zulu.1742.parenting
Okwabazali
umhlahlandlela wokwenza kahle
I-HIGH blood pressure noma
i- hypertension ingadalwa wukudla ukudla okungenamsoco nokungazivocavoci kanti futhi ingadalwa wukukhulelwa nokuyinto engabeka impilo kamama nengane kwenkulu ingozi.
Ukugcwala kwamanzi emzimbeni
Uma umama okhulelwe enezimpawu zokuvuvukala okuhambisana ne-high blood pressure kubonakale ne-protein emchamweni wakhe lokho kuwuphawu lokugcwala kwamanzi emzimbeni.
Lokhu kwenzeka uma ukhulelwe kuphela kanti kubeka umama nengane engozini.
Ukuvuvukala kungaqhubeka nangasemva kokubeletha uthole ukuthi i-blood pressure kamama ayehli.
Ukukhuphuka kwayo kungenza ukuba igazi lingangeni kumzanyana ingane ingayitholi i-oxygen nomsoco.
Izimpawu
Ukuvuvukala kweminwe, amaqakala nezinyawo ngesikhathi ukhulelwe. Lokhu kwenzeka ezinyangeni ezintathu kuya kweziyisithupha ukhulelwe kanti kudalwa ukugcwala kwamanzi emzimbeni.
Ukuvuvukala ngokweqile nokukhuluphala okuhambisana nokuphathwa yikhanda kuwuphawu olungafuniselwa lokugcwala kwamanzi.
Bonana nodokotela uma unalezo zimpawu.
Ubani osengozini"
Babalelwa kumaphesenti angu-8 abakhulelwe ababa nenkinga yokugcwala kwamanzi emzimbeni kanti kuvame ukwenzeka kwabasuke beqala ukuthola abantwana. Khuthalela ukuxukuzwa ngoba udokotela usheshe abone uma unale nkinga.
Usengozini uma:
u Uneminyaka engaphansi kuka-20 noma engaphezulu kuka-35;
u Ukhuluphele;
u Unesifo sikashukela noma i-high blood pressure;
u Ukhulelwe amawele;
u Wake waba nenkinga yokugcwala kwamanzi phambilini.
Ukwelashwa
Ukugcwala kwamanzi akwelapheki. Udokotela angakweluleka ngokuthi phumula ukuze ubelethe ngesikhathi esifanele.
Uma ukuphumula kungasizi, ulaliswa esibhedlela uze ubelethe. Kokunye umama onale nkinga uyahlinzwa.
Ngingayivikela kanjani"
Uma uya kudokotela noma kumbelethisi, bahlola i-blood pressure - lokho bakwenzela ukuthola izimpawu zokugcwala kwamanzi emzimbeni.
Ukwelashwa komuntu okhulelwe one-blood pressure kwehlukile kokwejwayelekile, xhumana nodokotela ngaphambi kokusebenzisa umuthi noma ukushintsha indlela odla ngayo. Iziguli ezineBP zilulekwa ngokuthi mazigweme usawoti, kodwa uma ukhulelwe uyawudinga usawoti. Qiniseka ukuthi nibonisana nodokotela ngendlela ongazivikela ngayo.
BONA ZULU - October 2006
Okomama
nobaba....
Ungabeki
impilo yakho
engozini
Ukubhekana ne- hypertension uma ukhulelwe
nguNONHLANHLA KHUMALO
BONA ZULU - October 2006
izindlela zokuqeda uvalo
Ukukhulelwa kuyakhandla. Ukushintsha kwama-hormones kungenza uzizwe ungenamdlandla kanti ukuzihlupha ngempilo yakho neyomntwana kungaba nomthelela omkhulu empilweni yakho.
Kujwayelekile ukuzizwa ungakhululekile ngesikhathi ukhulelwe kanti ukubhekana naleyo nkinga kungasiza ngokugwema ukuba ingagcini isikukhandla ngokwengqondo.
Nazi izindlela zokugwema ukukhathazwa wukukhulelwa ukuze ukuthokozele ukukhulelwa kwakho.
1. Funda ukuphefumula: Ukuzifundisa ukuphefumula kungakusiza nalapho usubeletha. Kuzokwehlisa uvalo uma uzizwa ukhathazekile. Phefumula udonse umoya imizuzu embalwa uze uzizwe usungcono.
2. Ukuzivocavoca: Ukuzilolonga kwehlisa i-stress ngoba kukhuthaza umzimba ukuba ukhiqize i-endorphins (ama-hormones emvelo enza uzizwe ukhululekile) umzimba wakho ulungele ukubeletha. Indlela ozivocavoca ngayo iya ngokuthi kukhona yini okokunyakazisa umzimba owawukwenza ungakakhulelwa. Xhumana nodokotela ngaphambi kokuzivocavoca. Ukuhamba ne-yoga kuyindlela elula nekahle yokuzivocavoca.
