ZULU.1733.stars
Okushiwo yizinkanyezi zakho
BONA ZULU - March 2006
Umsebenzi: Ukuthuthukisa amakhono akho kuzokwenza ube nguchwepheshe emsebenzini wakho.
Impilo: Zinike isikhathi sokuphumula. Ukuzikhandla kokwenzayo kuzokukhathaza.
Imali: Bhajetha kahle.
Uthando: Zinike isikhathi sothando lwakho.
Umsebenzi: Uzokwenza abaphathi namakhasimende bakuthande.
Impilo: Enza ushintsho empilweni oyiphilayo ukuze ithuthuke.
Imali: Andisa amathuba akho okwenza nokonga imali.
Uthando: Uzochazeka yisithandwa sakho.
Umsebenzi: Impumelelo izoncika ekusizeni abanye.
Impilo: Zinike isikhathi sokuvuselela umdlandla wakho.
Imali: Bhekana nezezimali ukuze ugweme izikweleti.
Uthando: Qaphela - sekuzokwenzeka ushintsho othandweni lwakho.
Umsebenzi: Yisikhathi esihle soshintsho.
Impilo: Qaphela ungakhathazeki kakhulu.
Imali: Inhlanhla izokwenza imali ikuthande.
Uthando: Yisikhathi sokubhekana nezinkinga onazo.
Umsebenzi: Kuningi okuhle ozokwenza uma uzinikela.
Impilo: Yidla okwakha umzimba.
Imali: Nciphisa ukusebenzisa imali.
Uthando: Kuningi okusha okungase kwenzeke, ngakhoke kufanele ukwamukele ngomqondo ophusile.
Umsebenzi: Isimo esihle emsebenzini sizokwenza uphumelele.
Impilo: Yisikhathi sokukhombisa umdlandla omkhulu.
Imali: Iphathe kahle ukuze ukwazi ukuyonga.
Uthando: Uyakwazi okufanele ukwenze ukunciphisa izinkinga othandweni lwakho.
Umsebenzi:Izinto ezibalulekile zizoshintsha, nawe kudingeke ukuba ushintshe ukwenza.
Impilo: Kubalulekile ukwehlisa izinga le-stress.
Imali: Gwema ukukhathazwa yimali. Ungayimosi kangaka.
Uthando: Ungaphili ngegazi lesithandwa sakho - ziphilise.
Umsebenzi: Lindela ukubhekana neminye imisebenzi.
Impilo: Kukhona okungase kukuxove umoya.
Imali: Okusha okwenzayo kungakungenisela imali.
Uthando: Ukuxhumana okuhle kuzoqinisa uthando lwenu.
Umsebenzi: Lindela izinguquko nezingqinamba ezimbalwa.
Impilo: Zivocavoce ube ngumqemane.
Imali: Yisikhathi sokuthola imali ukwazi ukuphila.
Uthando: Umshado uzokulethela intokozo uma ungawedwana.
Umsebenzi: Musa ukujaha izinto thatha isikhathi sakho.
Impilo: Hamba uyohlolwa uma uzizwa unokukhathala okungajwayelekile.
Imali: Qaphela izivumelwano ukuze uvikeleke.
Uthando: Gxila othandweni lwakho ukuze kube khona intokozo.
Umsebenzi: Impumelelo izoncika ekuzinikeleni nasekuzimiseleni.
Impilo: Ungakuvumeli ukukhathazeka ukuze uphile kahle.
Imali: Ungawathathi amashansi angacacile.
Uthando: Ukuqina kothando kuzokufundisa lukhulu.
Umsebenzi: Yisikhathi sokuzithuthukisa uphumelele.
Impilo: Vocavoca umzimba njalo, udle ngokuyikho.
Imali: Uma ubhajetha kahle, uzokwazi ukuziphilisa.
Uthando: Yisikhathi sokuba uphumelele ezifisweni zakho.[z]
