zulu.1091.Dudu
BONA ZULU – February 2007
Sinethulela uDudu isidudla esidansela u-Arthur
NAKUBA engacishe ashaye 110kg kodwa ukudansa yinto ayazi kahle. Lowo nguDudu is’dudla esidansela u-Arthur Mafokate.
“Ukudansa no-Arthur kufana nokufezeka kwephupho kimina,” kusho le ntokazi (26) ogama layo nguKholiswa Nonkelela.
Okunye akufisayo wukuba wumdlali wezithombe odumile nokuba wumculi njengo “Lolo,” nokuyigama abiza ngalo u-Arthur.
“Ukuthokozisa abantu yinto esemndenini,” kuchaza yena. “Umama wami ngumdansi owaziwayo, nodadewethu abancane nabafowethu.”
UDudu wazalelwa wakhulela elokishini laKwaNdebele Embalenhle, kanti igama lakhe eliyisidlaliso liqhamuka engomeni amagama ayo akhuluma ngo “Dudu is’dudla sami” – noma “uDudu wami omkhulu.”
U-Arthur wambona ekhonsathini eyayiseMbalenhle Stadium.
“Kwathi lapho engibizela esteji ukuba ngizomjoyina, ngavele ngazibonela ukuthi sekuyithuba lami lokuba ngibe yingxenye yabadansi bakhe e-999,” kusho uDudu.
“Kwangithatha imizuzwana engu-30 kuphela ukuba ngiqaphele ithalente kubantu cishe abangu-20 engangibamemela esteji ukuba bazodansa. Empeleni nguye owavala ngehlahla,” kusho kukhumbula u-Arthur.
UMafokate wanika uDudu imininingwane angamthinta kuyo. “Ngangimshayela ucingo masonto onke ngimkhumbuza ngesethembiso sakhe. Ngesikhathi engicela ukuba ngizojoyina ithimba labadansi bakhe angizange ngichithe sikhathi - ngapakisha izikhwama zami ngalibangisa eJozi.”
Kodwa ngaphambi kokuba uDudu ajoyine u-Arthur wayeseveli aziwa njenge “ndlovukazi yomdanso” eMbalenhle. Ungumsunguli weqembu lomdanso elidansa noma iyiphi inhlobo yomdanso kubandakanya ikwasa kwasa nokuliqembu elibophele odadewabo kaDudu ababili nabanye besimame abathathu nabo abasendaweni yangakubo.
Kodwa amaphupho akhe amakhulu ngakwezomdanso acishe akhubazeka ngesikhathi ehlaselwa ngomunye wesilisa owaba nomona engenele umncintiswano womdanso.
“Wangishaya ngenduku yensimbi wangephula umlenze,” kusho uDudu. Ngaleyo ndlela wahlala wangadansa isikhathi esingaphezu konyaka.
“Kungesikhathi ngisahleli ngisalulama lapho ngenyukelwa yisisindo somzimba,” kusho uDudu. “Ngaphambi kokuba ngilinyazwe ngangigqoka usayizi 38, manje sengingusayizi 44.
“Udokotela wami wathi kufanele ngehlise isisindo ukuze ngingagqilazi unyawo olwephuka. Ngazama ukukwenza lokhu kodwa kwangenzeka.”
Into emsizayo ukuba ahlale e-fit futhi engumqemane, wumdlalo we-karate awenzayo. “Ngaqala i-karate ngisesesikoleni,” kuchaza yena. Unebhande eli-purple nezindebe nezindondo zemiqhudelwano ezingaphezu kwezingu-19.
“Ngihlale ngilwa esigabeni sama-seniors ngenxa yesisindo sami,” kusho yena.
Leyo minyakazo yomkhalambazo iyamsiza nasekudanseni - kanti uyaqhubeka nokunandisa nangalokho nakumakhonsathi ka-Arthur. [z]
NGENHLA: UDudu enza into okuyiyo eyamenza u-Arthur wabona ikhono elimangalisayo.
indaba nguFORCE KHASHANE
Indlovukazi yomdanso kowe-kwaito
NGENHLA: UDudu eno-Arthur.
Sixoxisane nes’dudla sika-Arthur
BONA ZULU – February 2007
NGENHLA: Intokazi ye-karate esiyenza izimanga ekudanseni isikhombisa izinkomishi zayo, izindondo nezitifiketi.
