Zulu.1671.10ques
IMIBUZO
1. Iziphi izitaladi owawudlala kuzo usakhula"
Ngazalelwa eLamontville ngakhulela eMlazi lapho ngaqala khona ukudlala umculo. Ngangivame ukudlalela abangani bami ngisebenza egcekeni.
2. Iyiphi ingoma ekukhumbuza ebusheni bakho"
IGet Down yeBlackbox. Kwakuyimi kuphela uDJ owayenama-remixes angaphezu kwamahlanu aleyo ngoma. Nganginomngani wesimame owayefunda eNgilandi engiphathela umculo.
3. Sekuyisikhathi esingakanani uziphilisa ngomculo"
Iminyaka engu-22. Kwaqala njengento yokuchitha isizungu, manje sekuyibhizinisi.
4. Ngempela ingoma yezimanga iWewe yavelaphi"
Ngisakhula nabangani bami sasivame ukuqasha itekisi siye ebhishi. Abanye babo kubandakanya namantombazane babelenga emafasiteleni bamemeze bathi: "Weh! Weh! Weh!" Thinake njengoDJ ngaleso sikhathi sasivame ukuthi - "dlala nge wewe"!
5. Ngabe ikhona ingoma osucije ngayo ngesikhathi sentokozo kaKhisimusi"
Yebo. Kumanje ngimatasa nomculi omusha uYelo osayine ngaphansi kwelebuli yami i- Air Records.
6. Yini ovame ukuyenza
ngesikhathi sentokozo kaKhisimusi"
Ayikho. Konke kuncika kubantu ngoba impilo yami ilawulwa wukubhukwa yibo. Ngakhoke abantu abangu 'mkhomba-ndlela' wengikwenzayo nokuthi ngizokuba kuphi.
7. Ufisa ukuba kuphi ngale New Year's Eve"
EThekwini nomndeni wami njengoba ngivame ukuba kude nawo.
8. UnguDJ ongazwakali ezintweni zamahlazo. Ngabe kukhona okwakuqwashisa phambilini"
Cha akukho. Ngakhulela esisekelweni senhlonipho ekhaya nokuyilapho ngafunda ukuthandaza nokuya esontweni.
9. Sikhona isigigaba
osikhumbulayo esihlekisayo esenziwa ngabalandeli besimame"
Kungesikhathi ngidlala ohambweni lwesitimela eminyakeni embalwa edlule. Kunowesimame owayedansa wagcina esengikhombisa izingubo zakhe zangaphansi, wangibiza ngenqaba!
10. Sitshele ngomndeni wakho
Sihlala eGlen Anil eThekwini.
Umkami uwusizo kwengikwenzayo.
Indodakazi yami inezinyanga
ezine manje. Ingikhahlela ngivuke ekuseni ngoba iyathanda ukunakwa.[z]
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
SIXOXA NESIHLABANI
kaDJ Siyanda
UDJ weMetro FM ongowokuzalwa eThekwini usitshela ngomndeni wakhe, abalandeli besimame nangezinhlelo zakhe zesikhathi sentokozo kaKhisimusi!
