zulu.1697.letters
OWINE R100
BONA ZULU June 2008
Sinawo amandla!
Umphakathi unamandla okulwa nobugebengu nodlame ezikoleni zethu nasemalokishini. Isibopho sokulwa nobugebengu akufanele sibe phezu kwabombutho wamaphoyisa kuphela.
Izigebengu ziyaziwa emiphakathini yethu - zingabafowethu nodadewethu kodwa asizibiki emaphoyiseni. Kokunye zifihlwa yithina lapho zifunelwa amacala eziwenzile.
Wumphakathi futhi othenga izimpahla ozaziyo ukuthi zebiwe.
Uma uthenga into yokwebiwa, ubocabanga umuntu leyo yinto esuke intshontshwe kuyena ngaphambi kokucabanga ukubiza kwayo kancane.
Masibe ngamaphoyisa ngokwethu ngokuba seseke izinhlaka zokusebenza ngokubambisana namaphoyisa njengamaCPFs (Community Policing Forums).
Roselina Stemele, Cape Town
Ngibonga abeSAPS
Ngithanda ukubonga abesimame nabesilisa abasembuthweni wamaphoyisa esiteshini samaphoyisa eBuffalo Flats e-East London ngokuzwa izicelo zokuba avale i-tavern endaweni.
Le tavern yaba yinkinga kusukela ngo-2002. Izidakamizwa notshwala bekubusa khona kuphazamiseka nezakhamuzi ezakhele le tavern.
Sesiyakwazi ukulala ubuthongo nokuyinto ebese singasayazi kule minyaka. Ngiyabonga!
VI Mlindwa, East London
Konke kusengqondweni
Ukuze ube nemali, kufanele ugxile kwezomnotho. Kunzima ukuba nemali uma uhlale ukhala ngokuthi awunamali.
Uwena ozivalela ukuba imali ingangeni ngokucabanga kwakho okungakwakhi.
Konke ukucabanga okulahlisa ithemba kungavimbela izinto ezinhle ukuba zenzeke.
Cabanga kakhulu ngezinto ezinhle.
Alfred Ngqoleka, Mthatha
Kubo bonke abayeni...
Umkami wedlula emhlabeni ngoDecember 31, 2007. UNKULUNKULU AkaMnikanga ithuba lokubona uNyaka oMusha. Sase sishade iminyaka engu-29 sesinezingane ezine. Ngaphambi kokuba ashone wangitshela ukuba ngiqine ngizinakekele.
Njengamanje ngibhekene nobuhlungu obukhulu. Kuningi esase sikuhlelele ikusasa, konke esasikwenza sikwenza ndawonye. Sasiwumndeni othokozile ngempela okholelwa othandweni.
Njengamanje ngifuna ukutshela abanye abangabayeni ukuthi kufanele bawahloniphe bawathande amakhosikazi abo ngoba asazi ukuthi siyohlukaniswa nini.
Ngakhoke konke enikwenzayo kwenzeni ndawonye. Masijabuleni ndawonye ngoba isikhathi siyahamba.
RJ Banda, Zambia
Ukukhulelwa
Abantwana besikole ngeke bayeke ukukhulelwa ngoba banikwe amalungelo amaningi kubandakanya nokuya esikoleni beqhuba izisu. Nabo sebenikwa i-"maternity leave" njengabesimame abasebenzayo.
Kudala izingane zazesaba ukukhulelwa ngoba zazazi zazizosala ezifundweni zazo.
Lulama Mrenyuka, Khayelitsha
Funda ukonga
Eish, anginamali!
Lokhu sihlale sikuzwa njalo.
Okubuhlungu abantu baseSA abakwazi ukonga - nokubenza bangabi nemali emva kokuhola.
Uma singafunda ukonga sehlise izinga esisebenzisa ngalo imali, singaba nemali njalo.
Thabo Thulo, Senekal
Ngabe yibuphi ububi obuzohambisana nekusasa?
Ngiphatheka kabi uma ngibona izinga lobugebengu lenyuke kangaka ezweni lethu. Ngempela angazi ukuthi isimo sekusasa siyokube sinjani. Ngisho nabaholi bethu imbala sebephendukele ebugebengwini. Izigebengu zidubulela ukubulala, akekho umuntu ophephile kulezi zinsuku.
Sizophepha kanjani?
MK Molefe, Koffiekraal
Ebuhleni nasebubini
Umshado wukuhlanganiswa kwababili ukuze baphilisane ebuhleni nasebubini. Kodwa okuxakayo wukuthi njalo kuye kubhekeke ukuba kube ngoyedwa wabo ozinikelayo. Lokhu akulungile. Umshado uphumelela ngokuba kube khona ukubambisana phakathi kwabantu ababili.
Mapitso Ramaisa, Matwabeng
Zikhululeni kulobu gqila
Imboni yezidakamizwa ithanda ukudlonga kuleli. Nsuku zonke abantu abasha bajikela ezidakamizweni uma kungabahambeli kahle. Izidakamizwa ziqhubezela izinkinga zabo phambili.
Angibehluleli abantu abasebenzisa izidakamizwa ngoba angazi ukuthi kusuke kudalwa yini - ngiyabanxusa ukuba bazikhulule kulobu gqila bahlukane nezidakamizwa.
Siyabulela Mpikwa, Dimbaza South
UKUZIBEKELA imigomo yisinyathelo sokuqala esiholela ekutheni uzilawulele impilo yakho. Kuyingxenye yenqubo yokuzithuthukisa.
Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukuzibekela imigomo akusho ukushintsha ubudlelwane bakho nabanye abantu. Kumayelana nawe ngofuna ukukushintsha empilweni yakho nongazimisele ukukubekezelela.
