zulu.1730.world cup
Africa!
I-TUNISIA kuphela kwawase-Africa ezoya kwiWorld Cup eGermany inesipiliyoni sezinga lalo mqhudelwano, njengoba isiwungenela izikhawu ezintathu zilandelana. I-Ivory Coast neGhana yibo esingabathemba kakhulu kulo mqhudelwano, kodwa i-Angola neTogo bazohlangabezana nezimmbila zithutha emidlalweni yabo ngoJune.
Ngo-October ngesikhathi lawa maqembu ephumelela ukwedlulela kwiWorld Cup emva kwemidlalo yokuhlunga, baningi abethuka bangakholwa njengoba iningi lalibheke lawo amakhulu ebholeni lase-Africa afana noCameroon, Nigeria ne-Egypt.
Kumafayineli omqhudelwano we-African Nations Cup e-Egypt amazwe afana no-Angola noTogo kwabonakala ukuthi awekho ndawo.
NeGhana nayo yehluleka emzuliswaneni wokuqala nokuyinto abazithethelela ngokuthi abadlali abafana noMichaels Essien weChelsea babengekho ngenxa yokulimala.
I-Ivory Coast ingazishaya isifuba kufanele njengoba yakwazi ukuba ivimbele iCameroon ingayitholi indawo kwiWorld Cup eGermany.
I-Africa ingathembela kwi-Ivory Coast njengoba ibophele izihlabani ezifana noDidier Drogba, Bonaventure Kalou noDidier Zokora. Kungenzeka impumelelo yaleli lizwe yedlule ngisho eyeCameroon neyeSenegal nawo okungamazwe afinyelela kuma-quarter final emiqhudelwaneni yamaWorld Cup edlule.
Alikho izwe lakwelase-Africa eselake laba yingxenye yamazwe amane kwifayineli.
Umqeqeshi wase-Ivory Coast nguyena mqeqeshi okhululekile ozokuba nenkinga yokuthi ngubani azomshiya ngaphandle kunokubheka ukuthi uzobathathaphi abanekhono.
Okunye okungamkhathaza wukuthi izotholakala yini indawo yabadlali abangakaze badlale eqenjini lesizwe abafana noBoubacar Sanogo, owenza izimanga kwiGerman Bundesliga noKaiserslautern, no-Abdelkader Keita osanda kushaya igoli kwi-UEFA Cup eshayela iqembu lakhe laseFrance iLille.
I-Angola ekugcineni isize yaphumelela ukunxenxa isiqongqwane seFC Porto uPedro Emanuel owawina izindebe ezimbili naleli qembu lase-Europe eminyakeni embalwa edlule ukuba azinikele ezweni lakhe.
U-Emanuel wazalelwa eLuanda kanti wahamba esengumntwana nabazali bakhe emva kokuba i-Angola isithole inkululeko babuyela ePortugal.
Phambilini wayenqaba uma efunwa yizwe lakhe ngoba efuna ukufeza iphupho lakhe lokudlala ePortugal.
Njengoba eneshwa lokungabi sezinhlelweni zomqeqeshi weqembu lakhe uLuiz Felipe Scolari, usethathe isinqumo sokudlalela izwe lakhe.
Lokhu kufana nokwenzeka kuDavid Jemmali weBordeaux omunye weziqongqwane zasemumva onesipiliyoni ongowokuzalwa eFrance kodwa uyise ongowokuzalwa eTunisia.
Usanda kuqala ukudlala kwiTunisia emdlalweni wakamumva wobungani bedlala neSerbia And Montenegro.
Umqeqeshi omusha waseTogo u-Otto Pfister, umatasa usabheka abadlali abadlala phesheya baseTogo ukuba bazoqinisa iqembu labo lesizwe.
U-Pfister wathatha indawo kaStephen Keshi ongowokudabuka eNigeria owaxoshwa emva kokuba iTogo yehlulwe kuyoyonke imidlalo emithathu yeNations Cup. Emva kwalokho akuzange kube khona ukuzwana phakathi kwakhe nesihlabani somdlali u-Emmaule Adebayor…
U-Adebayor nguyena kuphela umdlali wakuleliya lizwe osezakhele igama emhlabeni onekhono elimangalisayo emva kokukhombisa enkulu impumelelo kwiLigi yaseNgilandi esuka kwiMonaco ngoJanuary.
Kodwa eqenjini lesizwe laseTogo bahlale bemgxeka ozakwabo.
U-Adebayor washaya amagoli angu-10 waba ngumdlali ohamba phambili ngokushaya amagoli emidlalweni yokuhlunga emazweni ase-Africa. Ukunganambithisisani kahle noKeshi kwadalwa wukuthi wayefuna ukumbeka ebhentshini emdlalweni wokuqala wamafayineli eNations Cup.
UKeshi wambiza ‘ngengane ehlale ikhononda’. Ekugcineni nguye u-Adebayor owaba nokuthokoza ngokuxoshwa kwalo mqeqeshi owayengukapteni waseNigeria.
Kunokukhulu ukungabaza futhi nangalo mqeqeshi waseGhana uRatomir Dujkovic, amaqembu akhe asehlulwe emidlalweni emihlanu kwayisithupha ayidlala kulo nyaka ka-2006.
UBora Milutinovic naye oliqhamukisa eSerbia njengoDujkovic, sekumenyezelwe ukuthi nguye ongase athathe indawo yakhe.[z]
I-World Cup 2006
Kubanjwe umoya nge-
BONA ZULU – May 2006
Kuyilungelo lethu ukuba sibe nexhala lokwazi ngaleWorld Cup - ikakhulu njengoba abaningi bethi i-Africa imelwe amazwe antekenteke eGermany…
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
UDidier Drogba ngomunye wabadlali i-Ivory Coast ezobeka amathemba kuye eGermany.
u
l10/6 (Group C): Cote d’Ivoire v Argentina (Hamburg)
l11/6 (Group D): Angola v Portugal (Cologne)
l12/6 (Group E): Ghana v Italy (Hanover)
l13/6 (Group G): Togo v South Korea (Frankfurt)
l14/6 (Group H): Tunisia v Saudi Arabia (Munich)
l16/6 (Group C): Cote d’Ivoire v Netherlands (Stuttgart)
l16/6 (Group D): Angola v Mexico (Hanover)
l17/6 (Group E): Ghana v Czech Republic (Cologne)
l19/6 (Group G): Togo v Switzerland (Dortmund)
l19/6 (Group H): Tunisia v Spain (Stuttgart)
l21/6 (Group C): Cote d’Ivoire v Serbia and Montenegro (Munich)
l21/6 (Group D): Angola v Iran (Leipzig)
l22/6 (Group E): Ghana v USA (Nuremburg)
l23/6 (Group G): Togo v France (Cologne)
l23/6 (Group H): Tunisia v Ukraine (Berlin)
I-Africa kwiWorld Cup
U-Emmaule Adebayor weTogo simbona lapha edlalela i-Arsenal.
BONA ZULU – May 2006
t
I-World Cup 2006
UBonaventure Kalou – waseCote d’Ivoire ngomunye umdlali okufanele abhekwe.
BONA – May 2006
