zulu.1692.bec recipes-tips
I-Black Empowerment iyaphila kwa-Aranda. Zidayisele obhulankethi babo uzakhele igama ebhizinisini.
BONKE osomabhizinisi abaphumelelayo benza ucwaningo ngaphambi kokuqala ibhizinisi. Lolo cwaningo lwenza balihlelele kahle ibhizinisi labo. Ngaleyo ndlela ibhizinisi ngeke liphumelele okwesikhashana nje kodwa liyohlala likhona. Yilolo cwaningo olubizwa ngocwaningo lwebhizinisi.
Kuyini ukwenza ucwaningo ngebhizinisi?
Uma wenza ucwaningo ngebhizinisi ubheka lona, amakhasimende alo, ongancintisana nabo nokunye. Ukucwaninga kusiza ngokukunika ulwazi lokuthi abantu bafunani noma bafuna ukuthengani. Ukucwaninga kukubeka endleleni eya ebhizinisini eliyimpumelelo.
Qala ngokwenza ucwaningo emphakathini wangakini ukuze uthole ukuthi abantu badayisani nokuthi yini abangayidayisi. Xoxisana nabantu uzwe ukuthi badingani. Lezi zinto zombili zizokusiza “ekutholeni intuba yokungena ebhizinisini.” Kungenzeka ukuthi leli yithuba lakho lokudayisa izimpahla ezifunwa abantu.
Ukuthola intuba yokungena ebhizinisini
Babuze le mibuzo elandelayo abantu ubhale izimpendulo zabo:
lYiziphi izinto ezisemqoka abazidingayo noma abafuna ukuzithenga?
lNgabe bazithengaphi lezo zinto? Ngabe bazithola eduze noma kude?
lObani abathenga lezo zinto?
lYini abangayitholi lapho bethenga khona?
lNgabe kushibhile kunakwezinye izitolo?
lObani abanye abadayisayo emphakathini?
lBadayisani, badayisela bani, kuphi?
I-Ginger Loaf
Izithako
125ml uwoyela
125ml iMageu Number 1 Cream Flavour
3 amaqanda
250ml Illovo Golden Syrup
250ml amanzi afudumele
5ml i-bicarbonate of soda encibilikiswe emanzini angu-60ml 360g i-cake flour
ibinzana likasawoti
5ml i-baking powder
15ml i-ginger emahhadla
10ml i-mixed spice
200g Illovo sugar
BONA ZULU – May 2006
UKUCWANINGA NGEBHIZINISI
Indlela yokwenza
1. Shisa uhhavini ube ngu-180°C, ugcobe ama-loaf tin amabili angu-23cm x 13cm x 7cm.
2. Shaya ndawonye amafutha, iMageu Number 1, amaqanda, i-syrup namanzi. Faka i-bacarb ukuhlanganise.
3. Sefa ndawonye izithako ezomile engxubeni yeqanda ufake ushukela. Shaya imizuzu emihlanu kuze kuhlangane.
4. Kuphendulele emathinini ukubhake imizuzu engu-45 noma i-testing skewer ize iphume ihlanzekile.
5. Kupholise ukuseve nebhotela.
Kuphuma olofu ababili
Qhubeka uwathenge sisi. Ngeke kusizakale impilo yakho neyomndeni wakho kuphela kodwa ungakwazi nokungenela iMAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS. Thumela udaba lwakho uchaze ngebhizinisi lakho nokuthi imali uyenza kanjani, uthumele nemininingwane yakho nezinombolo zocingo kanti ungahlomula emklomelweni ka-R50 000. Thola ifomu yokungenela kwi-website yethu ethi, www.empowermentclub.co.za noma uhambele imicimbi yethu. Ungashayela uWellington ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi ukuze uthole ikhophi nge-fax. Funda ekhasini 43 ngowokuqala ofinyelele kumafayineli kulo mkhakha wokuthuthukiswa kokuthengiswa kwemikhiqizo. [z]
BONA – August 2005
