zulu.1665.boss
Zisebenze uzimele!
Iningi lethu linesifiso sokungena kwezamabhizinisi lizakhele imali eningi - ukuzimela uzakhele imali kuhle kodwa akulula. Iqinisio wukuthi ambalwa amabhizinisi amancane akwazi ukumelana nesikhathi esingangonyaka. Lokhu ungakwenza kanje...
indaba ngu Grace Khuzwayo
NGISHO ngabe ubomqondo omuhle kangakanani kwezamabhizimnisi kodwa futhi kudingeka uzinikele usebenze ngokuszimisela uma ufuna ukuba ibhizinisi lakho libe yimpumelelo. Kulesi sipesheli sikaBONA sizodingida okubalulekile. Lokhu kubandakanya...
Ungumuntu onjani - uyazazi ungaphumelela
Zibambele mathupha - azi ngokudingayo ngaphambi kokuba uqale
Ukubona isikhala - thola ukuthi imuphi umkhiqizo noma umsebenzi umphakathi odinga ukwenzelwa wona.
Tshela abantu ngalo - maketha ibhizinisi lakho.
PANEL 1
Unakho okuzokuphumelelisa?
KUFANELE wethembeke. Kukaningi ubona abantu ezimbonini bekhushulelwa ezikhundleni ezingabafanele, kodwa lapha nguwe obhekene nesikhundla sokuziphathela kulokhu okwenzayo.
Ngabe unalo...
UTHANDO!
Kufanele uyithande into oyenzayo kunokuba uyibone njengento ekungenisela imali.
UKUZETHEMBA!
Ngoba impumelelo ngeke ize kuwena kalula.
ZINIKELE!
Ukuzisebenza kusho ukuzimisela ngokusebenza amahora amade. Kufanele ukwazi ukuzilawula ngendlela efanele. Uma uziphethe, kulula ukuzifikela nanoma yingasiphi isikhathi noma uthathe ikhefu noma yinini ngokuthanda kwakho - kodwa kuzodingeka ubambelele emigomweni ozibekele yona.
MELANA NESIMO!
Sebenza ngezinhle - ukwazi ukusuka kuPlan A ujikele kuPlan B uma izinto zingahambi ngendlela - nokuba ukwazi ukuvuka uzithathe.
YIBA NOMQONDO!
Thola izindlela ezinhle zokuthuthukisa umkhiqizo wakho.
THUTHUKA!
Kufanele ubuqhubele phambili ubudlelwane bakho namakhasimende akho.
PANEL 2
Unakho okokuqala?
NGAPHAMBI kokuqala ibhizinisi lakho, kuningi okufanele ukuqaphele. Lokhu kubandakanya...
IZIMALI
Uzodinga imali eyanele ukuze uziphilise wena nebhizinisi lakho cishe izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni. Khumbula - njengoba uzobe uziphethe - azi ukuthi ngeke usaba nemali ozoyihola zinyanga zonke.
INDAWO YOKUSEBENZELA
Indawo osebenzela kuyona kufanele ifuze eyokuqhubela ibhizinisi. Uma ukhetha ukusebenzela ekhaya, qiniseka ukuthi indawo osebenzela kuyona ikude nomsindo wekhaya noma nokuphazamiseka.
IMPAHLA OYISEBENZISAYO
Ambalwa namuhla amabhizinisi aphumelela ngaphandle kwekhomphyutha, ngakhoke kungakuhle ukuba ihhovisi lakho noma indawo osebenzela kuyona ibe nekhomphyutha, i-printer ne-fax kanjalo futhi ube ne-Internet.
AMAKHONO
Amakhono amaningi ehlukene azokuvulela iminyango. Kungakuhle wenze izifundo zamakhono kwezamabhizinisi ezihambisana ne-bookkeeping ne-marketing.
PANEL 3
Bona isikhala
QAPHELA! Uma ubona isikhala emakethe ngomkhiqizo noma ngosizo oludingekayo - bambelela kulokho, ngokusho kukaFran Piggott oqeqesha abamabhizinisi amancane - kuya kwawabamakhulu.
