zulu.1687.triviasept
amakhasi
Konke...
NGONWABU
u Unwabu luyinzalo yezibankwa. Igama lesiNgisi unwabu olubizwa ngalo elithi "chameleon" lisuselwe kwelesiGreek elisho "Ibhubesi lomhlaba", (earth lion).
u Unwabu lwande e-Africa kanti ubude balo bungu-2,8cm kuye ku-68cm.
u Izinzwani zalo ezinhlanu zihlangana zibe mbili noma zibe ntathu kanti unyawo ngalunye lubukeka sengathi yipheya lezindlawu. Lokho kwenza ukuba lubambelele kalula emagatsheni. u Uzwane ngalunye lunozipho olubukhali olulusiza uma luhamba esihlahleni.
u Izimanzi zibeka amaqanda emva kwamasonto amathathu kuya kwayisithupha zimithi. Uma amaqanda eselungele ukubekwa, unwabu lumba umgodi ojule ngo-10cm kuya ku-30cm. Uma seluwumbile lubeka amaqanda alo emgodini. Emva kwalokho liyawugqiba luyishiye leyo ndawo.
u Kokunye unwabu lubeka amaqanda angu-100 ngesikhathi.
AMEHLO... Izinkophe ezingezansi zihlangene nezingenhla kanti kusala isikhala esincane esanele ukuthi libone kahle. Unwabu luyakwazi ukunyakazisa amehlo alo abone izinto ezimbili ezihlukene ngesikhathi esisodwa.
ULIMI... Ulimi lonwabu lude (kokunye luba lude ludlule umzimba). Ngaphambili lunenjimbilili okuyiyona edoba okuzodliwa. Indawo engaphambili ingumsipha oyibhola. Uma unwabu selubambe elikufunayo, ulimi lubuyela emlomeni bese luhlafuna ukudla kwalo. Unwabu oluncane luyakwazi ukudla iqhwagi noma isinambuzane esikhulu.
IMIBALA YONWABU... Unwabu ludume ngokushintshashintsha umbala walo. Umbala uchaza isimo salo ngokomzimba nangokomoya kanti yiwona obalulekile ekuxhumaneni kwalezi zilwane. Unwabu alukwazi ukushintsha umbala walo ufane nendawo olukuyona njengoba abaningi becabanga!
BONA ZULU - September 2007
Izingulube, ama-walrus namahhashi anombala okhanyayo oshiswa yilanga
kaBONA athokozisayo
AmaMulti-Game
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto.
Funa igama
Ukubingelela...
... kulula kabi. Kodwa uma ukhuluma isiYoruba, ulimi lwaseNtshonalanga ye-Africa, akulula. Ukubingelela umuntu kuya ngesikhathi sosuku, okwenziwa yilowo muntu ngaleso sikhathi nokuthi wagcina nini ukumbona...
Ekuseni: E kú àárò
Ntambama: E kú òsán
Kusihlwa: E kú ìròle
Ngaphambi kwesikabhadakazi:
E kú alé
Uma sekuzosa: E kú áísún
Kumuntu osekhaya: E kú alé
Emsebenzini: E kú isé
Kumuntu obuyayo: E kú àbò
Kohleli phansi: E kú ìjokòó
Kokade ahamba: E kú àmójúbà
Ukubingelela okujwayelekile
ekuseni: O kú àárò
Ukubingelela okujwayelekile
ntambama: O kú òsán
Ukubingelela okujwayelekile
kusihlwa: O kú ìròle
Ukubingelela okujwayelekile
ngaphambi kwesikabhadakazi:
O kú alé
Ukubingelela okujwayelekile
sekuzosa: O kú áísún
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
Amakameli anezinkophe ezintathu eziwavikela othulini
Yakha igama
BONA ZULU - September 2007
Bheka ukuthi mangaki amagama esiNgisi anezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha usebenzisa izinhlamvu zamagama ezisesikhaleni. Uhlamvu oluphakathi (olubomvu) kufanele lusetshenziswe kuwo wonke amagama bese uyabheka ukuthi ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu lwegama malusetshenziswe kanye.
Iphela elikhulu kunawo wonke yi-giant burrowing yase-Australia kanti ubude balo bungu-9cm isisindo salo singaphezulu kuka-30g.
amakhasi
ISIPHEPHO
I-Puzzle Yezithombe
BONA ZULU - September 2007
kaBONA athokozisayo
Isithombe ngasinye yiso esikunika impendulo okumele uyibhale ezikweleni ezimnyama.
