zulu.1731.yourman_soccer
Umqhudelwano
WezinKUNZI
Union of European Football Associations (UEFA)
Umqeqeshi: Marcello Lippi
Ukapteni: Fabio Cannavaro
Sebedlale kangaki kwiWorld Cup: 16
Ukuqeda kahle kwiWorld Cup: Bawina - 1934, 1938, 1982, 2006
Umlando weConfederations Cup: First tournament
NAKUBA bawina iWorld Cup ngo-2006, kodwa izinto bezingabahambeli kahle ikakhulu emva kokuthatha umhlalaphansi kwabadlali abaningi.
Phambili leli qembu ligabe ngo ‘nkonko’ olungu-Luca Toni.
Ngeshwa lehlulwa kwi-2008 European Championships kuma-quarterfinals.
I-Italy ingamelana nanoma yiliphi izwe kanti kulo mqhudelwano weConfederations Cup ingenye yamaqembu abhekiwe.
Umdlalo waleli qembu neBrazil eLoftus Versfeld ngoJune 21 ngomunye oyoba yingqophamlando yalo mqhudelwano.
■ OKUFANELE ABHEKWE: Andrea Pirlo (AC Milan, Italy)
Lo mdlali uPirlo usezakhele igama ekilabhini nasezweni lakhe kanti nguye ophambili eqenjini lezwe lase-Italy nokunguye oyisethenjwa.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 uthathwa njengochwepheshe wama-free-kick kanti useshaye amagoli amahle ewashaya ekude.
ISIPESHELI SEZEBHOLA
ITALY
IQINISO!
I-Italy yayiyingxenye yomdlalo owagcina waziwa ngokuthi yi-“Game Of The Century” emva kokushaya iGermany ngo-4-3 kuma-semifinals eWorld Cup ka-1970. Umdlalo waphela ngo-1-1. Kwi-extra time kwangena amagoli amahlanu wonke.
Umdlalo weConfederations Cup we-Italy neBrazil eLoftus Versfeld ngo-June 21 uyoba ngomunye wemidlalo eyingqopha-mlando. Kuyona le group i-Egypt ne-USA ingaphendula amatafula
Confederation: Confederación Sudamericana de Fútbol (CONMEBOL)
Umqeqeshi: Dunga
Ukapteni: Lúcio
Sebedlale kangaki kwiWorld Cup: 18
Baqeda kahle kwiWorld Cup: Bayiwina ngo-1958, 1962, 1970, 1994, 2002.
Umlando we-Confederations Cup:
Bayiwina - 1997
Bafinyelela kumafayineli ngo-1999
Balala isine ngo-2001
First Round 2003
Bawina ngo-2005
I-BRAZIL yilona lizwe eliphethwe ngabaningi ngeqoma ngendlela leli lizwe elilidlala ngayo ibhola.
Laba bafana besitayela seSamba sebezakhele elikhulu igama ngomdlalo wabo oya phambili.
I-Brazil isike yazabalaza maduze-nje kangangoba nomqeqeshi wayo uDunga useke wathola okukhulu ukugxekwa emumva ngokulahlekelwa yindlela yokudlala yakwelaseBrazil.
Leli qembu lingagila izimanga njengoba libophele izinkunzi zebhola ezifana noKaká, Ronaldinho, Adriano, Robinho, Daniel Alves no-Alexandre Pato.
■ OKUFANELE ABHEKWE: Kaká (AC Milan, Italy)
URicardo Izecson dos Santos Leite owaziwa ngabathandi bebhola emhlabeni ngelikaKaká cishe nguye umdlali wasesiswini owenza izimanga njengamanje. Lo mdlali oneminyaka engu-26 nguMzalwane oZelwe kaBusha. Ezicathulweni zakhe zebhola kubhalwe ukuthi “God Is Faithful”.
BRAZIL
IQINISO!
Ongumqeqeshi weBrazil uDunga njengamanje, wayengukapteni waleli qembu ngesikhathi liwina iWorld Cup ka-1994 e-USA. Le nsizwa eneminyaka engu-45 isiyadlalela iqembu lesizwe laseBrazil izikhathi ezingu-91 kanti
isibe ngumqeqeshi walo
kusukela ngo-2006.
