zulu.1681.trivianov
amakhasi kaBONA athokozisayo
Amandla omoya!
KINDERDIJK
I-Kinderdijk yindawo ehlala abantu eNetherlands eqhele ngamakhilomitha angu-15 endaweni yaseRotterdam. I-Kinderdijk yisiqephu sendawo eseduze komfula noma kolwandle - nokuyindawo esengozini yokukhukhulwa yizikhukhula. Lolu hlobo lwezindawo eziseduze kolwandle zaziwa ngokuthi ama-dykes. Ukugwema ukukhahlamezwa yizikhukhula nokwenza lezi zindawo zingabi namanzi amaningi, kwakhiwa uhlelo lwama-windmill angu-19 eduzane kwendawo yaseKinderdijk ngo-1740.
Lama-windmills njengamanje sekuyiwo amadala ezweni laseNetherlands - kanti aseyisizinda sabavakashi kule ndawo yamaDutch eKinderdijk. Akleliswa ohlwini lwe-UNESCO ngaphansi kweWorld Heritage Sites ngo-1997.
Igama elithi Kinderdijk lisho ukuthi "Child's Dyke." Ngokomlando kuthiwa leli gama laqhamuka ngo-1421 ngesikhathi izikhukhula zicekela phansi le ndawo.
Emva kokuba isichotho sesiphelile, omunye umuntu wabona umbhede wengane wokhuni untanta emanzini. Ngesikhathi usondela, kwabonakala ukunyakaza okwaba khona.
Kwakuyikati lizama ukuba ungamuki nokuba amanzi angangeni phakathi kuwona. Ngesikhathi lo mbhede udonselwa ngaphandle, kwatholakala ukuthi kuwona ngaphakathi kwakukhona umntwana elele!
BONA ZULU - November 2007
Sihlale siyibona le mishini emaqeleni, kodwa singacabangi lutho ngayo...
AMA-WINDMILLS asetshenziselwa izinto ezehlukene. Lawo esiwabona eSA angama-windpump - okuyinhlobo esetshenziselwa ukuphampa amanzi esuka ezinqanaweni eziphansi komhlaba zamanzi.
Kodwa izwe elaziwa kakhulu ngama-windmill alo yiNetherlands. Nawo lawa asebenza ngomoya nakuba eNetherlands esetshenziselwa ukumpompa amanzi asuka ezweni.
AmaWindpumps kungakho edingeka ukugcina leli lizwe lomile.
Olunye uhlobo lwe-windmill yilolo lwasemandulo nalo olusebenza ngomoya okuthiwa yi-wind turbine esetshenziselwa ukudonsa i-energy emoyeni iyenze i-mechanical energy nayo iphinde iphehlwe ibe ngugesi.
Inyoni intshe ikhiqiza iqanda elikhulu kunawo wonke awezinye izilwane emhlabeni. Kungakuthatha imizuzu eye ifinyelele kwengu-40 ukubilisa iqanda lentshe.
izithombe ngabeGREAT STOCK!
Uhambo oluphelela kwiMars!
I-Phoenix wumkhumbi-mkhathi okumanje ubheke emhlabeni iMars. Ososayensi bazosebenzisa izinsimbi ezingaphakathi kuwona ukubheka impilo kwiMars nokubheka amanzi.
I-Phoenix yethulwa ngomhlaka 4 August 2007 kanti kulindeleke ukuba ithi cababa kwiMars ngoMay 25 2008.
Lo mkhumbi-mkhathi uzohlola amanzi neqhwa endaweni esenyakatho yomhlaba - kanti uma lokhu kuba yimpumelelo, leli robhothi lizosebenzisa isandla salo ukumba endaweni ye-arctic.
Impilo eliyifunayo akusiwo ama"little green men," kodwa amagciwane...
Funa igama
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi, uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye, bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
Beka ngokuyikho
Izinyoka aziguliswa wubuthi bazo
I-kiwi yinyoni egcwele kuleliya lizwe laseNew Zealand kodwa ayikwazi ukundiza. Ihlala emgodini kanti ayiboni kahle emehlweni futhi izalela iqanda elilodwa ngonyaka. Ngaphezu kwakho konke lokhu, isiphile iminyaka engaphezu kwengu-70 million.