Isiphepho siba wumoya onamandla oxhumana nefu elibizwa nge-cumulonimbus nendawo engaphandle emhlabeni.
Amandla aso ayashiyana kodwa sifika siyisimo se-funnel enendawo evulekile ngaphambili ethinta emhlabeni.
Kuvame ukuba kubonakale ifu lamatshe ayizingcucu endaweni engezansi kwale-funnel.
Umoya wesiphepho ungu-175km/h, uvundle ngo-75m kanti uhamba amakhilomitha ambalwa ngaphambi kokuba usabalale ezindaweni eziningi. Kokunye isiphepho siba ngumoya oba ngaphezulu kuka-480km/h, ukuvundla kwawo kube ngaphezulu kuka-1,6km uhambe ibanga elingu-100km.
Isiphepho sesike sahlasela emazweni amaningi ngaphandle kwe-Antarctica. Sidlange kakhulu eMelika.
UTHI BEWAZI?
Inkunzi ye-catfish ifaka amaqanda anamachwane ayo emlomeni wayo aze alungele ukuchanyiselwa. Ayidli engakakhiqizwa amachwane nokuyinto engathatha amasonto ambalwa.
UTHI BEWAZI?
I-Cheetah ibanga umsindo ofana nowenziwa yinja uma ikhonkotha. Umsindo uba mkhulu uzwakale ebangeni elingangekhilomitha.
AmaMulti-Game
I-chimpanzee iyakwazi ukufunda ukuzibona esibukweni kodwa izimfene azikwazi.
UGWAVA
Cishe zingu-100 izinhlobo ezehlukene zikagwava okuyizihlahla ezimfishane kanjalo nezincane. E-Asia, ugwava ongakavuthwa bavame ukuwucwilisa kusawoti ngaphambi kokuba bawudle. Itiye lenziwa lisuselwa ezitshalweni zamagwava kanye namacembe awo. Amacembe kagwava aphinde asetshenziswe njengekhambi lesisu esihambisayo.
Thola ukuthi ulwazi kangakanani ulimi lwakho. Yisithombe esizokunika impendulo nokuthi yini igama lento oyibonayo.
Umlingo we-Microwave
SEKUPHELE iminyaka engu-60 kulo nyaka i-microwave yaba khona futhi yenza izimpilo zabantu zibe lula.
UDkt Percy LeBaron Spencer, nokunguye ongumsunguli we-microwave wazifundisa ngokwakhe ukuba ngunjiniyela esasebenza eRaytheon Corporation ngesikhathi enza i-microwave.
Kwakungesikhathi ayehlola khona ukusebenza kweshubhu le-vacuum entsha lapho athola khona ukuthi ushokoledi ayewufake ephaketheni wawusuncibilikile. Lokhu kwamholela ekutheni ahlole umshini wama-popcorn. Emva kokuba exhume umshini wama-popcorn, wabukisisa ngeso elibanzi ebona ama-popcorn ephekeka aze agcwala phansi endlini ayesebenzela kuyona.
Okunye akwenza ngonyaka ka-1945 no-1946 kwamholela ekwenzeni i-microwave yokuqala eyadayiswa ngo-1947. Yayinesisindo esingu-340kg ingaphezu kuka-1,5m ukuphakama. Yayisetshenziswa kakhulu emakhishini emikhumbi nasema-restaurant.
Phezu kwezinkoleloze ezishiwo nge-microwave, kodwa iqiniso wukuthi i-microwave ingenye yezimpahla zikagesi ezisetshenziswa ekhishini ezisebenza ngokukhulu ukushesha uma zisetshenziswe ngendlela eyiyo - kusho uLouis Bloomfield, onguphrofesa wesayensi eNyuvesi yaseVirginia eMelika.
Ulwazi silwethulelwe ngabe-Whirlpool. Vakashela ku: www.whirlpool.co.za uma ufuna imininingwane ngezitolo zabo, izeluleko namaresiphi.[z]
BONA ZULU - September 2007
Umunca igazi
Umnyundu yi-worm emunca igazi. Uyakuncinza umunce igazi lakho ngokuphindwe kathathu noma kane esisindweni somzimba wawo uhlale izinyanga ungadli. Odokotela babewusebenzisela ukumunca igazi elonakele ezigulini.
