zulu.1651.petrol
Uphethiloli noma
u-diesel"
NGESIKHATHI abazali bethu besebasha, izimoto zika-diesel - lezo ezazimbalwa zikhona zazikhipha intuthu emangalisayo futhi zingenawo amandla. Kwakuthi lapho zidinga ukufakwa u-diesel, ziyoklela namaloli amakhulu egalaji lapho kunendawo yokufaka u-diesel.
Namuhla izimoto zika-diesel zehluke kakhulu ngenxa yokuthuthuka kwezobuchwepheshe. Azisathunqisi intuthu kanti futhi zisebenza kahle kakhulu.
AmaBMW angama-530d, ukwenza isibonelo, afinyelela ku-100km/h ngemizuzwana eyisishiyagalombili kanti asebenzisa ngaphansi kwamalitha ayisishiyagalombili ngamakhilomitha angu-100 ewahambile.
Ngakolunye uhlangothi lwezomnotho nokusebenza, iGetz yeHyundai ine-1,5-litre turbodiesel esebenzisa cishe amalitha angu-5,5 ngamakhilomitha angu-100.
Ukubiza
Kunezinto ezimbalwa okudingeka ukuba uzibheke ngaphambi kokuba uyothenga imoto ka-diesel...
INANI LEMOTO: I-Hyundai Getz 1,5 turbodiesel ithengisa ngo-R150 000, ekubeni eyohlobo olufanayo eyi-1,4 litre esebenzisa uphethiloli ingaphansi kwalena ngemali engu-R25 000.
Mncane kakhulu umehluko osekusebenzeni kwazo kanti nokudleka kuka-diesel kungcono kangangoba ungathenga uphethiloli omningi ngale mali engu-R25 000 ongayonga ngemali yemoto.
Lokhu kusiletha ekutheni...
INANI: Njengoba izinkampani eziningi zakwelase-Europe zithengisa u-diesel ngamanani aphansi kunalawo kaphethiloli, namuhla eSouth Africa u-diesel ubiza kakhulu.
EThekwini ngesikhathi ngibhala le ndaba, uphethiloli ububiza R6,77 ilitha ekubeni u-diesel ububiza R7,26 - kanti u-diesel ocoliseke kakhulu osetshenziswa ezimotweni ezinezinjini ezi-turbocharged wona ubiza ngaphezu kwalokho.
Ithange eligcwele kwiGetz ka-diesel lingakuhambisa wena nomndeni wakho mhlawumbe amakhilomitha angu-818 likubize R333 noma cishe 41c ngekhilomitha.
Ithange likaphethiloli elingu-45-litre lona lingadinga ukuba uphinde uligcwalise emva kwamakhilomitha angu-562, likudle cishe R305 noma 54c ngekhilomitha.
Ake sithi ngenyanga uhamba cishe amakhilomitha angu-2 000 noma angu-24 000 ngonyaka, kuzokuthatha cishe iminyaka engaphezu kweyisishiyagalombili ukuphinde uthole le mali engu-R25 000 ethe xaxa owayikhokha ukuthenga imoto ka-diesel.
Ochwepheshe bayavumelana ngokuthi izimoto zika-diesel ziwumqondo omuhle kakhulu.
Okuhle ngazo
Izinjini zika-diesel uma ziphathwe kahle zingaphila isikhathi eside kunalezo ezifana nazo ezisebenzisa uphethiloli ngamaphesenti angu-100.
Nakuba zingagijimi kakhulu kunalezo ezisebenzisa uphethiloli noma zingenawo amandla amakhulu, ezingama-turbodiesel zinamandla amakhulu kangangoba zingehla endaweni eyehlelayo ngaphandle kwesidingo sokushintsha igiya.
Ziyakwazi futhi ukuba zidonse ezinye.
Ngoba azinawo ama-spark plugs noma i-electronic ignition system, ngaleyo ndlela azinazo izinkinga zama-ignition nokugqamuka komlilo kanti futhi azinazo izinkinga zokuxhelwa amanzi ngesikhathi sezimvula ezinamandla noma ngesikhathi zinqamula umfula.
Lokhu kuhle kakhulu kubathengi bama-4x4 kodwa kwabanye bethu abaningi akunjalo.
Izindaba ezimbi ngezithi kuthi lapho kukhona okungahambi kahle ezimotweni zika-diesel, kubize kakhulu ukuzikhanda. Ngakhoke kufanele zinakekelwe ngokuyikho.
Ukuthenga
MAKE sithi usucabangile ukuthi ufuna ukuthenga imoto ka-diesel eyisekeni engadli eqolo.
U-Andre Oelofse uyimenenja yakwaTransUnion kwezokukalwa kwenani, nokuyinkampani ekhiqiza incwadi i-Mead & McGrouther emayelana nokubiza kwezimoto esezisebenzile.
Uvumile ukuthi nakuba ezinye izimoto zika-diesel zinamanani akahle, kwezinye akunjalo kanti zingatholakala ngemali ephansi kunezifana nazo ezisebenzisa uphethiloli.
"Kuncika ikakhulu ngohlobo lwemoto nokuthi iyiphi i-model oyikhethile, nakwimakethe ethengisa kuyona," kusho yena.
"Okunye okubalulekile yisimo ekuso nebanga esilihambile. Uma ufuna imoto mhlawumbe esiyenze cishe 200 000km ubokwazi ukuthi sekuyisikhathi sokuba ushintshe izinto ezifana nama-injectors nokuyinto engadla ephaketheni.
Enye into mhlawumbe enqenisa abaningi ukuba bathenge izimoto zika-diesel, wukuthi izinga lika-diesel lapha eSouth Africa belisemumva kakhulu kunalelo lamazwe omhlaba.
Njengoba u-diesel wethu unezinga eliphezulu le-sulphur, lokho kwenza uwoyela ushintshashintshe - cishe njalo kumakhilomitha angu-5 000.
AbakwaToyota South Africa, babekhathazekile ngokwakuzokwehlisa isithunzi sabo nalapho benqaba khona ukuletha izimoto zika-diesel lapha eSA ngaphambi kukaJanuary 2007, lapho isishaya-mthetho sagcizelela ukuthi izimboni eziphehlayo zehlise izinga le-sulphur ku-diesel liye lifinyelele emazingeni amukelekayo.
Uma unesifiso sokuthenga imoto esebenza ngo-diesel eyisekeni, bhekisisa ibhuku layo lomlando we-service uqiniseke ukuthi ukushintshwa kwamafutha yinto eyayenziwa njalo ngendlela abenzi balolo hlobo lwemoto ababegunyaze ngayo.
Uma kungenjalo, ngabe uzithengela izinkinga zomunye umuntu.[z]
BONA ZULU - March 2008
Lona yiwona mbuzo abantu bakuleli abazibuza wona njengoba izimoto zika-diesel ziya ziba sesitayeleni. Kodwa izinto azilula njengoba zibukeka...
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
Inkulumo mpikiswano enkulu!
OKUHLE:
u Iwudla kancane uphethiloli.
u Injini inempilo ende uma inakekelwa ngokuyikho.
u Akukho okudala ukuvutha komlilo.
u Ayisheshi ingene ejubaneni.
u Ilungele noma yisiphi isimo.
OKUNGEKUHLE:
u Ngeke uzithole izindleko ozichitha ngemali kaphethiloli.
u U-diesel awusabizi kancane kunophethiloli.
u Ukusevisa kubaluleke kakhulu.
u Kubiza kakhulu ukukhanda.
u Ayisheshi njengekaphethiloli.
u Zinomsindo ngaphezu kwezikaphethiloli.
BONA ZULU - March 2008
