ZULU.1084.legaljul
BONA ZULU - July 2006
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Ngawa ebhasini
Ebhasini kwakukhona umlisa owayeshaya owesimame ngase ngilamula. Lo mlisa wayephethe ummbese wagwaza owesimame.
Umshayeli webhasi wayimisa waxosha lo mlisa. Ngachaza ukuthi laba bantu angibazi nokuthi bengizama ukusiza owesimame kodwa umshayeli wangikhipha kabuhlungu ngaze ngawela phansi ngalimala umlenze. Ngasizwa omunye owayehamba ngemoto wangiyisa esibhedlela sengephuke umlenze. Angizange ngisebenze amasonto ayisithupha. Yini okufanele ngiyenze ngemali esengayichitha kodokotela nasemithini"
GG, Soweto
lUmshayeli webhasi akanalo ilungelo lokuziphatha ngendlela aziphatha ngayo. Ukuziphatha kwakhe kuyicala. Kuningi ongamfaka icala ngakho ukhokhelwe izindleko zobuhlungu, zokulahlekelwa wumholo, ezokwelashwa ngisho nokwehliswa isithunzi. Nasenkampanini yamabhasi ungazifuna izindleko.
Kukho konke lokhu kuzodingeka uthole ummeli, ufune nofakazi ukuze kuthathwe izitatimende.
Ingxenye yenzuzo
Umngani wami nami savula i-spaza shop ngokubambisana emva kokufaka imali engu-R2 500 umuntu emunye ukuze sithenge istokwe sikhokhe nerenti. Leli bhizinisi lethu belihamba kahle kakhulu kangangoba saze sathenga indawo esasiliqhubela kuyo.
Le ndawo kwakungeyethu sobabili ngokulinganayo futhi ibhalwe emagameni ethu sobabili. Savula esinye isitolo kulo lelo bhilidi saqashisa ngaso. Konke kwahamba kahle kwaze kwaba ngiphathwa iTB ngaya esibhedlela izinyanga eziyisithupha.
Ngesikhathi ngiphuma esibhedlela, ngathola ukuthi umngani wami usenikeze umuntu omusha esimqashisile i-notice wase eqashisa omunye. Njengamanje uyenqaba ukungikhokhela ingxenye yami yenzuzo etholakale ngokuqoqwa kwerenti. Ngingenzenjani ukuze ngithole ingxenye yami yemali eqoqwe ngerenti"
JK, Port Elizabeth
lKufanele uthole ingxenye yakho yenzuzo yemali yerenti. Kodwa kufanele uqale uthole ukuthi kwakheka imali eyinzuzo engakanani. Ukuze wenze lokho kufanele ucele enibambisene naye ama-akhawunti okuqhutshwa kwebhizinisi ngesikhathi ungekho usesibhedlela.
Uyabona kungenzeka kubekhona nezindleko ezifana nokukhokhelwa kwe-bond eyarejistelwa indawo. Kungenzeka futhi kube nezindleko ezadaleka ngokunakekelwa kwebhilidi njengokulipenda nokulihlanza.
Imali esele yiyo ezokuba yinzuzo kanti wena ingxenye yakho kuzokuba wuhhafu wayo.
Uma umngani wakho engeke akunike iriphothi enemininingwane (eyaziwa ngokuthi yi-akhawunti), echaza ukuthi kwaqoqwa malini, kwasetshenziswa malini, kuphi nokuthi kusele malini, kuzofanele ummangalele ngaleyo akhawunti.
Lokhu kusho ukuthi kuzodingeka ukuba ube nommeli.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
