zulu.1736.parenting
BONA ZULU June 2008
OKWABAZALI
UKUKHULELWA kwenza owesimame abukeke enempilo echachambile. Kodwa akunankinga ukukhathazwa yizinguquko ezenzeka empilweni yakho kulezo zinyanga ezingu-9. Ngesinye isikhathi kuqinisa idolo ukwazi ukuthi ezinye izinkinga - nakuba zingakuphathi kahle - ziyinto ejwayelekile.
Yazi ukuthi yini ongayilindela uma ukhulelwe, ungangabazi ukukhuluma nodokotela wakho uma kukhona okukukhathazayo...
Ukubaba kwesikhumba
Iningi labesimame liba nenkinga yokubaba kwesikhumba esiswini. Lokhu kujwayelekile.
Ukubaba kwaso kwenziwa wukuthi siyoma kakhulu kunokujwayelekile.
Sebenzisa isiswakamisi esingenamandla kakhulu noma i-body lotion.
Geza ngensipho engenamandla kakhulu ugweme ukusebenzisa ama-bath salts nokunye.
Kungakusiza nokugqoka izingubo ezingakumpintshi ungafudumali ngokweqile.
Uma kubaba kakhulu sekusele amasonto angu-10 ubelethe, kubaba izandla nezinyawo, kungenzeka kube wukuthi kukhona okushaya amanzi empilweni yakho kanti kungcono ubonane nodokotela.
Ukukhathala
Abanye abantu besimame bayakhathala baphelelwe amandla uma bekhulelwe. Abanye bakhathala isikhashana esincane. Ukukhathala akusho ukuthi kukhona okungahambi kahle - kodwa uma ukhathala ngokweqile, tshela udokotela wakho.
Ukuphathwa yikhanda
Abantu abahlushwa yikhanda bayasizakala uma bekhulelwe ngoba alibaphathi kakhulu! Kwabanye liba mandla kakhulu, kanti kwabanye liba mandla besanda kukhulelwa.
Uma uphathwa yikhanda elilokhu libelesele njalo, kungenzeka kube wukuthi lidalwa yi-high blood pressure. Uma ikhanda lihambisana nenkinga yokuphathwa amehlo noma ukuvuvukala, bonana nodokotela.
Ukuvuvukala
Ukuvuvukala kwamaqakala, izinyawo neminwe kujwayelekile uma ukhulelwe ikakhulu uma ilanga lishisa. Ukuvuvukala kudalwa wukugcwala kwamanzi emzimbeni okwenziwa wukwanda kwegazi elondla ingane yakho.
Phumula ngokwanele. Uma i-blood pressure yakho ikahle nokuhlolwa komchamo wakho kukhomba ukuthi awunayo i-protein eningi, akufanele ukhathazeke. Kodwa hlola iBP yakho ngoba kungenzeka kube iyona eyimbangela yokuvuvukala.
Inhliziyo encane
Ukuphathwa yinhliziyo encane ekuseni kuyinto ejwayelekile uma ukhulelwe kanti emva kwezinyanga ezintathu kuya kwezine kuba ngcono. Kokunye ikuphatha uze ubelethe kodwa lokho akunankinga uma isisindo somzimba wakho singehli futhi uphila kahle.
Ukopha
Ungakhathazeka uma wopha ukhulelwe kodwa uma unezinyanga ezintathu ukhulelwe kuyenzeka kuphume amaconsana egazi, kanti ungopha uma unezilonda esithweni sangasese, emlomeni wesibeletho noma esibelethweni.
Kodwa uma wopha kakhulu usanda kukhulelwa kungenzeka kube wukuthi isisu siyaphuphuma noma kube wukuthi ingane ikhulela ngaphandle kwesibeletho.
Ukopha usunamasonto angu-28 ukhulelwe nakho akukuhle ngoba kungenzeka kube yinkomba yokuthi usuyabeletha, ingxenye yomzanyana isuke isixebukile esibelethweni noma kube wukuthi umzanyana awuhleli kahle.
Ukuze uhlale uvikelekile, bikela udokotela uma wopha ukhulelwe.
Isilungulelo/ukuqunjelwa
Uma unesilungulelo kushisa esifubeni kanti abantu abaningi bakweyamanisa nokubhodla. Abesimame abakhulelwe baphathwa yisilungulelo ngenxa yokugqilazeka kwesibeletho nokungasebenzi kahle kwenanzi uma ukhulelwe.
