zulu.1721.A and A
U-Joe Nina wabalwa kwabathatha amehlo embizweni yaseKurhuleni.
U-David Mabaso noMandy Mabaso.
Ngabe wake wezwa kukhulunywa ngeRock Challenge ezikoleni zethu? Lona ngumcimbi wezobuciko oqwashisa intsha yaseSouth Africa ngezidakamizwa notshwala. I-Rock Challenge isanda kubanjelwa eRebone Primary School eSoweto. Isithombe nguMOLEFI SEBATIE.
I-Rebone neRock Challenge
BONA ZULU – September 2006
Imbizo
Ezalapha Nalaphaya
YIZIPHATHIMANDLA zebhola ezaqala ukubona ukuthi abaculi bayakwazi ukuheha izihlwele emidlalweni. Manje osopolitiki nabo sebeyabamema abaculi uma kunembizo.
Le ndlela yokudoba abantu yasebenza embizweni esanda kubanjelwa eKurhuleni eGermiston Lake. Izithombe nguMOLEFI SEBATIE.
U-Arthur – inkosi ye-kwaito, inkosi yesigqi.
USoso Daniso, Noluvuyo Dyonase noCebokazi Daniso.
Babezidumisa!
Ingxenye yabadansi baseRebone Primary School eSoweto.
Isihlabani se-kwaito sifake isandla
UKabelo enika uMama uCarol we-Itereleng Foundation isheke.
Umculi we-kwaito uKabelo Mabalane waqoqa umnikelo ka-R250 000 wokusiza abantulayo ebambisene neHarmony Gold Mining Company ngesikhathi egijima kwiComrades Marathon ka-87 kilometres. Izithombe nguMOLEFI SEBATIE.[z]
I-Hope School ibalwa kulezo zinhlangano ezizosizakala ngenxa yokubamba kukaKabelo iqhaza kwiComrades.