"Zibuze ukuthi ngani?
"Uma kukuhle kungani pho kungenziwa khona manje?"
Ngakolunye uhlangothi, uma uthola ukuthi abantu benza into obuzimisele ukuyenza, qhubeka nayo.
Udinga ukuncintisana ngoba yikho okukutshela ukuthi kunemakethe enkulu yomkhiqizo wakho.
Indlela elula yokubona isikhala semakethe wukubheka inkinga ejwayelekile bese usungula umkhiqizo noma wakhe ibhizinisi lakho ngaleso sisombululo. Lesi yisona siqiniseko sempumelelo.
Uhlangana nazo kuphi lezi zinkinga? Lalela abantu uma bekhalaza.
Bakhalaza ngani? Ungakwazi ukuxazulula izinkinga zabo?
PANEL4:
Ukuthuthukiswa kwemikhiqizo
USUKULUNGELE ukuvula ibhizinisi? Manje sekudingeka ukuba utshele abantu ngalo, ungakhohlwa wukuthi inhloso yakho wukuzingenisela imali.
"Umkhiqizo omusha uzodla imali eshisiwe nesikhathi esiningi ukuze laziwe ibhizinisi lakho, ngakhoke zibekele enye ingxenye yemali yokuba ulimakethe (advertising)," kusho omunye wochwepheshe kwezamabhizinisi.
Indlela enhle engabizi ekumaketheni ibhizinisi lakho wukuba utshele abantu ngalo. Labo obatshelile ngalo, yibo abagcina sebetshela abanye.
Ungasebenzisa nezinye izindlela zokulithuthukisa njengokuthenga isikhala ephepheni langakini noma ubhale ama-flyers.
Ungaphanyeka nama-flyers ezigxotsheni zomgwaqo nasemigqonyeni kadoti.
Bhala ukuthi usebenzelaphi - nasemotweni yakho bhala.
Imakethe yakho yakho mayanelise izidingo zamakhasimende ngaphandle kwalokho, uzochitha imali yakho.
Qiniseka ukuthi amasayini, ama-flyers nama-poster kwenziwe ngendlela yobuchwepheshe.[z]
NGEMINYE IMINININGWANE:
Abe-SEDA (Small Enterprise Development Agency) banika izeluleko ezibalulekile kulabo abafuna ukuzisungulela amabhizinisi amancane - kubandakanya nosizo lwezezimali. Banamagatsha kulo lonke elaseSA. Xhumana nehhovisi labo elikhulu: 086-010-3703; noma 012-441-1000; e-mail: info@seda.org.za - Web: seda.org.za
BONA July 2008
ZITHUTHUKISE NGOKWAKHO
ISELULEKO ESIHLE
Ungaxhamazeli...
Uma uqashiwe, kungumqondo omuhle ukuba ungesuli emsebenzini wakho kuze kube umkhiqizo ofuna ukuwudayisa usuwuhlolile nokuyinto ongayenza ngesikhathi sakho.
Isibonelo, uma uzimisele ngokusungula ibhizinisi lokuziphilisa ngokudla, thatha ama-oda emicimbini ngezimpelasonto. Uma lokhu kukuchuma, usungawusebenzisa lo mqondo ekusunguleni ibhizinisi lakho.
DOREEN NGCOBO, umnini webhizinisi lokupheka elinempumelelo
ISELULEKO ESIHLE
Banike abakufunayo...
Uma ufuna isikhala emakethe kufanele uvule amehlo akho ubheke ukuthi kwenzekani kuleyo ndawo uvule nomqondo wakho ucabange ngento noma ngomkhiqizo ongakwakhela imali.
Ngaphezu kwakho konke khumbula ukuthi udinga amakhasimende akho uwanike akudingayo hhayi wena lokhu ocabanga ukuthi kuyadingeka.
FRAN PIGGOTT, of Marketing Guru
STRAPARIAL
U-80%
wamabhizinisi amancane ayehluleka wukumelana nesikhathi esingangonyaka nokuyinto okungafanele yenzeke ebhizinisini lakho.
BONA July 2008
BONA July 2008
BONA July 2008