BONA ZULU - November 2007
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
amakhasi kaBONA athokozisayo
BONA ZULU - November 2007
I-Puzzle Yezithombe
Siyini"
Isifo samatele (foot-and-mouth disease)
LESI sifo esibuye saziwe ngokuthi yiFMD (foot-and-mouth disease) siyingozi kakhulu kanti sitholakala ikakhulu ezilwaneni ezifana nezinkomo nezingulube. Singaziphatha nezinye izilwane ezinezinselo ezifana nama-deer, izimbuzi, izimvu, izindlovu namagundane nama-hedgehogs!
Abantu akuvamile ukuba sibangene
Okudala iFMD kwaqale kwaboniswa ngo-1897 nguFriedrich Loeffler. Wacwaninga igazi lesilwane esasinalesi sifo ngokulidlulisa ngaphansi kwe-porcelain filter wathola ukuthi uketshezi olwaqoqeka lusengasidala lesi sifo nasezilwaneni eziphilayo.
I-FMD yisifo esitholakala cishe emhlabeni wonkana nakuba amanye amazwe engakaze abe nenkinga yaso.
Emva kweMpi yesiBili yoMhlaba lesi sifo sasabalala umhlaba wonke. Ngonyaka ka-1996, sasabalala nase-Asia, e-Africa nasezingxenyeni zaseSouth America.
I-North America, Australia neJapan amazwe ayekade elokhu engenayo iFMD iminyaka eminingi, ekubeni eNew Zealand akukaze kuzwakale ukuthi sikhona lesi sifo.
Ngo-2001 kwabheduka isifo seFMD ezweni laseBrithani nokwaba nomphumela wokuthi kuhlatshwe imfuyo eningi kwakhona nokwesabela ukudla inyama ye-beef.
Ngo-August 2007, isifo seFMD satholakala epulazini laseSurrey eNgilandi. Yonke imfuyo yabulawa kwathi leyo ndawo yafuthwa ngemithi.
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho
Zingaphezu kuka-2 600 izinhlobo zamasele ezahlukene. Zihlala kuyo yonke indawo emazweni ehlukene ngaphandle kwase-Antarctica.
Iqhuzwana legolide loqobo elingangebhokisi likamentshisi lingacindezelwa lendlalwe ligcwale usayizi wenkundla yomdlalo wethenisi.
Konke nge...
ZAMBEZI
IZambezi ingubude obungu-2 574km nokuyenza ibe ngumfula wesine omude e-Africa nomkhulu kunayo yonke engenela kwi-Indian Ocean.
Lo mfula usuka eZambia ugelezele e-Angola emingceleni yaseNamibia, Botswana, Zambia naseZimbabwe uye ufike eMozambique lapho ufike ungenele kwi-Indian Ocean.
Into enedumela kakhulu kwiZambezi yizimpophoma zayo iVictoria Falls.
Endaweni yonke oyihambayo lo mfula, kukhona amabhuloho ayisithupha: iChinyingi, Katima Mulilo, Victoria Falls, Chirundu neTete. EMozambique kukhona ibhuloho iDona Ana Bridge.
Mabili amadamu ugesi odonswa usukela kuwona - iKariba Dam ephakela ugesi eZambia naseZimbabwe kanye neCahora Bassa Dam eMozambique okuyidamu eliphakela iSA ngogesi.
Lo mfula uphethe impilo yemindeni yezilwane ezehlukene. Izimvubu nezingwenya eziningi zitholakala onqenqemeni lalo mfula.
Kukhona nemindeni yezilwane ezinkulu ezifana ne-buffalo, zebra, giraffe nezindlovu - nezinhlobo eziningi zezinhlanzi.
Yakha igama
Bheka ukuthi mangaki amagama esiNgisi anezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha usebenzisa izinhlamvu zamagama ezisesikhaleni. Uhlamvu oluphakathi (olubomvu) kufanele lusetshenziswe kuwo wonke amagama bese uyabheka ukuthi ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu lwegama malusetshenziswe kanye.[z]
BONA ZULU - November 2007
UTHI UBUWAZI"
Inkunzi kashaka noma iZambezi Shark itholakala emhlabeni jikelele. Ivame ukuhlala ezindaweni ezingasogwini phakathi namanzi emifuleni emikhulu njengeZambezi. Lona ushaka onolaka kanti usubahlasele iziqubu eziningi abantu.
