zulu.1654.blockpuzzle
BONA Block Puzzle
BONA ZULU – October 2006
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomdlali ezikweleni ezimnyama.
No 60
WINA
Usuku lokuvala: 31 October 2006
Wina izimpahla zePIRATES
ZIBEKE ethubeni lokuwina ijezi le-Orlando Pirates nebhola okusayinwe abadlali baleli qembu!
Lezi zimpahla ezintsha zisanda kwethulwa eThekwini kanti zenziwe ngendlela yokuthi zigcine abadlali bepholile, bomile bephatheke kahle. Indwangu yejezi yenza umoya ungene kahle ukuze abadlali balikhiphe kahle ikhono labo enkundleni.
Abakwa-Adidas, abakhiqizi baleli jezi balindele ukubeka iPirates kwelinye iqophelo ngalolu chunge lwezimpahla zabo ngoba abadlali bazokhululeka uma begqoke ijezi babukeke besesimweni sokwenza ezibukwayo kunoma iyiphi inkundla.
U-Irvin Khoza uthi, “Uyilokho okugqokayo.”
Ongakuwina
Abalandeli be “Bhakabhaka” akufanele baphuthelwe yileli thuba! Kule nyanga uBONA unamajezi amabili eqembu le-Orlando Pirates asayinwe abadlali kanye namabhola amabili nawo asayinwe abadlali okumele kuwinwe.
Ngabe kukhona okudlula lokhu abalandeli abangakhombisa ngako ukuthi balixhasa kangakanani iqembu labo? Abane abazowina bazothola ijezi noma ibhola umfundi ngamunye.
Ukuze uwine
Gcwalisa izikwele uthole igama elifihlekile kwezimnyama. Kwi-postcard, bhala impendulo, igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini uyithumele kuleli kheli: BONA/ Block Puzzle No 60, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe uPIRATES ku-35919. (I-SMS ibiza u-R3.) [z]
