zulu.1735.yourstyle_beauty
fIHLA amabala!
1. INDLELA YOKUQALA
Kuhle ukuqala ngobuso obuhlanzekile bese usebenzisa i-cleanser,
i-toner ne-moisturiser efanele isikhumba sakho.
UNthato Mashishi owenza umsebenzi wokuphaqula izihlabani uthi kubalulekile ukuthola i-concealer ne-foundation eyiyo.
Kunemibono ehlukene ngokuthi mhlawumbe kufanele uqale nge-foundation noma i-concealer, kodwa uNthato ugunyaza ukuqala nge-foundation.
Khetha i-foundation efana ncamashi nombala wesikhumba sakho. Kufanele ikwazi ukwenza isikhumba sakho siphefumule hhayi ukuvala izimbobo.
Khetha i-foundation enesivikeli selanga i-UV protection engenawo amakha nefanele isikhumba esizwelayo.
2. I-BASE
Faka i-foundation endaweni enokukhanya - kungakuhle kube ukukhanya kwendalo.
Ukuze ubukeke ngokwendalo, faka ekhanyayo kuya kwephakathi nendawo ezidlathini, esiphongweni nasesilevini.
Gwema ukufaka i-foundation eningi ngoba umphumela walokho wukubukeka sengathi yi-mask. Faka ama-layer e-foundation ethe xaxa ezindaweni ezithile ezidinga ukumbozwa kakhulu.
Uma usufika ngasemhlathini qiniseka ukuthi uyifaka kancane i-foundation kodwa ihlangane.
Iseluleko: Ungayifaki i-foundation ezokwenza isikhumba sakho singakwazi ukuphefumula. Faka i-concealer lapho kukhona izisihla kuphela.
3. UKUFAKA I-CONCEALER
Qala ngokufaka i-concealer kulezo zindawo ezinenkinga kubandakanya amabala amnyama ngasemehlweni. Faka amachashazi ambalwa e-concealer ngaphansi kwamehlo, bese kuthi ngomunywe ophakathi uyimbambathele esikhumbeni (hhayi ukuyigcoba).
Uma unezibazi ungafaka i-concealer esakhilimu ngebhulashi noma nge-earbud.
Uma kudingeka ukuba ufihle amabala amnyama, qiniseka ukuthi usebenzisa i-concealer ekhanyayo kune-foundation yakho.
4. AMANYE AMASU
Ungenza ukuba izindawo ezinezinkinga zinganakeki ngokuvuselela ezinye izindawo zobuso, njengamehlo, izihlathi noma izindebe. Nakhu okufanele ukukhumbule:
■ Uma unezindawo eziyizibazi ezimnyama eduze kwamehlo, amehlo amnyama azoyenza le nkinga yedlulele. Gwema ukusebenzisa i-eyeliner emnyama, kugcona nokusebenzisa imibala ensundu.
■ Uma ufaka i-blush, lokhokwenze ngokucophelela. Uma unezinduna noma izisihla kuma-cheeks, kungenzeka ungasebenzisi i-blush ngoba ingagqamisa leyo ndawo eyinkinga. [z]
Indaba: Sbu Mpungose
L’Oreal True Match Minerals Makeup (R140)
Sebenzisa iziphaqulo ufihle lezo zindawo eziyinkinga sonke esinazo
UBUHLE BAKHO
Maybelline Instant Age Rewind Double Face Perfector (R100)
Maybelline Dream Matt Mousse Foundation (R130)
Revlon Beyond Natural Skin Matching Makeup (R125)
Almay Bright Eyes Concealer (R120)
Almay Bright Eyes Eyeshadow (R120)
Almay Bright Eyes Eye Pencil (R125)
(Ngeminye imininingwane: www.women24.com)
