zulu.1660.lifestyle
Impilo yosaziwayo noBONA
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguPAPI MORAKE
BONA ZULU – July 2006
UNGALINDELA ukubona umbala omnyama nomhlophe kuyiyo ehlobise ikhaya likaMickey Modisane. Kodwa lo mxhumanisi wePirates nomphakathi ngumuntu ongakuthandi ukugqama uma engasekho emsebenzini.
Kungakho ungeke ulibone ikhanda lesipoki namathambo aphambene. UModisane akadingi ukuze akhombise ukuthi uyilungu lokuqina lezimnyama ezikaMagebhula.
Ukuqikelela akusebenzisayo ekuqinisekeni ukuthi igama elihle lale kilabhu lihlale limile, kufana ncamashi nokuqikelela kwakhe kwakudlayo nakuphuzayo lo mlisa oneziqu zezomthetho.
Ngokukankosikazi wakhe uBarbara, uMickey lokho kunakekela ukusebenzisa noma ehlobisa ikhaya lakhe.
“UMickey uyayazi into enhle. Ukwenza isibonelo,” kusho umkakhe ekhomba, “uyababona labosofa baneminyaka engu-6 bekhona kodwa namanje basabukeka kahle ngoba abekhwalithi.”
Ngokwazi into enhle, noBarbara uyefana noMickey kanti bayabonisana ngaphambi kokuba kube khona into abayithengayo.
Kwaba wukuvumelana kwabo okwenza baba nendawo evulekile ebandakanya iTV-room, i-lounge ne-dining room.
“Sakhetha le ndawo evulekile ukuze izingane zethu zihambe ngokukhululeka zithole nendawo enkulu yokudlala,” kuchaza uModisane.
Lezo zingane ngoMoagi (3), uPalesa (4) noLeseane, oyindodakazi kadadewabo kaBarbara.
Kukhona futhi nodadewabo kaMickey omncane uGiven ofunda ekolishi.
Uma uMickey engafundi izincwadi noma engalalele umculo ohlukene obandakanya iR&B, kwaito ne-jazz, usuke esekameleni elikhulu evuselela kabusha ulwazi (update) kwi-website yePirates kwikhompyutha.
NgokukaBarbara, ikamelo lokulala ngenye yezindawo uMickey aphumula kuyo lapho izinto zingahambi kahle kwezikaMagebhula.
“Ngiye ngimzwele uma ikilabhu yehluliwe,” kusho umkakhe. “Umsebenzi wakhe umnika ingcindezi enkulu aphatheke kabi lapho kukhona okungahambi kahle ekilabhini.
“Ikhambi lakhe kulokho, wukuba ahambe ayolala.”
Ngosuku cishe uthola izingcingo eziphakathi kuka-300 no-500.
“Ezinye zezingcingo zingena nangezikhathi ezimbi ezingafanele,” kusho uBarbara.
“Kukhona labo abashaya ucingo phakathi kwamabili ngoba mhlawumbe befuna ukwazi ukuthi umdlali othile ubengadlaliswa ngani.
“Okwenza kube nzima kakhulu wukuthi uMickey akusho ukuthi kufanele anelise abalandeli kuphela kodwa futhi kudingeka ukuba aphendule imibuzo enzima kwabezindaba.
UBarbara usiza ngokuba aqikelele ukuthi umyeni wakhe ubambelela ekudleni okunempilo. Ipharishi aliphekwa emzini wakwaModisane. UBarbara uyaqinisekisa futhi ukuthi uyasisusa isikhumba enkukhwini asuse namanoni enyameni ebomvu ngaphambi kokuthi ayigrile.
“Uma nizwa uMickey ekhala ngezinga eliphezulu lamafutha emzimbeni, ningabeki mina icala,” kusho umkakhe.
Ngesinye isikhathi uMickey uye angayizwa imiyalelo yomkakhe aphume ayothenga ukudla ayekuthanda esakhula eSoweto.
“Uma ngifuna ipapa, ngiphuthuma e-restaurant ngiyolithenga,” kusho yena.[z]
K
Lutho ipapa...
ule ‘nkosi’ yePirates
NGEZANSI KWESOKUDLA: Ukubukeka kahle kubalulekile kule nsizwa engumkhulumeli wePirates.
KWESOBUNXELE: UMickey noBarbara bephumule endaweni uMickey ayithandayo.
KWESOKUDLA: UMoagi noPalesa besamukela ekameleni labo.
NGEZANSI: “Uma nizwa uMickey ekhala ngezinga eliphezulu lamafutha emzimbeni, ningabeki mina icala,” kusho uBarbara.
NGEZANSI KWESOBUNXELE: UMickey uthola izingcingo eziye zifike ku-500 ngosuku. Kungakho ekudinga ukuphumula.
Sisekhaya noMickey Modisane wePirates nomndeni wakhe
BONA ZULU – July 2006
u
I
t
NGEZANSI: UMickey uyakwazi ukuhlobisa umuzi ube muhle - kusho umkakhe.
BONA ZULU – July 2006
‘nkosi’
yePirates!
NGENHLA KWESOKUDLA: Igumbi lekhompyutha lapho uMickey ewuqhubela khona umsebenzi wakhe.
KWESOKUDLA: Umndeni othokozile – uBarbara noMickey bekanye noMoagi, Palesa nodadewabo kaMickey omncane uGiven.
PHEZULU: Amanye amaCD anawo!
NGENHLA KWESOKUDLA: Yisikhathi sokuphumula ekhaya.
KWESOKUDLA: Uma ungumkhulumeli wekilabhu enkulu kangaka eSouth Afriica, kufanele uhlale ubukeka kahle.
BONA ZULU – July 2006