Gwema ukudla okuthosiwe nokudla okungenza ukuba uqunjelwe.
Kuyasiza ukudla amaqoqwana okudla amancane njalo, udle ungaphangi ukuhlafunisise ukudla.
Ungadli ebusuku kakhulu, kungasiza ukuphuza ubisi.
Ubuhlungu beqolo
Lokhu kujwayelekile kanti kudalwa wukushintsha kokuma komzimba ngesikhathi isisu sikhula. Ngesikhathi ukhulelwe imisipha iyathamba okusho ukuthi kufanele isebenze ngokweqile ukuze umzimba ume kahle.
Uma kukhona okucoshayo, gobisa amadolo kunokugobisa iqolo.
Phumula...ume uqonde!
Isiyezi
Uma ukhulelwe igazi aliphakeleki kahle ekhanda. Uma uvuka embhedeni noma usukume usheshe, kungaba mnyama emehlweni ube nesiyezi.
Funda ukwenza izinto ngokungaxhamazeli ugweme ukugeza ngamanzi ashisayo.
Ukuqwasha
Iningi labesimame abakhulelwe alilali kahle ebusuku. Lokhu kujwayelekile kanti akufanele kukukhathaze. Uma le nkinga ikuhlupha iba mandla kakhulu.
Zama ukwenza izinto ezizophumuza umqondo ngaphambi kokulala, funda incwadi, phuza isiphuzo osithandayo esishisayo, kanti okumqoka kakhulu, lala ukhululeke.
Kungakusiza ukusebenzisa imicamelo eminingi uma ulala - lala ngohlangothi, beka omunye umcamelo esinqeni, omunye uwubeke phakathi kwemilenze.
Ukuhlushwa amaphupho amabi nakho kujwayelekile uma usuzobeletha kanti kudalwa wukuthi usuke usunovalo lokubeletha.
Khululeka... akonakele lutho.
Inhliziyo encane, ukukhathala, ukubaba kwesikhumba nezinkinga zokukhulelwa...
Siza! Iqolo lami
LIBUHLUNGU!
BONA ZULU June 2008
Izeluleko ezizoku-siza uma usikwa
Ukulalela umculo
opholile kungasusa
ingqondo yakho
ezinhlungwini
ozizwayo.
Uma usanda
kusikwa, yidla
okokubamba
umoya okunomsoco
ukuze ube
namandla. Yidla
ukudla okunama-
carbohydrates
noma i-pasta,
noma udle izithelo
ezinjengamagilebhisi.
Cela umyeni wakho akugcobe ngowoyela wokuthoba umzimba noma nge-baby oil. Ukuphululwa umzimba kuphumuza ama-hormones asebenza njengamakhemikhali enza ukuba umzimba uphatheke kahle - uphumule ungazizwa kakhulu izinhlungu.
BONA ZULU June 2008
OKWABAZALI
BUZA
QNgiyaqala ukuthola umntwana kanti angazi ukuthi yisiphi isikhathi okufanele ngijwayele ukulalisa ngaso ingane yami. Abangani bami basho izinto ezihlukahlukene eziphambene nalokho engikwenzayo. Ngicela iseluleko sakho.
AEmva kokuncelisa ingane yakho, yinike isikhathi sokuba ibhodle. Shintsha inabukeni ukuze ungayiphazamisi uma isilele.
Izingane ezisanda kuzalwa ziyazwana nokumbathiswa obhulankethi. Yigoqe kahle ngawo ukuze ungaqaqeki.
Qiniseka ukuthi ukushisa kwendawo elele kuyona akungaphansi kuka-20°C, ngoba ingaqwasha uma ilele endaweni ebandayo.
Abanye omama bazwana nokulala nezingane zabo kodwa lokho kungumkhuba omubi okungafanele uwuqale.
Qiniseka ukuthi ingane inendawo elala kuyona emini nasebusuku. Ukwenza isibonelo, kusihlwa yilalise embhedeni wayo uvale amakhethini. Emini ungayilalisa kwi-pram uma inayo.
