Zulu.1672.Connie
BONA ZULU - December 2005
INTOMBAZANE yasemakhaya ezihluphekelayo ifika eGoli isithandana nosozigidi. Uyayiqasha ukuba imbhasobhele izingane zakhe, ahambisane nayo aye emcimbini ophezulu nokuyilapho yaqala yaba namaphupho ezinto ezinkulu.
Ngokushesha sekudingeka ukuba imphonsele inselelo kwezamabhizinisi nokuba ilwisane nesiphalaphala esingumakoti wakhe ocebile. Lena indaba endala okumanje yenza ababukeli bomdlalo iGenerations bazibuze ukuthi bayathandana yini.
Ngenhlanhla, le ntokazi esanda kuqala kwiTV neliqhamukisa eShowe uWinnie Ntshaba akakholelwa ezinganekwaneni. Kusukela ekuqaleni kuka-2004 usephendule uKhethiwe owenza umsebenzi wokubheka izingane waba yisibonelo esihle ezigidini zababukeli abangabantu abasha nabo abanamaphupho amakhulu njengoKhethiwe.
Kodwa uWinnie (30) uthi umzabalazo wakhe wempumelelo kwezikaqedisizungu wawunzima kakhulu. Ngelinye ilanga ngonyaka odlule wazithola esebhekene nesimo sokuncenga umuntu owayephethe isibhamu esitaladini saseYeoville ukuba angambulali.
"Kungakho manje ngihlala eRoodepoort eWest Rand," kusho yena. "Kuthule kanti kungithatha imizuzu engu-20 kuphela ngihamba ngemoto ukuba ngifike emsebenzini uma ngisuka ekhaya ngo-6 ekuseni.
"Ngangihlala eYeoville ngesikhathi ngisahambela ama-interview edolobheni ngenhloso yokuzitholela indawo emidlalweni yeTV emikhulu eluchunge.
"Manje sengiyitholile kanti indaba kaKhethiwe isithola udumo kangangoba kungaba wukungasi ukuzibeka engcupheni yokulimala noma yokufa.
"Lokhu kwenzeka ngo-6 ekuseni ekhoneni lomgwaqo uRocky" kusho kukhumbula uWinnie. "Ngabhukelwa umsebenzi wase-theatre owawuqondene neDepartment Of Public Administration ngalelo langa kanti ngangijahe ukuthola ikhumbi eyayihambisa abadlali kulowo mcimbi.
"Kwakuwumcimbi omkhulu kukhona noNgqongqoshe uGeraldine Fraser-Moleketi kuwona kanti angizange ngifune ukuba ungiphuthele.
"Ngakhoke ngesikhathi owesilisa ephuma phambi kwami, ngazama ukuba ngiphume emva kwakhe.
"Ngesikhathi ethi 'Letha la leso sikhwama' ngethuka. Ngaphenduka ngizama ukubaleka kodwa ngokushesha kwakukhona abanye besilisa abathathu ababesondela emva kwami.
"Ngesikhathi ngiphendukela kulowo wokuqala ngifuna ukuqophisana naye, wadonsa isibhamu wangithuka.
"'Nginike imali ngaphandle kwalokho ngizokubulala," kusho yena ngenkani. Uma impilo yakho isengcupheni, ayikho enye into onendaba nayo.
"Ngaphushela isikhwama kuyena ngamtshela ukuthi akasithathe.
"Ngangiqhaqhazela ngikhala nokwathi lapho ngithatha isikhwama sami ngathola ukuthi sebebuyile bangihlohloloza ngesibhamu ebusweni.
"'Sinike i-cellphone. Ufuna sikudubule" kusho indoda yesibhamu ngolaka. 'Ithatheni, thathani konke ningishiye ngedwa."
"Wasibamba wasidonsa, wangihleka wase ehamba."
UWinnie wasukuma wathatha isikhwama sakhe, waqonda ekhumbini wayokwenza umsebenzi wakhe wase-theatre.
Ngaphambi kwalolo suku uWinnie wayesehlale eYeoville iminyaka emine, exhumana nabemisebenzi, kanjalo nabasembonini yezikaqedisizungu.
Emini wayenza ama-auditions emidlalo yeTV eluchunge nezikhangiso, ama-movie nemidlalo yase-theatre.
Ebusuku wayesemakilabhini nasemaphathini, nokuyilapho kugcwala izihlabani zemidlalo yeshashalazi nophrojusa bama-shows amakhulu.
Kulapho aqala ukuhlangana noRapulana Seiphemo odlala indawo yowesilisa ongayedwana onemali uTau Mogale.
UWinnie wakuthanda ukudlala emidlalweni yeshashalazi efunda ibanga lesishiyagalolunye njengoba uthisha wakhe wesiNgisi wayesebenzisa imidlalo yeshashalazi ekufundiseni abafundi bakhe. Wenza iziqu zakhe ze-honours kwi-drama e-University Of Natal waphinde wachitha iminyaka emibili kweze-theatre nabe-North West Arts Council ngaphambi kokufika eGoli ngo-2000.
Waqhubeka nama-auditions iminyaka emithathu ngaphambi kokuba athole umsebenzi wakhe wokuqala phambi kwekhamera - edlala indawo yomunye wamakhosikazi asesabelweni efilimini kaLeleti Khumalo iYesterday.
Ngaphambi kokuba iYesterday ibonakale emhlabeni wonke, uWinnie wayeseke wadlala kwiJozi Streets nasemdlalweni waseRashiya okudutshulwana kuwo iLethal Force. Nguye futhi isiphalaphala senkosikazi eyayidlala esikhangisweni sensipho yokuwasha eyayithi "A little goes a long way..."
Ekugcineni, emva konyaka wayithola indawo kwiGenerations.
"Ngesikhathi uTau emema uKhethiwe ukuba amphelezele beya emcimbini omkhulu, wamlungisa izinwele wamthengela izingubo zokugqoka ezibizayo. Kwakungokokuqala ukuba abone ukuthi naye angafinyelela ezingeni eliphezulu.
UWinnie naye ngokwakhe uvelele kwabemithombo yezindaba - njengoba eqokelwe umkhakha weBest TV Newcomer emiklomelweni yamaDuku Duku futhi efunda okuningi ngokusebenzisana nezihlabani ezifana noRapulana noConnie, Leleti (Busi), Menzi Ngubane (Ngamla) noVusi Kunene (Jack).
Ikhono lakhe ekuhlekiseni abantu yilo eliheha ababukeli beGenerations. Into abayithandayo kuKhethiwe yingesikhathi edansa ngenxa yenjabulo.
"Ngakwenza okokuqala ngesikhathi uTau etshela uKhethiwe ukuthi uzoqhubeka ambhasobhele izingane. Ngadansa endlini ngazishayisa evazini ebizayo," kusho uWinnie.
indaba nguDOUG GORDON
30-year-old Winnie says her own struggle to make it in showbiz was tough.
Useke wahlangabezana nezigebengu kodwa wasinda, kanti umlingiswa adlala indawo yakhe, uphila ngokwezifiso zakhe - kungenzeka siphinde simbone kaningi uWinnie Ntshaba edansiswa yinjabulo...
Udansiswa yinjabulo!
Sixoxisana noKhethiwe weTV
BONA ZULU - December 2005
BONA ZULU - December 2005
"Ngakuthanda ukudlala indawo kaKhethiwe."
