zulu.1698.letters
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Ithemba laseMzansi
Phambili nokubekezelelana phambili!
UKUKHULA ngimnyama akubanga lula kimina ngoba ngangehlukile. Bonke abantu babecabanga ukuthi angisiyo indoda ngokuphelele. Indlela engangiyiyona yenza ukuba ngikhuliswe nabesimame. Ngaleso sikhathi ngangingenalwazi ngokuba wungqingili.
Nakuba abanye bothisha babezama ukungivikela, abanye babehambisana nozakwethu engangifunda nabo bahlekise ngami. Abanye babafana babengishaya njalo bethi bafuna ukungenza indoda.
Kwakukhona nabanye ababefana nami bekhombisa ukungithanda. Lokho ngiyakubona njengamanje, kodwa ngayishaya indiva imizamo yokwakha ubuhlobo nami ngoba ngangididekile. Omunye wabo ngikhumbula engiqabula ngosuku lwami lokugcina esikoleni wangifisela ikusasa eliqhakazile.
Emva kokuba ngihambile ngiyokweluka entabeni ngokwesiko lakwaXhosa, ngazama ukuba ngiphile impilo eyiyo nefanele, kodwa angizange ngibe nakho ukujabula.
Emva kokufunda udaba lokushadana kwabobulili obubodwa (August 2007) inhliziyo yami yaba buhlungu.
Lokhu kwangivuselela ngabona ukuthi uMzansi usendleleni ebange ekwamukelaneni nasekubekezelaneni.
Ngezindaba ezinjalo, uBONA, usiza ekusabalaliseni ithemba. Sengathi iNkosi inganiBusisa.
Vuyolwethu Mfumbe, Mossel Bay
Wena BONA
Ohhh, BONA, uyinkanyezi yethu ebenyezelayo. Ungumngani wami. Kumnandi ukuba nawe. Oh yeah!
BONA, ngiyohlale ngikuthanda.
Ngiyabonga ngokuba khona kwakho.
PL, Soweto
Ihlazo lika-2010
Isikhathi siyasiphelela. U-2010 ususemome. Awubheke nje isimo sebhola lethu. Sibe neminyaka engu-14 yokulungisa lesi simo - yini eyenziwe ukuphucula ibhola?
Cishe alukho olutheni olwenziwe!
Kuyacaca siyozihlekisa ngabantu.
FB, Boipatong
Umyalezo wababhala u-matric ku-2008
Imfundo yiyona mgogodla wempumelelo yanoma yisiphi isizwe. Ngaphandle kwemfundo, awulutho.
Izithelo zangomuso zisembewini yanamuhla - leyo mbewu yimfundo.
Ngithanda ukufisela bonke ababhala u-matric ngo-2008 inhlanhla yokuphumelela. Zibhekeni nizinakekele, nigweme izilingo ezinganifaka ekufeni!
Johannes Mlangeni, Sebokeng
Ngabe i-OBE iyasebenza?
Uhlelo lwe-outcomes-based education (OBE) sekuphele iminyaka engaphezu kwelishumi lukhona. Yiziphi izithelo oluze nazo?
Ngizibona ngingumuntu onenhlanhla ngokuthola ithuba lokuphothula u-matric ngaphansi kwemfundo yakudala. Nakuba kwakukuningi okwakungalungile kuyona, kodwa kukhona esakufunda.
I-OBE izwakala njengento enhle - kodwa ubungozi bayo wukuthi yenza othisha bafane nababhasobha izingane.
I-OBE idinga ukubhekisiswa kahle ivuselelwe. Ngaphandle kwalokho, sizozithola sikhiqiza abafundi abangafundisekile ngokuyikho.
Joseph Thabiso,
Bloemfontein
Sebenzisa umqondo wakho
Umqondo wakho ophusile ungakwenza ucebe. Yilona thuluzi elinamandla, kodwa lizogqwala lingakusebenzeli uma ungalisebenzisi. Okuyiyona ndlela ebalulekile yokusebenzisa umqondo wakho wukuzinika isibopho sokunakekela impilo yakho. Lokhu ungakwenza ngokuba ufunde ngokuzimisela, emva kwalokho uthole umsebenzi ukuze ukwazi ukuziphilisa wenze amaphupho akho abe yimpumelelo.
Andrew Noge,
Jukskei Park
Zithande!
Kukhona abantu abaningi abangazithandi. "Uma ngingase ngibe mude," kusho omunye - kanti omunye umuzwa ethi, "Uma ngingaba mfishane." kukhona futhi nalabo abafuna ukuba bancane ngomzimba, noma ukuba nesikhumba esikhanyayo.
Zitshele ukuthi umuhle unjalo. Funda ukuzithanda ngoba uma ungakwenzi lokho, akekho oyokuthanda.
Ukubukeka kwakho esikubonayo ngaphandle, akuyona into ebalulekile.
Gxila konamandla okukwenza - uzobubona ubuhle oyibo.
PN, Randfontein
Zenzele
Njengomuntu osemusha, ngithanda ukukhuthaza abantu abasha baseSA ukuba bazenzele izinto.
Yebo ziningi izingqinamba ezinjengokwentuleka kwemisebenzi - kodwa uzothola ukuthi miningi imizamo kahulumeni yokusungula izinhlelo eziqondene nokufundisa abasha amakhono okuba bathole umsebenzi.
Masizisebenzise izinhlangano ezifana neJipsa, Asgisa, National Youth Services nezinye ukuze siqhubekele phambili.
TM, Phalala
Uthando noma imali?
Sisakholelwa othandweni, kodwa kwenzeka kanjani namuhla abantu bakholwa wukuthi uthando luhambisana nemali.