3. Xoxa ngako. Xoxela owakwakho ukuthi uzizwa uphatheke kanjani ngoba lokho kusiza ngokumnika isithombe sento oyizwayo. Xoxela abanye omama abakhulelwe ngendlela ophatheke ngayo.
4. Yidla okufanele: Ukudla izinhlobo zokudla ezihlukene kuzonigcina niphila kahle. Yidla ukudla okune-iron ngoba ukushoda kwayo kungenza uzizwe ukhathele ukhandlekile.
5. Zibusise: Zithengele okuhle noma ucwale izinwele - lokho kuzokuphatha kahle.
u
t
BONA ZULU - October 2006
Ukulungiselela isikole
Kungabukeka sengathi isikhathi sokulungiselela imfundo yengane yakho sisekhona kodwa kuhle usheshe uzilungiselele. Ukuhlela kusenesikhathi kuqinisekisa ukuthi usuku lokuqala ingane isesikoleni luzoyithokozisa luyiphathe kahle. Nakhu ongakwenza ukuze uhlele kahle.
P Inkulisa isemqoka.
Iningi lezikole ezingama-primary lifuna ukuba ingane iqale enkulisa ngaphambi kokungena esikoleni. Kuzoyisiza ukuqala kwayo enkulisa ngoba kuyihlomisa ngamakhono ewadinga lapho isifunda esikoleni.
P Hlela kusenesikhathi.
Ukuze uqiniseke ukuthi ingane yakho iyayithola indawo esikoleni kudingeka ukuba uyibhalise kusasele unyaka ngaphambi kokuba iqale esikoleni. Kungumqondo omuhle ukubheka isikole ingane ezofunda kusona, uthole ukuthi sikuphi (ukuthi sikude kangakanani nasekhaya), nemali yesikole ekhokhwa kusona. Ngaleyo ndlela uzobona ukuthi uzoba nawo yini amandla okukhokha.
P Funda ngohlelo lwezemfundo.
Uhlelo lwethu lwezemfundo lushintshe kakhulu kanti kungaba umqondo omuhle ukuthola ukuthi lusebenza kanjani. Manje izingane zenza uGrade 1 zineminyaka eyisikhombisa kudingeke ukuba ziqale kuGrade R ngaphambi kokungena esikoleni.
Ezikoleni zikahulumeni, imithetho yokuthi izingane zendawo ethile zizokwamukelwa ezikoleni zakuleyo ndawo isasebenza.
Ukuhamba ngesitayela
Ukukhethela ingane "okokuhamba"
UDINGA i-pram uma uhamba nengane. Izingane zikhula ngamandla zisinde uma zigoniwe - kusiza lapho ukuba ne-pram. Ungayisebenzisa uma uhamba nengane uyisebenzise nasekhaya uma ufuna ukulalisa ingane.
Kunezinhlobo ezihlukene zama-pram. Amanye enzelwe izingane esezindala kanti amanye awezingane ezizelwe.
Ama-Pram
Lawa ahamba ngawodwana noma abe ngamadabuli kanti akahle enganeni ezelwe kuye kweneminyaka emibili.
Uma uthenga i-pram yengane ezelwe, bheka elalayo ngoba ingane esanda kuzalwa ayikwazi ukuhlala.
Amanye awanasisindo esikhulu kanti kumele ukubheke nalokho uma usahamba ngezinto zokuthutha umphakathi.
Ama-stroller nama-jogger
Uma uchitha isikhathi esiningi ungaphandle, kungakuhle uyitholele i-stroller ingane yakho. Awasindi njengama-pram kanti alungele izingane esezikhulile.
Ama-jogger abukeka njengama-pram nama-stroller kodwa wona makhulu. Ungawaphusha nasendaweni engandlalekile uwadonse ezitebhisini.
Okumele ukubheke uma uthenga i-pram
Uma uthengela ingane yakho i-pram, beka iminyaka yayo engqondweni yakho. Bheka ukuthi ingaphusheka kalula yini. Bheka nesisindo sayo nokuthi i-pram iyagoqeka yini. Amanye ama-pram ahlotshisiwe afakwa nesihlalo semoto ongasisebenzisa ingane ize ibe nezinyanga eziyisithupha. Kuyachazwa ukuthi alungele izingane ezineminyaka emingaki ukuze ungawasebenzisi uma ingane isihlanganise leyo minyaka. [z]
Okomama nobaba....
BONA - September 2006
