zulu.1689.yourlifeguide_motivation
Kungani kumele silwe NOKUNGAZI
Bathi ongakwazi akukukhathazi. Ungakukholwa nakancane. Ongakwazi yikho okukuphatha kabi nsuku zonke
NGISANDA kuqeda ukufunda ngommelika uChris Gardner. UChris wayengamazi ubaba wakhe kwaze kwaba uyakhula. Umama wakhe waya ejele kabili nokwadingeka ukuba uChris ayohlala nezihlobo nasemakhaya ezintandane. Wadlwengulwa ngenye indoda kwase kuthi uzingamzali wakhe wesilisa (stepfather) wamkhombisa inzondo emangalisayo ehlale emsabisa ngokuthi uzombulala enza nempilo yakhe yaba yisihhogo sakwamhlaba.
Njengomuntu omdala, uChris wayengenakhaya kudingeke ukuba ahambe equba emathoyilethi omphakathi ebusuku nendodana yakhe encane.
Ukube uChris wazithela ngabandayo wavumela isimo sakhe simbuse - ngubani owayengamsola?
Kodwa esikhundleni sokuzithela ngabandayo, uChris wasungula inkampani eyenza ama-billion ama-dollar. Namuhla ulwa nobuphofu nobubha egameni labanye (indaba yempilo yakhe yenziwa i-movie - The Pursuit Of Happyness, okudlala phambili kuyo uWill Smith).
Ngikholwa wukuthi kukhona uChris Gardner kithina sonke ngaphakathi. Sonke singaphumelela kunoma yini esizimisele ngayo.
Nginikhulekela ukuba amehlo angaphakathi kinina angavuleka ukuze nimbulelwe okuningi eningakwenza.
Akekho odalwe nguNKULUNKULU ongemkhulu Ebusweni boMdali. Akekho Amabela ukwahluleka. Amakhono ethu neziphiwo ezahlukene angahluka, kodwa UNKULUNKULU Usinike sonke ithuba lokuba bakhulu. Ngiyethemba niyaqaphela angishongo ukuthi "ukuduma" - ngithe ukuba mkhulu.
Mngani wami, ukungazi yisikhali esikhulu sikasathane esidala wonke umonakalo.
Uke ubezwe abantu bethu ongakwazi ngeke kukuphathe kabi ngakhoke ungakholelwa kukho.
Ongakwazi yikho okukuhlupha kukukhathaze nsuku zonke.
Uthi uyazi ukuthi imigwaqo yanoma iyiphi indawo inegolide onqenqemeni lwayo? Iningi labantu abakuboni lokho. Labo abakubonayo lokho yilabo abahlale benakho konke ngezikhathi zokuswela nokuhlupheka.
Kungakho ngisho nasemiphakathini ehluphekayo kusekhona abantu ababolekisa ngemali ngoba baneningi eyedlula izidingo zabo abangabolekisa ngayo.
Inkinga esinayo empilweni wukungazi - kunoma iyiphi into.
Kodwa ihlale ikhona indlela ongaphuma ngayo. Ikhona indlela ongenza ngayo amaphupho akho abe yimpumelelo.
Kukhona ongakwenza ukuhlenga umshado wakho. Ikhona indlela ongashintsha ngayo ekubeni obolekayo ube ngobolekisayo - kudingeka ukuba uyithole kuphela.
Baningi emhlabeni abadlule esimweni sakho kodwa bajika baphumelela kulobo bunzima.
Sengike ngafunda ngabantu abazalwa bengenazingalo abenza izinto ezenziwa abantu abaphelele njengokushefa, ukushayela nokushintsha amanabukeni ezingane zabo ngezinyawo nangezinzwane. Sengike ngezwa futhi nangabantu abapenda ngemilomo yabo ngoba bengenazo izandla.
Namuhla umongameli wesizwe esinamandla ukuzedlula zonke emhlabeni wumuntu omnyama. Ngaphansi kweminyaka engu-6 eyedlule ubaba wakhe wayengeke akwazi ukungena e-restaurant azithengele ikhofi; eminyakeni engu-200 eyedlule ngabe wayeyisigqila efana nempahla yomunye umuntu - ayithenga ayidayise ngokuthanda.
Bangani: ukuhlupheka akusikho ukweswela imali noma okuthile - wukungabi nanhloso noma wukuziqhelisa noNKULUNKULU. Umuntu ongaboni wedlulele kakhulu kunabakhubazeke ngokomzimba. Ungabhukula ube yinoma yini oyifisayo emhlabeni uphumelele.[z]
Pastor George
Umuntu onga-
boni wedlulele kuna-mehlo anga-
boni
SIYAKUKHUTHAZA
