zulu.172.legalmar
Uthini Umthetho
Une-stress emsebenzini
INKINGA: U-superviser wami emsebenzini uhlale engithethisa njalo. Sengikhulumile nosimele enyunyaneni kodwa wehluleka ukumenza (u-superviser) ukuba angangiphathi ngalolu hlobo. Ngifuna ukwesula ngoba impilo yami ayibekezeleki kodwa futhi nemali ngiyayifuna.
Ongimele enyunyaneni ungixwayise ngokuthi u-superviser wami ufuna ukungixosha ngoba i-stress engihlale ngikhala ngaso uthi singenza ngingakwazi ukwenza umsebenzi wami kahle. Yini okufanele ngiyenze.
ISELULEKO SOFEZELA: Ukuze wesule ngempumelelo, ukwesula kwakho kufanele kuncike entweni eyaziwa ngokuthi yi "constructive dismissal." Umthetho wezabasebenzi i-Labour Relations Act lokhu ukuchaza ngokuthi "wukunqanyulwa kwenkontileka ngoba u-superviser wenza isimo singabekezeleki kumsebenzi".
Inqubo yalokhu ayilula ngoba kufanele ukhombise ubufakazi bokuthi u-superviser wakho wenza isimo sakho sangabekezeleka nanokuthi ayikho enye indlela ngaphandle kokwesula."
Kufanele ubhale incwadi wazise umqashi wakho ngezinkinga ohlangabezana nazo kubandakanya nezinyathelo ozithathile ninokumele enyunyaneni ngemizamo yokuthola isixazululo sale nkinga.
Kufanele nomqashi wakho umnike isikhathi esanele sokuthatha izinyathelo ezifanele zokuxazulula inkinga yakho no-superviser. Mtshele umqashi wakho ukuthi uma le nkinga ingaxazululeki cishe ezinsukwini ezintathu, ukuhlukunyezwa kwakho wu-superviser kuzokuphoqa ukuba ushiye phansi.
Izinyathelo zemizamo yokuxazulula lokhu ibandakanya, umhlangano noyi-human resources manager enkampanini noma ongumqondisi. Esingakweluleka ngakho wukuthi kungakuhle ubonane nalaba bantu abangenhla ngaphambi kokufaka kwakho incwadi yokwesula.
Indaba ye-stress iyinkinga kangangoba abaqashi bayaphoqeka ukuba baqaphele ekuthatheni izinqumo ezingase zingehli kahle kubasebenzi.
Umthetho udinga ukuba umqashi abheke lokho okudala i-stress. Uma uphenyo lwakhe lukhomba ukuthi sidalwa yizinto ezingaphezu kwamandla ukuzilawula, uyaphoqeka futhi ngokusemthethweni ukuthatha izinyathelo ezifanele zokugudluza lokho okudala i-stress ngaphambi kokuthi kuthiwe awuwazi umsebenzi.
Uma unenkinga yokuthola abammeli, xhumana nabegatsha loFezela ngakini.[z]
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - March 2007
ESITHOMBENI KULINGISIWE
