkinga zokuzwa ngokuvamile azigqami kuze kube izingane zinezinyanga ezingu-12 kuya kwezingu-18, lapho sekufanele ziqale ukusho amagama azo okuqala. Kulezi zimo, abazali, abanakekela izingane nogogo nomkhulu yibo abokuqala abavame ukuqaphela.
Ngisho ngabe kwahlolwa ukuzwa kwengane yakho, bheka izimpawu zokuthi izwa kahle yini.
Izimpawu okufanele zikwenze usole ukuthi ingane yakho izwa kanzima:
Ayikhombisi ukuzwa imisindo ngesikhathi isinenyanga eyodwa izelwe, noma ayibheki ngalapho kuphuma khona umsindo.
Ayikuqapheli kuze kube iyakubona.
Ikhuluma ngokunensa, kunzima ukuqonda noma ayiwasho amagama awodwa njengo 'mama' no 'baba' ngesikhathi isinonyaka owodwa izelwe.
Ayivamile ukukhombisa ukuthi iyezwa uma ibizwa.
Izwa eminye imisindo kodwa eminye ayiyizwa.
Ayizwa kahle kanti inenkinga ekubambeni ikhanda layo kancane noma ithatha kancane ukuhlala nokuhamba ingabambelele.
Uma ingane yami inobunzima bokuzwa, yini engenziwa"
Ukwelashwa kuncike ekutheni yini eyonakele. Kunezinhlobonhlobo zezinto ezilusizo ezinganeni ezinenkinga yokuzwa. Udokotela onguchwepheshe kwezokuzwa nguye ozokweluleka ukuthi yini engcono kumntwana wakho. Ezinye izinsiza ezokusiza izingane zizwe kahle ekilasini ekubeni ezinye zikwazi ukukhuluma ocingweni noma zibuke i-tv kalula.
Ngingayisiza kanjani ingane yami ixhumane nabanye"
Abazali kufanele baxhumane nomntwana ongezwa noma ozwa kanzima. Bonke abanakekela ingane yakho kufanele bayinakekele kakhulu, bayibambe, bayibuke, bahleke nayo baxoxisane nayo futhi. Izingane zidinga uthando, ukukhuthazwa nokunakekelwa emindenini yazo nakulabo abanakekelayo.
Ziningi izinsiza zokuzwa ezitholakalayo nokuthi lapho ingane izisebenzisa, ibe sethubeni lokuqonda ukuthi abanye bathini nokuba nayo bayiqonde.
Ngingayisiza kanjani ingane yami iphumelele uma inobunzima ekuzweni"
Uma usizo lutholakala zisasuka, ukungezwa nobunzima ekuzweni ezinganeni kungathuthukisa amakhono olimi angaba wusizo ekuxhumaneni kahle nabanye zifunde ngezinga elifanayo nelabanye ozakwabo.
Thola usizo oluseduze olukhona olungasiza ingane yakho lukwenze nawe uhlale unolwazi ngezinsiza nosizo.
Ngabe ingane yami izoba nesikhathi esinzima esikoleni"
Njengezinye izingane, abantu abancane abangezwa noma abezwa kanzima bangadlondlobala ezifundweni benze kahle esikoleni.
Kukuphi lapho ngingafunda khona okuningi"
Abenhlangano yabangezwa yakuleli iDeaf Federation of South Africa (DEFSA) kule nombolo: 011-482-1610 bangakunika lonke ulwazi ngokulahlekelwa wukuzwa.[z]
Ukumelana nokungezwa
Ngabe ingane yakho izwa kahle"
sihlanganiselwe nguPRIMROSE WILLIAMS isithombe CLIVE THOMPSON
u
Uma ingane yakho ingezwa kahle, kubalulekile ukuthola usizo ngokushesha ukuze ikwazi ukufunda ukukhuluma nokuxhumana nabantu
Zonke izingane kumele zihlolwe ukuthi zizwa kahle yini enyangeni yokuqala zizelwe.
BONA ZULU - December 2005
t
Kuningi okungasiza ingane ukuze izwe
BONA ZULU - December 2005
