zulu.1683.beauty
ezobuhle
BONA ZULU - August 2007
nguCHRISTINE HAMMANN
izithombe nguCHRISTOPHER LAURENZ
umkhangisi nguCAROL ophuma kwaModels International
iziphaqulo nezinwele nguCATHERINE VEER
Qala namuhla - sebenzisa lo mhlahlandlela ukuze ubukeke kahle, isikhumba sakho singashwabani
Gxila lapha: emathangeni
Ukuthamba kwesikhumba emathangeni ungakuqeda ngokuwashaya ngamanzi aphuma kwi-shower, ubuye ushintshe ngokugeza ngashisayo nabandayo, noma uwahlikihle ngamaqupha, ngebhrashi noma nge-glove nsuku zonke ukuze kuphele imigodi.
n Ungasebenzisa i-cellulite cream noma i-gel enjenge-Alpha Hydroxy Derma-Lac Lotion yakwa-Environ (R130), noma uchunge lweSkin Refine Body Sculpt lakwaJustine.
n Bheka ukudla okudlayo. Ushukela nesitashi kudala i-cellulite. Gwema inyama ebomvu, udle izithelo, inhlanzi nama-veg, uphuze amanzi kakhulu.
n Ukugijima, ukuhamba nokugibela ibhayisikili kuyindlela enhle yokuzivocavoca uma ufuna ukuba amathanga abukeke kahle.
n Zama zonke lezi zindlela zokuzivocavoca ekhaya.
Step 1: Ngaphakathi kwamathanga - lala ngohlangothi ugobise umlenze ongaphezulu uhlale kongezansi, unyawo maluhlale edolweni emlenzeni ongaphansi. Umzimba mawuqonde.
Step 2: Phakamisa wehlise umlenze ongaphansi, wumise uqonde, phindaphinda lokho ka-15. Yenza okufanayo nakolunye uhlangothi.
Step 3: Indawo engaphandle - lala ngohlangothi, lula umlenze ongaphezulu ugobise ongaphansi. (Kwenze ungajahi wenze ngendlela efanele.)
Step 4: Kuphindaphinde ka-15, wenze okufanayo nakolunye uhlangothi. Uma usukujwayele, kwenze ka-50 ngosuku.
Gxila lapha: izingalo ezinesikhumba esithambile
Uma ukhula izingalo aziqini kahle.
n Ukuze ulwe nokuthamba kwesikhumba, zivocavoce ngale ndlela ekhaya noma ejimini:
Step 1: Thatha amathini amabili e-baked beans!
Step 2: Yima uqonde, bamba amathini ngezandla, goba uye ngaphambili kancane ugobise amadolo.
Step 3: Gobisa izingalo, izindololwane mazibheke ngemuva kwakho ubuye uqondise izingalo zibheke ngemuva.
Step 4: Phindaphinda ka-15, yima umzuzu uphinde wenze okufanayo.
Phinda kathathu ekuseni ngaphambi kokugqoka, uzowubona ngokushesha umehluko.
Gxila lapha: isisu esikhulu
Isisu esikhulu singadalwa ezinye izinhlobo zokudla nezikhathi ezithile zenyanga.
n Ukwehlisa kusawoti kungenza ukuba umzimba wakho ungagcwali amanzi isisu singaqumbi. Bheka usawoti osekudleni okusemathinini, enyameni, kushizi, esinkweni, emakinatini nasezidlweni ezihlofozelayo.
n Gwema iklabishi, i-broccoli, ubhontshisi namaqanda ngoba kuyaqumbisa.
n Sebenzisa izinongo ezinjenge-rosemary, i-thyme, i-fennel ne-sage, uma upheka.
n Phuza amanzi uma uqunjelwe - ayakuqeda ukuqunjelwa.
n Isisu sakho ngeke sibukeke kahle uma ungazwani nokuzivocavoca.
Step 1: Lala ngomhlane ugobise amadolo.
Step 2: Faka izandla ngemuva kwesinqe uphakamise imilenze, owodwa ngesikhathi ka-15.
Step 3: Hlanganisa izinyawo wenze indilinga emoyeni. Kwenze kaningi ngokuthanda kwakho lokhu.
Step 4: Hlala uqonde ugobise amadolo, wathinte uphinde ulale phansi. Kwenze ka-20 lokhu. (Ukhece isisu sakho.)
Gxila lapha: amabele alengayo
Isikhumba esisemabeleni akho siyazwela kanti siyathamba uma ungasinakile.
n Ukusiwotawota imizuzu emihlanu ngosuku usebenzise i-bust firmer kungasiqinisa kwenze amabele angalengi. Ungasiwotawota ngesandla esisodwa uzungeze amabele.
n Zama iFirm & Sculpt Bust Contouring Cream yakwa-Avon, (R99).
n Zivocavoce ngale ndlela ukuze uqinise isikhumba:
Step 1: Thatha amathini amabili e-baked beans, yima uqonde.
Step 2: Phakamisa izingalo, zime ziqondane namahlombe. Hlanganisa izandla ngesikhathi usalule izingalo.
Step 3: Izingalo azime ziqondane namahlombe, zinyakazise wenze izindilinga, ulandele izinti zewashi ubuye uphambane nazo.
n Ukwenza ama-push-up kuhle uma ufuna ukuqinisa imisipha yesifuba.
Step 1: Guqa ubambelele ngezandla phansi uphambanise izinyawo emaqakaleni.
Step 2: Yenza ama-push up amadolo aqondane nekhanda uqiniseke ukuthi umzimba uqondile.
Step 3: Kuphindaphinde ka-10 lokhu nsuku zonke ukwenze izikhathi ezingu-20 esontweni lesibili. [z]
Umzimba omuhle
BONA ZULU - August 2007
Qaphela: Zonke lezi zindlela zokuzivocavoca kumele zenziwe ngokucophelela ukuze iqolo lakho lingathikamezeki. Uma uhlushwa yiqolo, xhumana nodokotela wakho kuqala ngaphambi kokuzivocavoca ukhumbule ukuthi kufanele uyeke uma uzwa izinhlungu!
