zulu.1684.hair
UKUNAKEKELWA KWEZINWELE
QHAKAZISA
IHLOBO LAKHO
BONA ZULU September 2008
Thokozela ukufika kwentwasahlobo ngokudaya izinwele zakho...
Indaba nguFaith Seuoe
INTWASAHLOBO yenza ukuba sikhuculule ama-wardrobe ethu namakhaya ethu - pho awuyishintshi ngani indlela obukeka ngayo? Daya izinwele zakho kunokwenza esinye isitayela.
Ziningi izindlela zokwenza lokhu. Faka iwigi noma, uma ucabanga ukufaka ama-extensions, qiniseka ukuthi ukhetha umbala ofanele ngaphambi kokuwafaka. Uma ufuna ukuhlola anombala ozothile noma ogqamile, ukwenza isibonelo, cela umcwali wakho wezinwele axhume ama-extension esikhashana ombala owukhethile nge-hair-bonding glue. Wafake izinsuku ezimbalwa ubone ukuthi akuphatha kanjani.
KHETHA UMBALA OMUHLE...
1. I-colour shampoo or rinse
Le mikhiqizo iphephile kanti ivame ukusetshenziselwa ukunika izinwele zemvelo impilo. Njengoba ingangeni esiqwini sonwele, ayiziqedi izimvu kanti ungayihlambulula nganoma iyiphi i-shampoo. Ungayisebenzisa ngokushesha emva kokusebenzisa i-relaxer. Kodwa manje ayithandwa kakhulu kanti ayitholakali kalula.
2. I-Semi-permanent colour
Ungakhetha umbala o-blue-black, obomvu no-brown ukuvuselela umbala wemvelo ezinweleni zakho kanti le mibala igqama kahle elangeni. Ifihla izinwele ezi-grey okwesikhashana kodwa iphele emva kokusebenzisa i-shampoo kasithupha noma kasishiyagalombili. Kuphephile ukuwusebenzisa emva kwezinsuku ezintathu usebenzise i-relaxer.
3. I-Permanent colour
Lona usathandwa ngoba wenza ushintsho olukhulu ezinweleni zemvelo, kodwa uyabiza. Lo dayi uhlala unomphela ezinweleni kanti kudingeka ukuba udaye iziqu zezinwele emva kwamasonto ayisithupha ngoba kumila izinwele ezinombala wemvelo uma ungazidayi.
Udayi ongapheli kufanele uwusebenzise emva kwamasonto amabili usebenzise i-relaxer.
Ukuze izinwele zakho zihlale zizinhle, ungakhethi umbala ogqame kakhulu kunowezinwele zakho zemvelo.
NGIDAYE E-SALON NOMA EKHAYA?
Okumqoka kakhulu lapha wukuthi unamalini ongayisenzisa. Ukushintsha umbala wezinwele zakho kudinga imikhiqizo eyikhwalithi kanti kuyabiza ikakhulu uma usebenzisa udayi ongapheli.
Uma ukhetha udayi onombala ogqame kakhulu kowemvelo wezinwele zakho, kungcono uye e-salon enegama elihle.
Kuzodingeka ukuba uhlale ucwalwa izinwele zithole ne-protein, noma ucele umcwali wakho akuyalele i-shampoo, i-conditioner nongakusebenzisa ekhaya ezinweleni ezidayiwe. Kuleyo mikhiqizo kukhona iDark ,n Lovely Moisture Seal 3-In-1 conditioning shampoo ne-Ultra Cholesterol conditioning treatment noma iPerfect Choice Cholesterol Treatment.
Ukuzithengela odayi konga imali kodwa kungaba wumsebenzi ukukhetha umbala okufanelayo. Imikhiqizo ethandwayo yilena: Perfect Choice Red Flame, Sunrise Blonde, neMocha Brown, kanye neDark ,n Lovely Reddish Brown, Burgundy Brown, neLight Golden Copper Brown.
Ngaphambi kokusebenzisa le mikhiqizo, bheka ukuthi isikhumba asisikekile yini ngoba ukungena kwamakhemikhali egazini kungaba nomthelela omubi empilweni yakho. Uma kukhona indawo esikekile, gcoba i-petroleum jelly - noma ulinde kuze kuphole.
Gcina imithetho yokusetshenziswa kwayo.
Uma usebenzisa udayi ogqamile ezinweleni, qiniseka ukuthi awuwufaki kusukela esiqwini kuze kufike ekupheleni kwezinwele. Lo dayi usebenza ngokushisa kanti ingxube yakho akufanele igcwale ezinweleni zonke ngoba izinwele eziphansi zizogqama kakhulu kunezinye.
Gcoba udayi ukale kube ngu-2cm ukusuka phezulu ezinweleni kuya phansi. Yeka ukugcoba uqhubeke ugcobe kuze kufike esiqwini uma ubona kushintsha umbala. Yeka udayi ezinweleni kuze kuphele isikhathi esinqunyiwe. Lokho kuzokunika isiqiniseko sokuthi izinwele zakho ziba nombala ofanayo kusuka phansi kuya ngenhla.
IMIBALA EZOTHILE NEGQAMILE
Ithandwa kakhulu le mibala kanti iyindlela enhle yokusebenzisa odayi abangapheli abaqhakazisa izinwele.
Imibala enjengo-medium brown noma o-bronze ithathwa njengemibala ezothile eqhakazisa izinwele zakho kushintshe umbala wazo wemvelo. Imibala egqamile igqame ngokuphindwe kathathu noma kane kunombala wezinwele zakho wemvelo, le mibala ingaphansi kombala o-gold, honey no-buttery.
Ungayisebenzisa yodwa le mibala noma uyisebenzise uyihlanganise ukuze kuphume imibala ezovuselela umbala wemvelo.
Uma ufuna lokhu, daya izinwele zakho e-salon. [z]
KHETHA UMBALA OFANELE
Ngabe izinwele zakho zilungisiwe?
Side kangakanani isikhathi usebenzise i-relaxer, i-texturiser noma wenze i-perm ezinweleni? Zinjani izinwele zakho? Ngabe zikhathazwe wukucwalwa ngokweqile, noma wukusetshenziswa komkhiqizo ngendlela engafanele?
Ulazi kangakanani ibala lesikhumba sakho? Yibala lesikhumba sakho elingenza ukuba ukhethe umbala ofanele ngoba kufanele ukhethe umbala ozolivuselela - ongenzi kubukeke sengathi uyagula!
Yikuphi okuzwana nempilo yakho? Uma uchitha isikhathi eside ungaphandle noma uzivocavoca, nakekela izinwele zakho ezidayiwe. Wenza umsebenzi onjani? Umuntu oyi-accountant akufanele abe nezinwele ezi-gold-blonde!
BONA ZULU September 2008
