zulu.1732.shaving
SHEFA KAHLE
Izinsingo zokushefa
Kukuwena ukuzikhethela njengoba ziziningi izinhlobo zezinto zokushefa ezikhona, njengezinye ezinezinsingo eziningi, ezixhunywa ekhandeni lomshini elinyakazayo noma elinganyakazi.
◄OKONGAYO: Izinsingo zakwaClicks ezingambili ozisebenzisa uzilahle, R12,99 ezingu-8.
►ONGAZITENDA NGAKHO: Gillette Fusion, R109,99.
Zilungiselele
Kungumqondo omuhle ukugeza ubuso bakho ngaphambi kokuqala ukushafa ukuze kufe amagciwane, isikhumba sihlanzeke, kusuke nama-cells esikhumba esidala kuthambe nentshebe.
◄OKONGAYO: Insipho! (iqhuzu lensipho engaphansi kuka-R3)
►ONGAZITENDA NGAKHO: Clarins Active Face Wash, R205 engu-125ml.
UKUZICWALA KWABESILISA
I-Aftershave
Isebenzisele ukuqiniseka ukuthi isikhumba sihlanzekile emva kokuba usuqedile ukushefa.
◄OKONGAYO: I-Aqua Velva Ultra Sport Aftershave, R35,99 engu-100ml.
►ONGAZITENDA NGAKHO: I-Clarins After Shave Soother, R315 engu-75ml. [z]
U-cream wokushefa
U-cream wekhwalithi ephambili wokushefa uzovikela isikhumba eqweleni nasekutheni isikhumba singashi.
◄OKONGAYO: I-Barber Shave Foam yakwaClicks, R15,99 engu-200ml.
►ONGAZITENDA NGAKHO: I-Clarins Smooth Shave, R170 engu-150ml.
Ningakhohlwa wukushefa we madoda! Ukushefa kuyingxenye ebaluleke kakhulu ekubukekeni umuhle
SHEFA UBE MUHLE!
■ Geza ubuso bakho ngamanzi afudumele ukuze uvule izimbobo zesikhumba.
■ Faka u-cream wokushefa, i-gel noma i-foam ebusweni nasemqaleni.
■ Linda umzuzu ukuze kuthambe amadevu.
■ Shefa ulandele ukuma noma indlela yokukhula kwezinwele zakho. (Ukwenza isibonelo uma izinwele zakho zikhulu ziya phezulu, nawe shefa uyise phezulu.)
■ Suka ezidlathini uye emqaleni. Yeka isilevu sakho nodebe lwangenhla ukuze ugcine ngakho ngoba izinwele zakuleyo ndawo ziqinile zingadinga isikhashana ukuze zithambe.
■ Hambisa kahle ebusweni into oshefa ngayo ulokhu uyigeza.
■ Qiniseka ukuthi uyashefisisa kodwa uqaphele ungasikeki.
■ Uma usuqedile ukushefa, hlambulula ubuso bakho ngamanzi abandayo ubumbambathe ukuze bome.
EISH!
Kuthiwani ngespirithi esi-purple? Uma ungamelana nokushisa, siyakumema. Ispirithi usifaka kwi-cotton wool sizokuhlanza ubuso bakho (nekhanda) senze nezinwele zisheshe zikhule futhi.
