zulu.1653.yourstyle_teen
UBonang Matheba
Umethuli wohlelo iLive usitshela ngento ebiza kunazo zonke ku-wardrobe yakhe nokuthi yini angeke ahlale ngaphandle kwayo kwezefeshini
1. Ingubo yami engiyithandayo…
EyeCalvin Klein umama wami angithengela yona phesheya.
2. Isitayela sami engaziwa ngaso…
Ama-jeans angibambayo, izicathulo eziphakeme, ama-top amahle nezinto eziningi zokuhloba.
3. Lapho ngibuthaka khona…
Ezibukweni zelanga, kuma-handbags nasezicathulweni.
4. Into ebiza kunazo zonke
kwi-wardrobe yami…
Yisikhwama sami seLouis
Vuitton esabiza R22 000.
5. Ngingazithatha izeluleko zefeshini…
Kumculi uRihanna nowayenguMiss SA uJoanna Strauss, ngoba bayizihlabani zami zefeshini.
6. Izitolo zami engizithandayo….
YiMango, Pulsate neLegit. Ngiyathanda futhi nokuthenga eLong Street eCape Town.
7. Ku-handbag yami kuhlale kukhona…
I-MAC lipgloss nezibuko zelanga.
8. Imibala engifanelayo…
Okumnyama nokumhlophe kokugqoka; uzobe awulahli nakancane uma ugqoke leyo mibala - iyezwana.
9. Ngithanda ukunuka…
Kwe-DKNY okuyisiqedaphunga sosuku nokwe-Dolce And Gabanna yasebusuku.
10. Isiqubulo sami sefeshini sithi…
Khuthazeka, kodwa
ungakopeli izitayela
zabantu.[z]
Izitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Elmarie Knatton
IFESHINI YABASHA