OKWAMAHHALA
Siphisana ngamakhophi angu-40 ePerfect Steps kaSister Lyn Wade, abiza R96 iyinye. Le ncwadi ikahle kakhulu komama nobaba abaqala ukuthola umntwana, ingumhlahlandlela okahle ngoba inakho konke okufanele ingane enonyaka izelwe - kusukela ekuyinceliseni ibele, ukugonywa kwayo nokuyipha ukudla okuqinile kuye ezelulekweni zokuyivikela, izigaba zokukhula kwayo, izinombolo ongazishayela esimweni esiphuthumayo nokunye.
Ukuze uthole ikhophi yakho, thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Perfect Steps Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe PARENTING ku-35919. (I-SMS ibiza R3.) Usuku lokuvala ngumhlaka 30 June 2008.
Yifundise ukuba izivikele
UMA izingane sezineminyaka emithathu azikhuleli ekhaya kuphela kanti zifunda ukuzimela.
Ngaleso sikhathi umzali uyakhathazeka ngoba usuke engazi ukuthi izokujwayela yini ukudlala nezinye izingane nokuhlala nabantu abadala engabazi enkulisa.
Uzohlushwa yimicabango yokuthi ingane yakho kungenzeka ithunjwe.
Ungayivikela ngokukhuluma nayo ngengozi engayehlela. Kodwa ungayisabisi ngokuthi kukhona umuntu ozoyilimaza noma "ayintshontshe."
Kunalokho yichazele ukuthi kungenzeka ihlangane nabantu abazoyiphatha kabi kanti kuhle ikutshele uma kukhona lapho iya khona.
Izinto ongaqala ngazo:
Yikhuthaze ukuba ikutshele nganoma yini engayiphethe kahle. Akukuhle ukufihla izinto.
Yichazele ukuthi akufanele ibe ngumngani womuntu engamazi ozisondeza eduze kwayo. Uma izithola ikuleso simo, kufanele imemeze ukuze abantu abaseduze bayinake.
Yichazele ukuthi abanye abantu bangayilutha ngezinto ezinhle noma ezimnandi ukuze ihambe nabo. Nakuba kulula ukuba iluthwe ngezinto abantu abazi ukuthi izingane ziyazithanda, akufanele izamukele.
Yichazele ukuthi kungenzeka ukuthi umuntu ayithinte ngendlela eyamukelekile engenankinga - njengokuthi ayange uma yenze into enhle - noma ayithinte ngendlela eyiphatha "kabi". Kusemqoka ukuthi yazi umehluko phakathi kwendlela engathintwa ngayo futhi ifunde ukuthi "cha" uma ingaphathekile kahle.
Ukuze ingane kuyicacele kahle okushoyo, makube khona imidlalo enizoyidlala. Ukwenza isibonelo, yibuze ukuthi ingenzani uma indoda engayazi iyinika uswidi ukuze ihambe nayo? Noma iyibuza ukuthi iyathanda yini ukubona umdlwane wenja? (Mayithi cha, iye ekhaya itshele uMama noma uBaba).
Buza nokuthi yini engayenza uma owesimame engamazi ethi mayigibele emotweni bahambe ukuze imkhombise indlela eya ezitolo? (Mayithi cha ayazi ukuthi izitolo zikuphi iye ekhaya itshele uMama noma uBaba).
OKWABAZALI
Izimpawu
ZOKUKHULELWA
KWABESIMAME abaningi - uphawu lokuqala ababona ngalo uma bekhulelwe olokweqiwa yinyanga bangayi ezinsukwini zabo. Zikhona kodwa nezinye izimpawu ezibonakalayo emasontweni okuqala. Khumbula: wukuhlolwa wenze i-pregnancy test kuphela okungakunika isiqiniseko sokuthi ukhulelwe ngempela.
Nazi izimpawu zokuqala:
Igazi eliphuma uma uya ezinsukwini zakho alishubi noma alibonakali nhlobo.
Uphathwa yinhliziyo encane.
Uzwa sengathi uzoya ezinsukwini zakho phezu kokuba seweqiwe yinyanga.
Uhlala ukhathele ucobekile.
Amabele akho ayathamba abe buhlungu uma ethinteka.
Awukuthandi ukudla noma iziphuzo ezithile. Abanye abantu besimame baphathwa yinhliziyo encane uma bezwa iphunga lokudla.
Uchama kakhulu emini nasebusuku.
Ukungcola okuphuma esithweni sangasese kuphuma kakhulu. [z]
