zulu.1677.yourstories_rape
INDABA KA-SYLVIA
Wayeneminyaka engu-13 ngesikhathi u-stepfather wakhe emdlwengula okokuqala. Kwathi lapho eseneminyaka engu-14, wamkhulelisa
UKUBE wake wangibuza ngiseneminyaka eko-12 ukuthi yini engangiyicabanga nge-stepfather sami, ngangizokutshela ukuthi - yindoda elungile esinakekela sengathi siyizingane zayo. Kwakuthi lapho umama engekho, ageze umfowethu aqiniseke ukuthi ukudla siyakuthola, siyayenza ne-homework ngaphambi kokulala.
Emva kwalokho izinto zashintsha.
Kwakungunyaka ka-2007 umama wami engeniswe esibhedlela.
Umfowethu oneminyaka engu-8 nami sashiywa ukuba sihlale no-stepfather emjondolo osemijondolo eCosmo City.
U-stepfather wayelala embhedeni mina ngilala phansi nomfowethu.
Ngobunye ubusuku umfowethu elele, mina ngisahleli ngenza i-homework, u-stepfather wathi angize embhedeni wakhe, wathi ufuna ukungisiza nge-homework.
Kodwa kwathi lapho ngiya embhedeni wakhe, wangidonsa ngesankahlo wangicindezela phansi wangipotoza amabele.
Wathi ngikhula ngokushesha wathi sengingunkosikazi.
Inhliziyo yami yaqala yashaya ngamandla. Angazanga ukuthi kufanele ngenzenjani ngoba ngangingakuqondi ayekwenza kimina.
Ngazama ukukhala kodwa ngokushesha wangivala umlomo ngesandla.
"Kuzokuba buhlungu kancane, kodwa uzojwayela," kusho
yena enyenyeza ngomoya
endlebeni.
Wangidlwengula engiphindelela ngalobo busuku.
"Ungatsheli muntu ikakhulu umama wakho ngoba uma umtshela ngiyonixosha nonke," kusho kwesabisa yena.
Emva kwesikhathi wangesabisa ngokuthi uzongibulala uma ngike ngatshela noma ngubani ngalokhu kungihlukumeza.
Umama wami waze wazi lapho sengikhulelwe ukuthi bekwenzekani.
Kwathi lapho umama engibuza ukuthi ngizokwenzenjani ngomntwana, ngathi ngingathanda ukumnikelela ekutheni akhuliswe ngabanye abantu.
Kodwa emva kokuba sengibelethile, sabona kungcono ukuba simgcine.
OKUSHIWO NGUMAMA KA-SYLVIA
UReina Maguguza (34), waqala ukuzwa ngokuhlukunyezwa kwendodakazi yakhe uSylvia ngesikhathi ikhulelwa
EMVA kokuthola ukuthi indodakazi yami ikhulelwe, omunye wezihlobo wayibizela eceleni wayibuza ukuthi ngubani ubaba wengane. Kulapho ngathola khona ukuthi i-stepfather sakhe siyathinteka kulokhu.
Angazanga ukuthi kufanele ngenzeni. Ngavele ngethuka kwaphela amandla. Ngaquleka ngaphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho kwafike kwatholakala ukuthi ngiphethwe yi-meningitis.
Ngahlala amasonto amathathu ngelulama. Kulawo masonto ngangikhathazekile ngezingane zami. Ngabe zihleli kanjani" Yini engangizoyenza lapho ngikhishwa esibhedlela"
Ngangizoyibheka kanjani ingane yami uSylvia emva kwakho konke lokhu"
Umyeni wami waboshwa wabekwa icala lokudlwengula. Ngazizwa nginecala ngoba yimi engaletha le ndoda empilweni yezingane zami.
Ngahlangana nayo ngo-2005 kwadingeka ukuba siyohlala emjondolo wayo njengomndeni.
Ngangimthatha njengendoda emnene. Wayengakaze abe nenkinga nezingane zami nazo zimbiza ngoBaba.
Wayeyilungu lombutho womphakathi osebenzisana namaphoyisa. Wayethi ulwa nobugebengu emphakathini kodwa ebe edlwengula indodakazi yami.
Ngenhlanhla umphakathi ungeseke kakhulu. Yiwo futhi owavala udadewabo kamyeni wami ngesikhathi ezama ukungixosha emjondolo.
Namanje angikakholwa ukuthi indoda engangiyithanda ngiyethemba yacekela phansi ikusasa lengane yami. Angisoze ngamxolela ngento ayenza. Ngifuna ukuba umthetho wenze umsebenzi wawo umvalele isikhathi eside.
Ngizimisele ukulwa nomyeni wami enkantolo ngenxa
yendodakazi yami.[z]
Indaba: Kamogelo Sebola
Izithombe: PH Photography
IMPILO YOQOBO
WADLWENGULWA
yi-stepfather
USylvia wayengakaqali nokuya ezinsukwini zakhe zokukhula ngesikhathi edlwengulwa yi-stepfather esamesabisa ngokufa uma eke kwakhona amtshelayo. USylvia nomama wakhe bageqele uBONA amagula
Wathi kuzoba buhlu-ngu, kodwa ngizo-jwayela