Confederation Of North, Central American And Caribbean Association Football (CONCACAF)
Umqeqeshi: Bob Bradley
Ukapteni: Carlos Bocanegra
Sebedlale kangaki kwiWorld Cup: 8
Ukuqeda okungcono kwiWorld Cup: Isithathu (1930)
Umlando weConfederations Cup:
Isithathu - 1992
Isithathu - 1999
NAKUBA i-USA kungenzeka ingabi nazo izihlabani ezaziwayo ebholeni lomhlaba, kodwa kule minyaka edlule idlale kahle. I-World Cup ka-2006 kwase kungumqhudelwano wesihlanu iwungenela, kanti kubukeka sengathi noka-2010 lizokwazi ukuwungenela.
Leli qembu liyinkinga, lingase liphendule amatafula kwi-Group B lapho kukhona izinkunzi ezifana no-Italy, Brazil ne-Egypt.
■ OKUFANELE ABHEKWE: Landon Donovan (LA Galaxy, USA)
UDonovan ngomunye wabadlali abaphambili i-USA eseyake yabakhiqiza. Nguye umshayi- magoli ohamba phambili kuleli lizwe osewine umklomelo wokuba yiPlayer Of The Year e-USA izikhathi ezinhlanu.
Udlala njengomgadli noma adlale ezimpondweni. Wathunyelwa esikoleni sebhola sabantu abasha kwi-German Bundesliga ngaphansi kweqembu iBayer Leverkusen eneminyaka engu-15, ngeshwa akazange aphumelele e-Europe.
Usebe nenkulu impumelelo edlala e-USA kanti wayekhona kwiWorld Cup ka-2002
neka-2006.
USA
IQINISO!
I-USA yaphendula amatafula ngesikhathi yehlula iqembu laseNgilandi ngo-1-0 kwiWorld Cup ka-1950 eBrazil. Ngesikhathi abezindaba eNgilandi bethola imiphumela, abazange bakholwe kangangoba babhala emaphepheni ukuthi iNgilandi iwine ngo-10-1 ngosuku olulandelayo.
Confederation of African Football (CAF)
Umqeqeshi: Hassan Shehata
Ukapteni: Ahmed Hassan
Sebedlale kangaki kwiWorld Cup: 2
Ukuqeda okuhle kwiWorld Cup: Second Round (1990)
Umlando weConfederations Cup:
First Round (1999)
I-EGYPT yiyo engomakhonya e-Africa kanti kufanele ikhombise ukuthi izimisele kanjani ukubhekana nezinkunzi zamazwe omhlaba.
Leli qembu eliqeqeshwa ngu-Hassan Shehata libophele abadlali bamaqembu aphambili aseCairo, i-Al Ahly neZamalek. Abanye babo badlalela amaqembu ase-Europe.
Abadlali ababili leli lizwe elivame ukugadla ngabo phambili uMido no-Amr Zaki badlala eNgilandi kwiWigan Athletic kanti uMohamed Zidan udlalela iBorussia Dortmund eJalimane kule sizini.
■ OKUFANELE ABHEKWE: Mohammed Aboutreika (Al Ahly, Egypt)
Lo mdlali oneminyaka engu-30 wazalelwa endaweni yaseGiza enezihlahla ze-pyramid eCairo kanti ngomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu e-Africa.
Washaya igoli lokuwina i-Egypt iwina i-2008 Africa Cup of Nations kanti usebe negalelo elikhulu empumelelweni yekilabhu yakhe i-Al Ahly.[z]
Indaba: Mark Gleeson
Izithombe: Gallo
EGYPT
IQINISO!
I-Egypt yaba yizwe lokuqala lakwelase-Africa ukuphumelela ukungenela iWorld Cup ngaphansi kweFIFA ngesikhathi idlala emqhudelwaneni ka-1934 owawuse-Italy. Yehlulwa kwi-first round yehlulwa yiHungary ngo-4-2.
IMIDLALO KA-GROUP B
15/6 USA vs Italy (Tshwane)
Brazil vs Egypt (Bloemfontein)
18/6 USA vs Brazil (Tshwane)
Egypt vs Italy (Joburg)
21/6 Egypt vs USA (Rustenburg)
Italy vs Brazil (Tshwane)
