zulu.1706.sisarah
ESITHOMBENI KULINGISIWE
NGINEMINYAKA engu-30, eyomuntu engithandana naye ingu-70. Saqala ukuthandana ngo-2002. Wacela ukuba ngihlale naye wakhala ngokuthi usekhulile ngeminyaka nami ngavuma. Wayengiphethe kahle kodwa lokho sekwaphela! Ufika nezintombi zakhe ekhaya alale nathi sonke embhedeni owodwa. Usengitshele ukuthi ucele enye yezintombi zakhe ukuba ihlale nathi.
Angazi ukuthi kumele ngenze njani ngoba ngisamthanda lo mlisa.
BA, Edenvale
Waze wabhekana nenkinga! Ngabe uneminyaka engu-70 ngempela lo muntu onezintombi eziningi? Nakuba akwenzayo kulihlazo, isimo obhekene naso asihlukile kwesabanye abesimame abazithola bethandana nabantu abaqonyiwe.
Zimbili izinto ongakhetha kuzona.
Ungasamukela lesi simo uqhubeke naye ngoba uthi usamthanda. Noma umkhethise (umnike ithuba lesibili) phakathi kwakho nezintombi zakhe.
Ngokwencwadi yakho, sengathi awuhambisani nesiluleko sami sokuqala. Kufanele sikhumbule ukuthi asikhulumi ngesithembu lapha kodwa sikhuluma ngendoda ekhonze "iziketi" nje kuphela - ngabe uzokwazi ukuyikhethisa phakathi kwakho nazo?
Zibuze lokhu: ngabe uyithanda ngempela, noma uyayidabukela? Kubukeka sengathi yileso sizathu esaba yimbangela yokuthi uvume ukuhlala nayo kanti manje uyesaba ukukhuluma nayo ngezintombi zayo ngoba kuzoba sengathi usufuna ukuyishiya...
Uma kunjalo, kufanele ukhumbule ukuthi ngeke ishintshe. Uma unovalo lokuthi ngeke ikunakekele uma nihlukana, kusho ukuthi kufanele ubekezelele konke ekwenzayo.
Kodwa uma uyithanda ngempela ufuna ukuqhubeka uhlale nayo, kuzodingeka ukuba nikhulume ngalokhu ekwenzayo uyitshele ukuthi akukuphathi kahle.
Yikhumbuze ukuthi kuyingozi lokhu ekwenzayo. Kungenzeka ukuthi ayinandaba ne-AIDS njengoba isikhulile nje kodwa wena usemncane kufanele uzicabangele...
Uma ingashintshi kufanele kukukhanyele ukuthi ayikuthandi.
Ngibona sengathi uzichithela isikhathi kulolu thando - impilo yakho isengozini!
Khuluma nayo uyinike elinye ithuba.
Ngabe ngithathekile?
Nginenkinga yomzwangedwa. Nganginesoka konke kuhamba kahle kwaze kwafika isikhathi sokuba ngikhethe iNkosi. Umfundisi wangitshela ukuthi akufanele uqome uma ukhonza ebandleni lethu laseBaptist. Ngangilithanda isoka lami kodwa noNKULUNKULU ngiyamthanda. Ngabona kufanele ukuthi ngilishiye isoka lami.
Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule ngithole ukuthi ibandla lethu linezinkinga liyadukisa ngathatha isinqumo sokulishiya. Manje ngihlale ngicabanga isoka lami.
Ngiyesaba ukulishayela ucingo. Ngenzenjani uma kungukuthi selikhohliwe yimina? Lokho kungangidumaza kungiphathe kabi. Angikwazi ukuqhubeka nempilo yami ngoba ngisalithanda. Ngicela usizo!
VB, Amsterdam
Sengathi inkinga yakho wukuthi awuzange utshelwe iqiniso mhla ukhetha iNkosi kanti ngokuthatha iseluleko owawuthi yisona sona, wagcina ulahlekelwe wumuntu omthandayo.
Okufanele ukwenze manje wukulalela unembeza wakho. Zama ukufuna isoka lakho ulichazele ukuthi walishiyelani. Ngikholwa wukuthi lizozwa likuxolele.
Uma lingakuxoleli noma selinenye intombi, kwamukele nalokho ungakhathazeki. Okuhle wukuthi uzoba nethuba lokukhuluma nalo kunokuhlala ucabanga ngalo ubusuku nemini.
Kuhle wazi ukuthi umi kuphi ukuze niqale impilo yenu kabusha noma ubheke omunye ongabambisana naye othandweni.
Isitho sangasese sithambile
Ngineminyaka engu-33 ngishadile nginabantwana ababili. Ngabona emva kokuthola umntwana wami wesibili ukuthi isitho sami sangasese asisaqinile njengakuqala. Nginovalo lokuthi umnyeni wami uzophelelwa wuthando ngenxa yalokhu. Ngabe kukhona engingakwenza?
Onenkinga, eGoli
Ungakhathazeki ngoba okwenzeka kuwena kujwayelekile! Ukubeletha ngendlela ejwayelekile kuyasinweba isitho sangasese, kodwa imisipha yethu ibuyela esimweni esijwayelekile emva konyaka ubelethile.
Ikhona indlela ongazivocavoca ngayo ukuze sisheshe sibuyele esimweni saso. Okuhle ngale ndlela wukuthi ungayenza noma kuphi - etekisini, ugeza izitsha, noma uma uzimele.
Okufanele ukwenze wukubamba imisipha yakho yangaphansi - wenze okwenza uma ubamba umchamo. Lokho kwenze imizuzwana emihlanu bese uyayeka. Kuphindaphinde ka-10 ngesikhathi, kube amasethi amahlanu ngosuku.
