zulu.165.yourlifeguide_motivation_2
Ungesabi ukuba namaphupho!
Abantu abanamaphupho bayithemba lomhlaba. Ngokulandela amaphupho ethu singenza okungeke kwenzeka...
UMHLABA ngowalabo abanamaphupho. Kuhlale kunabantu empilweni abaphokophelele impumelelo ngisho ngabe babhekene naziphi izingqinamba. Ngokubambelela kuNKULUNKULU bayaphumelela ukwenza okunzima kube lula!
Ngabe nawe ungaba ngomunye walaba bantu abayisipesheli?
Yebo, usunguye ngoba nawe unamaphupho. UMdali Usenze sonke saba namaphupho amahle. Okubi wukuthi sinamaphupho angemahle.
Ake ucabange ngalokhu. Nakuba siphuma emakhaya angafani sinamakhono ahlukene, kodwa uma siza ngasezintweni ezibalulekile empilweni - sonke sinesabelo esilinganayo.
Ake ubuke isikhathi. Sonke sinamahora angu-24 ngosuku ngisho ngabe ucebile noma uyahlupheka, umnyama noma umhlophe.
Uma sekuza ngasemaphusheni, ayikho imiqathanga elinganiselwe. Angikhulumi lapha ngamaphupho esiwaphupha ebusuku. Ngikhuluma ngezifiso zakho, ocabanga ukuthi ungakwenza nokucabangayo ngekusasa lakho.
Ungalenzi iphutha ngalokho. Wonke umuntu onamaphupho ufana nohlanya kuze kube amaphupho akhe ayafezeka bese kuthi bonke abakade bemhleka bafise ukuba basondelane naye.
Umuntu onamaphupho kuye kudingeke abe nokuphambana kwemibono nokungabekezelelani ngisho ngabe kwenziwa ngabanye abanamaphupho. Ngezinye izikhathi kufanele ube namaphupho aqondene nawe uqobo.
Abantu abanamaphupho bayithemba lasemhlabeni. Konke esikubonayo namuhla: amabhilidi amakhulu, amasonto amakhulu nezinto zesayensi - konke kwenzeka ngenxa yabantu ababenamaphupho amahle.
Njengezingane, sinamaphupho amakhulu - sifisa ukuba ngodokotela, abammeli, ophrofesa nama-astronauts; sifisa ukuba yizihlabani nezinjinga zakwezamabhizinisi.
Kuthi lapho sesikhulile igebe phakathi kwesasikucabanga nesikhathi esesiphila kuso, libe likhulu kakhulu. Ngokushesha uyadikibala uwashiye phansi amaphupho akho.
Ngokucabanga kwethu lokho sikuthatha njengokukhula.
Ngiyanicela ukuba nibe yizingane futhi - nibe namaphupho amahle azonakhela ikusasa elihle.
Abantu abanamaphupho amahle kufanele bafunde ukuphumelela phezu kwezingqinamba.
Amaphupho akho ngeke afezeke ngaphandle kobunzima nengcindezi okubukeka kungelula ukuyinqoba.
Angikaze ngizwe ngomuntu onamaphupho ongazange adlule emimangweni yezintaba ezinganyakazi.
Ekugcineni amaphupho akho kufanele aphumelele. Uma ungadikibali, amaphupho akho azodlula.
Amaphupho akho azodinga wena ukuba uzinike isikhathi nomdlandla ekuwalungiseleleni, usebenze kanzima ngisho ngabe ungumuntu okwenqenayo lokho.
Lokhu wukuphupha okwenzeka emini uvule amehlo.
Khumbula, awuwakhethi amaphupho akho kodwa yiwo akukhethayo.
Uma kunguwe okhetha amaphupho akho, kusho ukuthi awuphuphi ngokuyikho nokuyinto ezokwenza ukuba utheneke amandla ngokushesha. Uma amaphupho akho ekukhetha wena, ubokwazi ukuthi uhamba ngokuyikho. Uma ukhetha amaphupho akho kuchaza ukuthi kukhona okonakele ngokwezinhlelo zakho nokuyinto ezokwenza udikibale kalula.
Ngisengumfana kuningi engangifisa ukuba yikho ngezikhathi ezahlukene. Ngagcina nginesifiso sokuba wudokotela nophrofesa. Emva kokuthatha kwami uSindiso, ngabizelwa ebufundisini. Namuhla nginguMfundisi ofundisa ngeZwi ngiphinde ngikhulekele abagulayo.
Sengike ngababona abantu belashwa ngaMandla kaNKULUNKULU ngisho nasezifweni ezingalapheki. Ngiphila ngokwephupho lami lokufundisa nokwelapha abagulayo nokufundisa ngamaqiniso empilo naweZwi loMdali.
Yiliphi iphupho lakho olabelwe nguNKULUNKULU.
Bheka lokhu okukukhathazayo, okukucasulayo nokukuthokozisayo nemicabango ohlale unayo. Noma yini ehlale isengqondweni yakho, iyohlale isendleleni yakho.
Qhubeka namaphupho amahle![z]
Pastor George
Ngiya-kucela ukuba wenze njenge-ngane
ube nephu-pho elizokwa-khela ikusasa elihle
SIYAKUKHUTHAZA