Ukwenza imali yiyona into esibusayo kangangoba sesikhohlwe wokubalulekile.
Kuhle ukuthokozela uthando olungenamkhawulo nezinto ezincane ezisho lukhulu empilweni ngaphandle kokubhekela ukunconywa.
Abantu bangabakhohlisi kangangoba ngeke wazi ukuthi onaye njengamanje nguye ngokweqiniso yini.
Umhlaba ugcwele amaqili - abesilisa nabesimame - abenza konke okusemandleni ukufinyelela emalini yakho.
Samkelisiwe Mhlongo,
e-mail
Masingayibekezeleli inkohlakalo!
NGIKHATHAZEKILE ngabasebenzi bakahulumeni abazitamuzela izibonelelo zikahulumeni ngokungemthetho. Uhulumeni ulahlekelwa yimali eningi ngenxa yalezi zikhulu ezinenkohlakalo.
Masingababekezeleli abantu abaxhaphaza izimali ezimiselwe ukusiza umphakathi.
Laba basebenzi kufanele bajeziswe ngoba bavimbela uhulumeni ekusizeni abadinga usizo ngempela.
Masiyibike le mikhonyovu - singahlali sisonge izandla kube konakala.
Zokwana Papikie, Zebediela
Amaphepha ahlale egcwele izinto ezimayelana nenkohlakalo kahulumeni - emazingeni aphansi? Usuke waqondana nenkohlakalo? Sibhalele usitshele ngayo![z]
Incwadi ewine kule nyanga izowina iMotorola W230 music-phone ebiza R700!
IZINCWADI
YIBA MotoSharp-Sharp ngeMotorola entsha eyi-W230 music-phone okwazi ukuba uzikhethele umculo ngayo. Ungarekhoda kusukela kwiFM radio yakho eyakhelwe khona noma ulalele kwi-1GB MP3 player enezingoma ezifika ku-300.
u
Hlala Uphilile
UBONA uthi...
YISIKHATHI senjabulo kaKhisimusi. Okubuhlungu wukuthi abantu abaningi kubona kuzokuba yisikhathi sabo sokufa.
Kunjalo - lesi yisikhathi lapho imigwaqo yethu iphenduka amathuna.
Kuzokuba nezexwayiso emisakazweni nakoTV zokuba abantu bangaphuzi uma bezoshayela, bangashayeli lapho bekhathele, behlise ijubane ukuze bafike bephilile.
Ukube lezi zikhangiso zenzelwe ukuthuthukisa inkampani ethile, ngabe leyo nkampani kade yavalwa.
Kungani abantu bakithi bangafuni ukukuzwa nokukulalela lokhu? Kungani bangafuni ukugcina imithetho evikela iphephise bona?
Ngabe lokho kusho ukuthini kithina njengabantu baseSA?
Sikhalaza ngosopolitiki abanenkohlakalo namaphoyisa kanjalo nezigebengu ezingenandaba nezimpilo zabanye abantu, kodwa...
...Kodwa konke kulele kithina. Ayikho nencane into engasivimba ekutheni singayihloniphi imithetho yemigwaqo, kunalokho siyaqhubeka sizenzele intando yethu.
Sikhombana ngeminwe, "uwena owenze iphutha!". Lokhu sihlale sikuzwa lapho umuntu ezithethelela ngephutha lakhe mhlawumbe engene kungafanele ku-stop street. Ekushayeleni sonke sisengcupheni.
Uma ukucabanga lokhu mhlawumbe wukuziphatha kwethu esikukhombisa lapho sishayela ukuthi sinhloboni yabantu. Lokhu kukhombisa ukuthi asikwazi ukucabangela abanye abantu.
Ngabe lokhu akudali yini inkinga yokuxabana kwabashayeli emgwaqweni? Akukho ukubekezelelana emigwaqweni yethu - ngoba noma ngubani ufuna ukuba izinto zenzeke ngendlela yakhe.
BONA October 2008
u
Q
Ngabe iSA kusafanele ibizwe ngombuso wentando yeningi emva kokwehliswa kukaMbeki?
YEBO. "Kwenzeka into efanele. Manje uZuma sekufanele athathe. UMbeki ulitholile ithuba lakhe, ngakhoke sesiphelile isikhathi sakhe."
Thandazile Mtjale (56)
YEBO. "Sakulwela ukubabeka ezikhundleni kodwa asisatholi lutho. Siyawunakekela umphakathi, kodwa bona abanendaba. Kufanele bahambe."
Abigail Shange (48)
CHA. "Akuqhutshwanga ngeqiniso ngoba abazange bamnike ithuba uMbeki ukuba aqede isikhathi sakhe. Pho uZuma yena uzokwehluka kanjani?"
Patience Gumede (41)
YEBO. "Iqembu elibusayo lalinelungelo lokwenza izinguquko. Angikholwa ukuthi kukhona into engekho emthethweni elayenza."
Tshabang Mpko (23)
YEBO. "Siseyizwe lombuso wentando yeningi. UMbeki wayenendaba neZimbabwe ngaphezu kweSouth Africa."
Someone Ngubo (22)
YEBO. "Kunjalo! Uma iqembu libona ukuthi umuntu othile akawenzi ngendlela umsebenzi othile, kufanele limxoshe."
Ntembiso Magocobu (35)
CHA. "Akusewona umbuso wentando weningi. Abantu abanazwi ngalolu daba, ekubeni noMbeki kwakufanele ayekwe aqede isikhathi sakhe."
Bryan Sipho Dube (21)
YEBO. "UMongameli waseSouth Africa kufanele kube nguJacob Zuma."
DM Msweli (60)