Uma usuqala usuyisebenzisa le migomo, abantu abakwaziyo bazokuba nobunzima ekukwamukeleni lokhu.
Kodwa uma kungabangani bakho ngokweqiniso, bazokuqonda lokhu ngokushesha - babone ukuthi kubuqinisa kanjani ubungani benu. Khumbula, abantu bayohlale bekuphatha ngendlela nawe obaphatha ngayo, nangendlela futhi oziphatha ngayo.
Ukuzibekela imigomo kungakhombisa ukuzinikela kwakho ekuzihlonipheni. Ekupheleni kosuku, inhloso yokuzibekela imigomo izokwenza usondelane nabanye iqinise nobudlelwane benu uzizwe kukhona okuzuzile.
LT, Bloemfontein
Indlela yokwakha ukuzihlonipha...
IziNcwadi
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ukuzibekela imigomo
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
UVO LWAKHO
Q
Kgomotso Nchabeleng, onenkulisa
Honest Ndlovu, umfundi
Ilidio Mausse, umbazi
Anna Makhubele, i-cleaner
Vuyile Seteni, u-cashier
Ngabe imiphakathi yenza okwanele
ukulwa nobugebengu?
CHA. "Ngihlala eHillbrow, izigebengu ziyazicanasela khona."
CHA. "Abantu bayesaba ukubika ngobugebengu ngoba amaphoyisa asebenza nezigelekeqe. Mina ngithi akubuye isigwebo sentambo."
YEBO. "Ngihlala eTembisa. Abantu bayabika ngobugebengu kanti ngike ngibone amaphoyisa ebopha izigebengu."
CHA. "Abantu bayathanda ukuthenga izinto ezidayiswa amasela - ngaleyo ndlela bayazikhuthaza."
YEBO. "Imiphakathi yenza konke okusemandleni isebenze namaphoyisa ekulweni nobugebengu. Kodwa sinenkinga yenkohlakalo."
Bhekithemba Ndlovu, umpheki
Nosibusiso Mqhayi, umfundi nguweta
Meshack Peter, umdayisi
Goitsemang Malakane, i-artisan
Esther Banda, umfundi
BONA ZULU June 2008
CHA. "Abantu sebelahle ithemba ngoba amaphoyisa akawenzi kahle umsebenzi wawo."
YEBO. "Kungcono kakhulu manje. Ngesikhathi ngifika eJoubert Park ubugebengu babudlangile. Kodwa manje isimo singcono kakhulu."
CHA. "Uma izigebengu zenze into ethile abantu bashaya sengathi akwenzekanga lutho abanye bayazivikela."
CHA. "Abantu babamba inkunzi emini kabha abafana abancane bagqekeze izimoto bantshontshe okuphakathi. Uma ubiza amaphoyisa awakunaki."
CHA. "Ngibona sengathi bayathokoza uma bebona umuntu ekhuthuzwa noma ehlukunyezwa yizigebengu."
u
t
BONA ZULU June 2008
IziNcwadi
Ngabe siyimbangela yobugebengu?
KUNINGI esikuzwayo uma kukhulunywa ngobugebengu eSA. Abantu bakhala ngokuthi amaphoyisa akawenzi kahle umsebenzi wawo noma bakhale ngenkohlakalo kuhulumeni - kodwa mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba sizibuze ukuthi yini esingayenza ukuze silwe nobugebengu.
Sithenga izimpahla zokwebiwa sibenze amaqhawe abantu abantshontshayo.
Elokishini isigelekeqe siyahlonishwa kunomuntu ovuka njalo ekuseni aye emsebenzini.
Intsha ithi kumnandi ukuhlala nezigelekeqe ngoba zihlakaniphile zidumile.
"Zijwayeleka kalula uma usuhleli nazo," kusho omunye umfundi ose-varsity. "Ngithanda nokuthi ziyaphana."
Sinezinhlobo ezimbili zezigebengu emalokishini. Lezo ezibulawa abantu uma sezibanjiwe azizona izigelekeqe. Zona zitshontsha iTV nokunye ukuze zikudayise ngemali encane zithole imali yokuthenga izidakamizwa.
Izigelekeqe zangempela ziyahlonishwa azithintwa. Zona zibamba inkunzi emabhange noma ziqole izimoto ezithwala imali. Akudlalelwa kuzona. Akekho umuntu okuvikelayo uma ubikela amaphoyisa ngazo.
Uma ubikela amaphoyisa ayakuhleka ngoba angabangani bezigelekeqe.
Abantu sebephenduke iziboshwa emakhaya abo.
Ukulwa nobugebengu sekuyinkinga ngoba zithathwa njengama "qhawe". Ziyahlonishwa! Ubugebengu bugcina sebuyinto eyamukelekile!
Nikiwe Sithole, e-mail
Ngabe uthini umbono wakho? Ngabe uNikiwe uqinisile? Ngabe siyazihlonipha izigelekeqe? Ngabe siba ngabangani bazo? Yini eyenza ukuba abantu bangaboni ukuthi ngokujwayelana nezigelekeqe siyazikhuthaza ukuba ziqhubeke nobubi bazo?
Sibhalele sizwe umbono wakho!
OKUMELE UKWAZI: kukhona abantu abenza okuthile ukuze balwe nobugebengu.
Phenya ekhasini 28 lapho siqale khona ingosi YESIPESHELI SEZOBUGEBENGU ubone ukuthi abantu baseSA basebenzisana kanjani neziphathimandla ukuze izwe lethu liphephe...
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli OMkhulu: Chris Burgess
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Steven Makhanya
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000
Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700
Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600
Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith Ucingo: 011-248-3500
Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700
Fax: 011-474-5479
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Busisiwe Motlhasedi
Tel: 011-449-1033
E-mail: busisiwem@caxton.co.za
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
