zulu.1728.BEC events
UNYAKA ka-2007 uyiphathele lukhulu iBONA Empowerment Project. Kulo nyaka lolu hlelo luzoqala eGoli ngomhlaka 31 January lapho osomabhizinisi abancane nabantu bezonikwa izeluleko ezizobasiza ngeSoccer World Cup ka-2010.
Kuzogxilwa ebhizinisini lezokuvakasha, elezokuthutha, elokupheka nelokudayiswa kwezimpahla.
Kulo nyaka yiSasko Flour engabaxhasi abaqavile beBONA Empowerment Bake and Cook for Profit.
I-Glenryck Pilchards nayo ikhona kanjalo nabakwaScore Supermarket abayobe beyingxenye yeBake and Cook for Profit.
IBONA Empowerment Project izoxhaswa abakwaMageu Number One, Aranda Blankets noSavellsFairdeal Furnishers. AbakwaMageu Number One bazobuye baxhase neSmall Business Start-Up Awards.
Obhulankethi bamqoka kakhulu emvunulweni, ungaphisana ngabo noma ubadayise. Sebenzisa leli thuba olinikwa abakwa-Aranda uthole imali ngokubadayisa.
BONA ZULU – January 2007
Amathuba amabhizinisi, ukuxhaswa ngemali nabezokuxhumana ngo-2007
Bheka abawine iMageu Number One Small Business Awards ekhasini 80!
I-Glenryck ngabanye babaxhasi beBake and Cook for Profit
LE NHLANZI ingumthombo wama-protein adingwa ngumndeni wakho – ikakhulu izingane ezisakhula.
Amathini ayo avuleka kalula kanti iqukethe ama-amino acids anika umndeni wakho impilo namandla.
I-Glenryck Pilchards itholakala ngezinongo ezimbili: iTomato Sauce neHot Spicy Chilli. Khetha kwegayiwe nengagayiwe wenzele abathandiweyo bakho izidlo ezinempilo ngeGlenryck...
Zenzele imali udayise obhulankethi be-Aranda
AMALUNGU eBONA Club anenhlanhla eSouth Africa ngoba angakwazi ukuvula amabhizinisi azenzele imali. Kulokho sibonga amathuba amabhizinisi avulwa abakwa-Aranda Blankets.
Thenga obhulankethi be-Aranda babe baningi ngesaphulelo ubadayise uthole inzuzo.
Abakwa-Aranda neBONA Empowerment Club bazoba nama-workshop okuvula ibhizinisi lobhulankethi kulo nyaka. Uma ufuna ukuba kukhangiswe ngabo emalungwini esitokifela noma enhlangano ethile, shayela iRevue Liaison kule nombolo: 011-883-8829 ukuze ubhuke.
I-Bake and Cook for Profit neSasko
UBONA unentokozo yokwethula abakwaSasko Flour njengabaxhasi abakhulu bama-workshop eBake and Cook for Profit.
I-Sasko Flour izigqaja ngokuba neminyaka engu-70 yaba khona kanti manje ingufulawa othandwayo ezweni. I-Sasko Flour yenziwe ngokolo wakuleli nowakwamanye amazwe oyikhwalithi ukuze konke okubhakayo kunambitheke.
I-Sasko Flour ihlose ukusebenzisa ama-workshop eBONA Bake and Cook for Profit ukuze ihlomise abesimame baseSouth Africa babe ngochwepheshe ekubhakeni, ibanike nezeluleko ibuye ibaxhase. Izobanika namacebo okubhaka nawokupheka ukuze bakhiphe unyawo emakhaya abo.
Khumbula, sebenzisa iSasko Flour njalo ukuze ubhake okumnandi.
U-SavellsFairdeal uyaziqhenya ngokuba ngumxhasi omusha weBONA Empowerment Club
LESI yisitolo esihle sakwaSavellsFairdeal esiseMlazi. Phezu kwendawo eyanele ongapaka kuyona mahhala kube lula nokuya kwezinye izitolo, kukhona nokunhlobonhlobo ongazithokozisa ngako. Okusho ukuthi ngokuvakashela lesi sitolo uzobhema ukholwe!
Abathengi bathola okuningi ngemali encane kanti uma benemibuzo bangathola izimpendulo abazidingayo kubasebenzi abaqeqeshiwe.
Vakashela kwaSavellsFairdeal oseduze nawe ujoyine neBONA Empowerment Club - lapho uthola khona okuphambili ngemali encane!
THOLA KABANZI
ngeBona Empowerment kwi-website ethi www.empowermentclub.co.za noma ushayele iRevue Liaison ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi.
BONA ZULU – January 2007
Ingqikithi: Ibhizinisi lezokuvakasha, elokupheka, elezokuthutha nelezimpahla.
Indawo: The Pyramid,
95 Eloff Street ext, Village Deep, eGoli
Usuku: ULwesithathu, 31 January 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6 ntambama ukuze siqale ngo-6.30pm
Imali: R30 umuntu (kukhokhwa emnyango). Imali yokudla ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
UKUZE UBHUKE: SHAYELA KU-011-883-8829 NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI
Bake & Cook workshop
Indawo: The Score Head Office,
1 Piet Street, City Deep
Usuku: ULwesine mhlaka 1 February 2007
Isikhathi: 2 ntambama
Imali: R20 umuntu
Shayela ku-011-883-8829 ukuze ubhuke.[z]
Indlela amaBhizinisi amaNcane angahlomula ngayo ngo-2010!
Izikhulumi
Iminini-ngwane Yomcimbi
NGENHLA: U-Citrum Kumalo, umpheki obuye ethule ama-shows okupheka kwiTV.
NGENHLA: UThami Bolani – SEDA.
NGENHLA: U-Daisy Gama – umethuli wohlelo Is’Godi.
Oyosithokozisa nguM’zet

