zulu.169.katlego
UKatlego akanazibazi
Anginazo izibazi!
BONA ZULU - June 2007
Ukusikwa ngommbese ngesikhathi bemhlasela, kwenza uKatlego Danke waqina kakhulu ezigcawini zakhe zeGenerations nophathini wakhe uRantebeng Makapan
WAMANGAZA izwe edlala indawo yomuntu ohlanyayo uKeketso kwiBackstage. Kodwa uKatlego Danke ukholwa wukuthi abukho ubuchwepheshe bokudlala emidlalweni yeshashalazi obungakusiza ukwazi ukumelana nezigameko ezimbi ezenzeka empilweni yangempela.
Namanje akakathandi ukucabanga ngalobo busuku lapho bamshaya wopha ngenxa yokusikeka ngenhla kweso.
"Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalesi sigameko ngoba kusewudaba olungaphansi kophenyo lwabomthetho," kusho yena.
"Yebo kwakuyinto esabisayo kodwa futhi eyenzeka kubantu abaningi empilweni. Nginenhlanhla ngoba sengingcono futhi ngelulama kahle kakhulu."
Ngesikhathi uKatlego ebonana nethimba lakwaBONA, umthungo ngenhla kweso lakhe langakwesobunxele wawusufihlwe yisitayela sezinwele, kanti zase zikhishiwe futhi izitishi sekubonakala ukuthi ukusikeka sekuyavaleka. Kukho konke ubunzima, waba nenhlanhla ukuba kube khona uRantebeng ngoba wayemduduza amtshele ukuthi, "Sizele ukuba sizosiza wena."
Uma bengasadlali kumabonakude, uKatlego noRantebeng banobungani obuhle kakhulu futhi bayasizana. Kodwa futhi kukhona ukushayisana.
Izimpilo zabo zacishe zoniwa ngoDineo noThomas kubabukeli beGenerations.
"Ngiyakuzonda ukugqamisa indaba yothando ubusuku emva kobusuku," kusho kuvuma uKatlego. "Uma ngiphambi kwekhamera ngiyakuthokozela ukulwa kunokuqabulana!"
Sekuthathe izinyanga eziyishumi ukuba lubonakale uthando lwabo emdlalweni. Kodwa kwathi lapho usomabhizinisi uKenneth Mashaba ekugcineni ethola amaqiniso ngenkosikazi yakhe nendodana yakhe, konke kwafinyelela ekugcineni.
"Selokhu ngajoyina iGenerations ngo-August nyakenye, ngihlukunyezwa ababukeli. Bacasulwa yindlela uThomas axosha ngayo uDineo. Bayangithethisa bathi: 'Ungakwenza kanjani lokho kwi-stepmother sakho"' Bahlale belindele ukuba ngithole okungifanele.
"Indlela esasithwebula ngayo lesi siqephu 'sokuthola' yayiyinhle kakhulu," kusho uRantebeng. "Ngicabanga ukuthi kusukela manje ngiyohlale ngifake ikapisi noma kuphi lapho ngihamba khona ukuze ngicashe."
Ukuba sezinkingeni
"Ababukeli uma bengibona emphakathini bathi: 'Ave ugangile Dineo,'" kusho uKatlego ehleka. "Basuke befuna ukwazi ngempilo yami yangasese.
"Njengomdlali wemidlalo yeshashalazi, ngizimisele ukwenza uDineo umlingiswa okwazi ukubhekana nezinselelo."
Njengoba uKatlego ethanda ukudlala indawo kaDineo, kodwa uyakugcizelela ukuthi bangabantu ababili abehlukene kunomlingiswa amdlalayo kwiTV.
Emva kokuba ethole izizumbulu zemali kaMashaba ezinyangeni eziningi ezedlule, kodwa walalela inhliziyo yakhe ngokubaleka noThomas.
"UDineo ababukeli banendaba naye ngenxa yokuzabalaza kwakhe," kusho yena.
URantebeng naye ubona uThomas ngendlela efanayo.
"Singabeminyaka elinganayo, kanti naye ungumTswana njengami. Uthando lwakhe ngolukaDineo ngisho ngabe kwenzekani kubona.
"Empeleni, ungowesilisa onezibopho futhi okwaziyo ukuphila ngaphandle kwemali."
Izigcawu ezishisayo
UDineo ungubude obungu-1,57m kanti uRantebeng Makapan ungubude obungu-1,85m.
Kuye kudingeke ukuba amphakamise ngezinye izikhathi ukuze ubuso babo buqondane lapho bemile beqabulana kumabonakude.
"Ngeke banginike ibhokisi engizokuma kulona," kusho uKatlego. "Kuyangisiza ukuba ngenze sengathi kwenzeka ngempela.
"Ngiyakuzonda ukuzigqamisa ngalezo zigcawu, kodwa ngiyaphoqeleka ukuba ngikwenze lokho ngoba kungumsebenzi wami."
Uma esengasekho estudyo, uba nguye - agqoke ama-jean namaT-shirt, kungabikho okukaDineo okunjengeziphaqulo.
"Ngingumuntu ophansi ozithobile empilweni kangangoba ngisho nabalandeli abangiboni," kusho yena.