Ngilinde isikhathi esingakanani?
Mina nesoka lami sineminyaka engu-26 kanti sihlala endaweni eyodwa kodwa lona lisebenza eGauteng. Ngilibona uma livakashele ekhaya kuphela kodwa kukhona inkinga kulolu thando lwethu. Isoka lami linezinye izintombi ezimbili.
Eyokuqala ihlala ngakubo. Uma isoka lami lisekhaya angikwazi ukulivakashela lingakabonani nentombi yalo yokuqala. Uma libuya okwesibili kusuke kuyithuba lokuba libonane nentombi yesibili abanengane nayo.
Mina ngize ngibonane nalo uma selibuya okwesithathu. Ngiyalithanda kodwa inkinga yile ndaba yezintombi zalo.
Langitshela ukuthi angingalishayeli ucingo noma ngilivakashele lingashongo. Ngakhulelwa, ingane layiphika. (Ngeshwa isisu saphuphuma.)
Ngisanda kuzwa ukuthi linenye intombi!
ZB, Wesley
Uma ulalela le ndoda uzozithola ubheke yona impilo yakho yonke... ngeke uthokoze usathandana nayo. Ngamafuphi nje idlala ngani.
Ngiyezwa ukuthi uyayithanda kodwa cabanga kahle. Awuphathekile kahle ngenxa yezenzo zayo. Kungenzeka ukuthi unovalo lokusala ungenamuntu othandana naye.
Khululeka! Le ndoda ayinandaba nawe kanti uchitha isikhathi ngokuthandana nayo ekubeni ungamthola umuntu ongakuphatha kahle kunayo!
Zicabangele uhlukane nayo. [z]
AMANDLA OKUPHILA
Indoda egangile
Uneminyaka engu-30, isoka lakhe elineminyaka engu-70 linezintombi
BALALA NDAWONYE
USis Sarah
uzokusiza aphendule yonke imibuzo yakho aduduze nabalusizi
Bhalela kuleli kheli:
Ask Sis Sarah,
Box 32083, Mobeni
4060.
Qaphela:
USis Sarah
akaqeqeshelwe ukuxazulula
izinkinga ezithinta impilo.
ISIHLABANI SALE NYANGA
Isihlabani sebhola
25.10.80
Umdlali wase mumva ongowokuzalwa eGoli abambiza ngo"Mbazo" waqala ukudlala kwiBlackburn Rovers ngoJanuary 2005. Usedlula uShaun Bartlett ngokudlala kaningi kwiBafana.
IZINKANYEZI
BONA ZULU december 2008
(Mar 21 - Apr 20) Izinto ziyahleleka empilweni yakho ngakhoke sebenzisa leli thuba ukufeza izifiso zakho. Uzokwenza ezibukwayo uma ukhonze ezobuciko noma imidlalo - ikhono lakho lizogqama kahle.
(Apr 21 - May 20) Gxila ekunakekeleni impilo nenhlanzeko yakho - kufanele uphile ubukeke kahle uma ufuna ukuphumelela kwezamabhizinisi. Dweba uhlaka ozosebenzela phezu kwalo.
(May 21 - Jun 21) Yisikhathi esihle sokwenza izivumelwano ezizothatha isikhathi eside uphucule nomsebenzi owenza njengamanje. Amathuba emisebenzi mahle kanti uzoba nogazi emphakathini.
(Jun 22 - Jul 22) Yiba yingxenye yokusha okwenziwayo - uzozibeka ethubeni elihle uma usebenzisa izifundo ozozithola. Uzothola inzuzo ngokusebenzisa imibono yakho.
(Jul 23 - Aug 23) Uyabuthanda ubumnandi kanti lesi yisikhathi esihle sokuvakasha nomndeni noma nabangani nibone eningakwazi. Imibono yakho izokusebenzela ngoba yinyanga yakho yenhlanhla lena.
(Aug 24 - Sep 22) Gxila ebhizinisini nasemsebenzini owenzayo njengoba usenethuba lokuphucula izinga lakho nemali oyiholayo. Uzoba nenhlanhla uma ungasebenzi noma uma ufuna omunye.
(Sep 23 - Oct 22) Yisikhathi esihle lesi uma ufuna ukwakha ubungani kodwa akufanele ubalahle labo onabo. Ukusebenzisa iseluleko somuntu onolwazi kuzokusiza ukuze uphumelele ube nokuzethemba.
(Oct 23 - Nov 22) Uzosizwa wumkhuleko nokholo oluqinile uma ungabaza kanti uzokwazi ukuphunyuka ezinkingeni ezinkulu. Lalela unembeza wakho - ngeke ukufake eweni ngabantu ongaphila nabo.
(Nov 23 - Dec 21) Wunyaka wempumelelo nowokuphucula impilo yakho lona. Bhekana nezinhloso zakho ngokuzethemba, uzowuthola umvuzo uma uhlela kahle.
(Dec 22 - Jan 20) Funda ukuphatha imali yakho kahle. Gwema izindleko ezingenasidingo. Uzokuthola okunye ongakwenza ukuze uzenzele imali ethe xaxa, okufanele ukwenze wukucabangisisa kahle.
(Jan 21 - Feb 19) Sebenzisa amathuba amasha avela emsebenzini. Unekhono lokwenza okudingekayo kuma-interviews, ngakhoke xhumana nabantu abazokuhlomisa kulowo msebenzi owaziyo.
(Feb 20 - Mar 20) Gxila emndenini wakho uma ufuna ukuphucula ubudlelwane bakho nowakwakho.Sebenzisa ubuhlakani bakho ukuze kube mnandi ekhaya. Zikhipheni noma nihlangane nabangani. [z]
IZINKANYEZI
