zulu.1720.hair
UNYAKA OMUSHA,
izitayela ezintsha!
IZINWELE
Zibusise ngokuthenga iwigi ushintshe indlela obukeka ngayo ngokushesha...
AMAWIGI akunika inkululeko yokubukeka ngendlela oyithandayo enze ubukeke njengesihlabani uma uthanda. Qaphela ungathathi isinqumo ozozisola ngaso. Bheka la maphuzu alandelayo ngaphambi kokuthenga iwigi.
1KHETHA KAHLE: Ngaphambi kokuthenga iwigi, cabanga ngesitayela sayo, isimo sayo, ubude nombala owufunayo.
2 UKUBIZA KWAYO: Bheka ukuthi unamalini. Iwigi ye- human-hair iyabiza kuneye- synthetic. Kodwa kuningi ongakwenza ngeye-human-hair. Uma iqondile ungenza ama-curls. Uma inama-curls, ungayilula. Ungashintsha umbala wayo noma uyidaye ngokugqamile noma ngokuzothile. Ungayinquma uma ukhathazwa wubude bayo.
3 HLELA: Ukukhetha iwigi ekahle kungaba bucayi ngakhoke yiba nesikhathi esanele, uma kungenzeka cela iseluleko kumcwali wezinwele. Yilinganise ubone ukuthi ibukeka kanjani ekhanda lakho.
4. ZILUNGISELELE: Uma kungenzeka, sebenzisa i-camera phone uthathe izithombe ozobe ugqoke kuzona amawigi ehlukene. Khumbula ukuthi kufanele abukeke ngokwemvelo uma ungafuni ukuthi abantu bakuhluphe ngokubuza ngezinwele zakho. Amanye amawigi angadinga ukulungiswa ukuze afanelane nobuso nokwakhiwa kwakho.
5UKUWANAKEKELA: Amanye amawigi abhalwe ukuthi anakekelwa kanjani kodwa uma eyakho ingabhaliwe, cela iseluleko kumcwali wezinwele noma kumdayisi. Uma kuthiwa gwema okushisayo kuwona, ungawasebenzisi ama-tongs noma uwomise ngogesi. Uma iwashwa ngamanzi afudumele iwashe ngawo. Iyinakala uma ungayinakekeli ngendlela efanele.
6UKUTHENGA: Uma uthenga iwigi kuba ngeyakho unomphela. Abanye abadayisi banomgomo wokungabuyisi mali kanti abavumi ukwamukela iwigi uma uyiphindisela emuva ngakho qiniseka ukuthi ukhetha oyithandayo. Sikhethe ambalwa esikuhalisela ngawo, zitike.[z]
Indaba: Faith Seuoe
Izithombe: Ivan Naude
Izinwele, i-make-up ne-styling:
Faith Seuoe
Umkhangisi: Nancy, G3
Iwigi eyi-afro
Amanye amawigi ayi-afro abukeka ekahle emaphathini okumele kuswenkwe kuwona kodwa le ilungele yonke imicimbi ngoba inama-curls athambile. Ungayigqoka nsuku zonke emsebenzini.
Amanye amawigi angenza ube nezinwele ezinde ngokuphazi-ma kweso - wadonsele ngaphambili uma uthanda. Yenza i-ponytail emini, uyidedele kusihlwa. Noma wenze i-bun ezolengela emuva noma eceleni.
Iqondile yinde
I-bob
Ikahle uma uqala ukusebenzisa iwigi ngoba ayisindi kanti kulula ukuyisetha. Ungayigqoka kanje ehhovisi usebenzise iminwe noma ikamu uyidonsele ngaphambili ukuze wenze i-fringe, uma uya emicimbini eyisipesheli.