"Esikoleni ngangilokhu ngingumuntu omubi owayehlale ehlezi nezintombi ezinhle ngoba zifuna izinsizwa ezibukekayo.
Ngabe ukhona umvuzo"
NjengoKatlego, leli bhungu eliselisha emdlalweni kamabonakude aligculisekile yimivuzo yomsebenzi walo omusha.
Uyayigwema impilo esheshayo nezindawo zobumnandi kanti usalokhu ezihlalela nalabo bangani bakhe ayefunda nabo.
"Esikoleni semidlalo yeshashalazi ngangizidumisa emaphathini, sonke sifisa ukuba yizihlabani zeTV sidume sibe ngosaziwayo.
"Kodwa namanje ngisahamba ngaleyo moto encane engayithenga ngonyaka wami ngiqala ukusebenza. Ngihlala efulethini ngiyaziphekela."
Emakilabhini, ababukeli balo mdlalo besilisa bahlale bemdonsa bembizela ukuthi azobona izintombi zabo.
"'Hey mntakwethu, lona nguThomas'" kusho uRantebeng. "Kodwa ngiye ngibatshele ukuthi: Cha nginguRantebeng!'"
"Abanye baye bathi bafuna ukuba ngibaxhumanise nabo ukuze bakwazi ukudlala kwiGenerations. 'Uyabukeka kanti futhi unekhono ekudlaleni," kusho bona. 'Konke okudinga ukuba ngikwenze wukuba ngingene emnyango."
"Akulula ngaleyo ndlela. Ngafunda iminyaka emithathu esikoleni semidlalo yeshashalazi ukuze ngikwazi ukuba ngizitholele indawo kulo mdlalo, kodwa bona bacabanga ukuthi uvele uthole inombolo yocingo bese ushayela khona."[z]
NGENHLA: Njengoba kwadingeka ukuba sithwebule izithombe zekhava ngoSuku loMndeni, uMhleli kaBONA uForce Khashane wafika nabantwana bakhe bezozithokozisa: (kusuka kwesobunxele): UThuli Khashane (10), Force Khashane, Maphoko Khashane (6), umcwali uThandi Mngqibixa, uchwepheshe weziphaqulo uFaith Seuoe, Khashane Khashane (13), Rantebeng Makapan noKatlego Danke.
indaba nguDOUG GORDON noPATRICIA McCRACKEN
izithombe: IVAN NAUDE
izitayela: THANDI MNGQIBIXA
iziphaqulo nezinwele: FAITH SEUOE
umdidiyeli: PATRICIA McCRACKEN
zonke izingubo ekhaveni nezinto zokuhloba: Fashion Studio
BONA ZULU - June 2007
NGEZANSI: "Indlela esathwebula ngayo izigcawu zokutholakala, yayimnandi," kusho kuncokola uRantebeng.
Katlego: ingubo: Lojas de Moda; iringi: Fashion Studio; Rantebeng: i-top Fashion Studio; i-jean: ngeyakhe; zonke izicathulo: Europa Art
u
t
Kusukela ebubini waba yisoka
"Uma ngiphambi kwekhamera ngincamela ukulwa kunokuqabula," kusho uKatlego - kodwa njengomdlali wezithombe zeshashalazi, akakwazi ukuzikhethela.
BONA ZULU - June 2007
URantebeng
URantebeng Makapan (29) uyibonile impilo yakhe ishintsha kusukela aqala ukugqama emdlalweni kamabonakude omkhulu kuleli.
"Ngingumuntu ozihlalela yedwa efulethini eSandton. Ngangivame ukuhamba ngezinyawo ngehle ngiye ezitolo ngiyothenga isinkwa nsuku zonke, kodwa selokhu ngajoyina iGenerations akusenzeki," kusho yena.
"Abalandeli bahlale bengimemeza bethi, 'Hey Thomas, iphi imoto yakho kanokusho"'"
Akabasoli. Selokhu aqala ukuyithanda imidlalo yeshashalazi ngezikhathi kusadlala uSello Maake ka Ncube owayeyinkinsela engu-Archie Moroka.
"USello wangikhuthaza kakhulu ekutheni ngikhethe umsebenzi wemidlalo yeshashalazi," kusho uRantebeng.
Yena noKatlego baqale baziqeqesha ekudlaleni izigcawu ezishisayo ngaphambi kokuba babe phambi kwamakhamera.
"Siyalingana ngeminyaka kodwa yena unesipiliyoni esingaphezu kwesami emidlalweni yeTV. Ngangihlale ngimbuka kwiBackstage, ngathatheka kakhulu yindlela ayedlala ngayo.
"Manje usengibiza ngo 'Ran' kanti uhlale enemiqondo eminingi yokwenza izigcawu zethu zithathe amehlo ababukeli."
"UKatlego ufana nomqeqeshi wami ekudlaleni imidlalo yeshashalazi. Miningi imiqondo aqhamuke nayo ukwenza indlela esidlala ngayo kube ethatha amehlo abantu," kusho uRantebeng.
Katlego: ingubo ne-sash: Lojas de Moda; ama-leggings namacici: Fashion Studio; Rantebeng: i-top: Fashion Studio; i-jean: ngeyakhe
